Incazelo ngesilwane iMfene🖋️👇🏾

Incazelo ngesilwane iMfene🖋️👇🏾

21 January 2023

IMfene/ Baboon:


Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane
ezinye ziyokufa uMdlebe🙌🏾

Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba ukuthi basaphila kumagumbi
amane omhlaba.

IMfene yisilwane esitholakala ehlathini ,ikakhulukazi ezindaweni ezinezintaba.
Kuthiwa ziningi izinhlobo zeziMfene, kukhona iMonkey esiyazi ngekeNkawu,
kukhona iChimpanzee, kukhona iYellow Baboon, kukhona iGuinea Baboon,
kukhona,kukhona iChacma Baboon, iOlive Baboon, kukhona iKinda Baboon kanye
nezinye izinhlobo eziningi . Lena etholakala lapha eNiningizimu Afrika kuthiwa
iChacma Baboon, iyatholakala kulo lonke eleAfrika esemazansi. Kunenkolelo ethi
abantu abansundu bathakatha ngayo iMfene, leyo nkolelo ithi bayayifuya emakhaya
beyifuyela ukuyithuma ukuba iyogila ubusokoco emizini yabantu. IMfene
iyisilwane esihlakaniphile futhi esingakhohlwa, asingamlabali umuntu owake
wacisha wasenza isilo sengubo ngaphambilini. Phela ziyaxaka iziMfene emasimini,
zintshontsha ummbila . IMfene yenduna kuthiwa iKhonde, eyensikazi noma
eyesifazane kuthiwa uMathananazana. Abantu bakwaZulu bayihloniphisa ngokuyibiza
ngeMbuzimawa. Uma emndeni kukhona umuntu omdala onegama elithinta iMfene,
abaKoti bakulowo muzi abalokothi balithinte igama leMfene uma bexoxa ngayo.
Bathinta elokuyihlonipha,elithi iMbuzimawa.

*Ekwelapheni*

-Ubuchopho beMfene bungena emibhemisweni ebhenyiswa ingane enenkinga
yokukhohlwa izinto, ngenxa yobukhunkuli . Phela iMfene isilwane
esihlakaniphile, esingalibali.

-Isandla sesinxele seMfene singena emabhandeni okulwa,nasezintelezini
zokuchela izinduku zezinsizwa ezingcwekayo, eMgangeleni. Siyangena futhi
nasemithini yokuphindisa.Phela iMfene kuthiwa isibenzisa isandla sesinxele uma
ishaya, ikakhulukazi uma ijezisa ichwane layo.

-Iphaphu leMfene lingena ekwelapheni izizwe.

-Inhliziyo yeMfene ingena emabuthweni athunywayo.

-Isikhathi seMfene yesifazane singena embizeni ephuzwa wumuntu wesifazane
onenkinga yefindo elinganqamuki. Owopha ukungenamkhawulo .

– UMshobingo weMfene uthandwa kakhulu ngabantu besiMame, kuthiwa benza ngawo
iSibambelelo.

Khumu!

Thola olunye ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo
TV📺”

Niphile nina beMbuzi kaDambuza abayibambe ngendlebe yabekezela,
ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni, yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda
amadoda!

Chacma Baboon

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo