Incazelo ngeZibu/uDabulamanzi/iBhudle loMndawe

Incazelo ngeZibu/uDabulamanzi/iBhudle loMndawe.
Nina bakaMdayi sabela kweliphesheya!
UZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni🙌🏾
Nalo-ke iZibu, lona wumuthi omila esizibeni, izimpande zawo zisekujuleni kwesiziba . Awumili esizibeni esingashoni. Lo muthi ubuye ubizwe ngeBhudle lo Mndawe,noma ngoDabulamanzi. Wumuthi wokukhuphula iSithunywa lo, wumuthi ongena kakhulu naseGobongweni loMndawe .  Kulo muthi kusebenza sonke isithombo sawo. Siyaphalaza ,singena kwezimhlophe ,ezikhuphula uMndawe. UMndawe yidlozi langasohlangothini lukaMama, okuthiwa lilungile kabi,linomusa ,futhi liyephana ngezinto ezinhle. Uma kulandwa iZibu  esizibeni, alilandwa isinomakanjani, liyacelwa kuBanini-siziba, kuBanini manzi. Licelwa ngemali ekhanyayo. Liyakhungwa. Alilandwa futhi inoma ubani. Lilandwa izinyanga ,esezike zalilanda ngaphambilini. Umuntu phaqa uma ethi uyolilanda kuyenzeka angabuyi, noma aminze asinde ngokulambisa. Noma ubani engaphalaza ngawo lomuthi, uma uphalaza ngomuntu phaqa ungena kwezimhlophe. Udonsa inhlahla,wakhe nogazi. Uyangena futhi nasemfuyweni. Izimpande zawo ezinoboya obuningi ziye ziphalwe uboya, bese ziyaqothwa zibe impuphu okuphululwa ngayo imfuyo ukuze ingadubi ikhaya, ziyangena futhi nasendukwini yokushunqisa imfuyo ukuze ingadubi ikhaya. Wumuthi obaluleke kakhulu lona ,othandwa kakhulu abantu abanaMandiki. IZibu ,kubuye kwenziwe ngalo iSibambelelo, liyangena futhi nakwiNtando, yokuhlanganisa amakhosikazi, esithenjini. IZibu liyangena futhi nakwezokuchela ekhaya, ukuxosha imimoya emibi. Ziyabethela futhi ikhaya, zithakwa neminye imithi. Lenza abathakathi lapho beyothakatha bangawuboni umuzi, kepha babone iDamu elikhulu noma uMfulakazi .
+Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺 olunye ulwazi ngamakhambi.

UDabulamanzi

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo