Incazelo ngoNomkhubulwana 🖋️👇🏿

Incazelo ebhalwe phansi ngoNomkhubulwana 🖋️

Lolu lwazi lucashunwe encwadini yoBaba uNxumalo noNyembezi esihloko sithi ‘iNqolobane’.

Kuthiwa uNomkhubulwana wabe aziwa ngokuthi uyiNkosazana yeZulu, noma indodakazi ka Mvelinqangi, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba.  Kuthiwa abantu basendulo, babekholelwa ekutheni uNomkhubulwana unikeza abantu izivuno ezinhle. Futhi babekholelwa ekutheni nguyena owayekwazi ukubaxhumanisa noMvelinqangi . Nguyena owabe edlulisela izicelo zabo kowaVela-kuqala. OKhokho bethu babemazisa kakhulu uNomkhubulwana, bemthwele ngeqoma , kangangokuthi babeze bamtshalele nensimu yakhe. Kuthiwa insimu ka Nomkhubulwana yayilinywa ngamakhosikazi wonke esigodi ,ayeyilima ngamakhuba emikhono.  Kule nsimu ka Nomkhubulwana kwakutshalwa ingxubevange yembewu ,kuthi lapho komila khona kube yinto exubene,kungahlakulwa kungavunwa.
Mhla kulinywa le nsimu oMame babehuba iHubo elaliqondene naye uNomkhubulwana. Lelo Hubo lalithi

Oholayo
“Nang’uMagejana nango!
Sibiz”amabele awoMame!

Abavumayo

“Wo hhaye ! Buyani madoda.
Niz’ekhaya ! Wo hhaye hhaye!”

Kwakuthi ngesinye isikhathi uNomkhubulwana aphiselwe uNomdede igama lotshwala ayephiselwa bona liqondiswa futhi nedili lonke nje lika Nomkhubulwana. Lobu tshwala bukaNomkhubulwana babusiwa ensimini yakhe uNomkhubulwana, obunye babuphuzwa  ,kuhutshwe neHubo likaNomkhubulwana. Lesi senzo kwabe kungenye yezindlela zokucela izibusiso kuNonkhubulwana .Kuthiwa kuNomkhubulwana kwakubuye kucelwe nezulu, uma lomisile .

Ake ngime lapho okwanamuhla nina beNgonyama enamandla. Ngokuzayo ngizochaza ngoNomhhoyi, naye owayethi akahlonishwe njengo Nomkhubulwana.

Khumu!!

Thola ulwazi ngamakhambi kanye nokunye okuthinta isintu kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺

Nina beMbube eshoba liyilisikithi 🙌🏿

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo