Incazelo ngoZeneke(Harmanthus Deformis)🖋️👇🏾

UZeneke:

Nina bakaCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMkhumbi gudluka sibone aMgumgedlela🙌🏾

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade .
Lo muthi osesithombeni ubizwa ngokuthi ‘uZeneke ‘ igama lawo  . Ngokolimi loSosayensi lo muthi ubizwa ngokuthi ‘iHaemanthus Deformis’. Lona wumuthi ongazwani nokushisa kwelanga, kuyileso sizathu uvamise ukumila ngaphansi kwezihlahla ezinkulu, ukuze uthole umthunzi. Lo muthi uyatshaleka futhi , ungawutshala eThinini bese uwubeka endaweni enomthunzi, noma uwubeke ngaphakathi endlini ngoba lo muthi uyangena kuHla lwezitshalo ezibizwa ngama-Inner Plants.
Lona wumuthi okhonzwe kakhulu ngamaSoka. Uwumuthi wogazi, uyiSiqomiso. Insizwa esebenzisa lo muthi ithandwa kakhulu izintombi, ziyazeneka nje kuyona. Lo muthi wakha olukhulu ugazi ensizweni kangangokuthi ayandi kakhulu ngamazwi uma iqomisa. AmaSoka awukhonze kakhulu lo muthi ,awawushiyi lapho ethaka iNduku yawo emhlophe yokuphalaza. Awuqhatha neminye imithi emhlophe efana noMusa, uNginakile, uVumakubangoma omhlophe, uBhubhubhu, iNhlanhlemhlophe , uMtholo(uMafunazayithole ), uQhume (uMfazothethayo) kanye neminye. Le mithi engiyibalile awuyibhubhudleli yonke uma uthaka, kufuneka ukhethe embalwa. UZeneke ungeminye yemithi emandla kakhulu emithini yokuqomisa . Angikaze ngizwe kuthiwa ukhona omunye umsebenzi owenziwa yilo muthi, ngiwazela kwezoBusoka.
Niphile nje nina bakaMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni🙌🏾


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV📺” uthole ulwazi oluthe xaxa ngamakhambi

Khumu!

UZeneke

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo