Umlando ngoMondisa ka Jobe Mthethwa⬇️

Umlando ngoMondisa/e ka Jobe Mthethwa.

Endulo babebabili oMondisa, kwakukhona owakwaSithole ,kwakukhona futhi nowakwaMthethwa. OwakwaMthethwa wabe engenye yamadodana  enkosi uJobe ka Khayi,engumfowabo wenkosi uDingiswayo. UMondisa wakwaSithole wayezalwa inkosi uJobe ka Maphitha Sithole, nguyena owabusa abakwaSithole eQhudeni emuva kokukhothama kwenkosi uJobe . Yena wazala uMatshana ,owabusa abakwaSithole ngesikhathi seSilo uCetshwayo . Inkosi uMatshana ka Mondisa yabamba elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana,mhla uZulu wehlula amaNgisi ,mhaka 22 Masingana 1879. UMondisa wakwaMthethwa yena waphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka, iLembe. Ngokomlando obhalwe phansi ezinqolobaneni ezilondoloza umlando, kuthiwa inkosi uDingiswayo yakhothama ngo1818 ,ngesandla senkosi uZwide ka Langa Ndwandwe, kuthiwa yakhothama ingayikhombanga insizwa eyabe izoyilandela esihlalweni sobukhosi . Kwathi ukuba inkosi uDingiswayo ikhothame, uMondisa wazibeka esihlalweni sobukhosi  , waba nguyena inkosi yaBathethwa. Kuthiwa ukuhlala kukaMondisa esihlalweni sobukhosi kwabangela ukuba isizwe saBathethwa sinqamuke kabili. Enye ingxenye yamvuma uMondisa njengenkosi , kodwa enye kayavuma ukuba aphathe.  Kuthiwa uMondisa waqala-ke manje ukubulala izikhulu zakwaMthethwa azabe zingahambisani nokuphatha kwakhe. Kuthiwa wazingenela impela ngempi yakhe yakhe ,wazidla ngejozi . Ngaleso sikhathi kwaZulu kwasekubusa iLembe.Kuthiwa kwagcina kusukume uNdunankulu waBathethwa uNgomane , wayobikela iLembe ngokubulawa kwezikhulu zakwaMthethwa,zibulawa uMondisa . Kuthiwa iLembe lathumela izithunywa kuMondisa ukuba ziyomtshela ukuba laselizwile ngezinxushunxushu ezabe zikwaMthethwa , futhi laselizwile nangokubulawa kwezikhulu , laselizwile futhi nangokuthi kukhona abangamamukeli uMondisa njengenkosi. Kuthiwa laqhuba iLembe ezithunyweni lathi ziyalele uMondisa ukuba kuhle akhuphuke eze kwaBulawayo lizombeka kahle njengenkosi, ngoba nalo esihlalweni sobukhosi lalibekwe inkosi uDingiswayo. Kuthiwa wavuma uMondisa ,wakhuphuka waphikelela kwaBulawayo . Wathi uma efika wazethuka ezivinjezelwe yimpi yeLembe ,eyamgwaza yambulala.  Kwathi lapho esebulelwe uMondisa, iLembe labeka uMmbiya ka Shangana ka Jobe njengenkosi yaBathethwa ,yize wayezalwa eKhohlo. Ekubulaweni kukaMondisa iLembe lathatha iziNgodosi zakhe ezimbili ,lazinika iqhawe lalo uNdlela ka Sompisi Ntuli. Amagama eziNgodosi kwakungoNompiya noSogidi.  UNompiya wafika waba iQadi likaNdlela, wazala uMpumela. USogidi yena waba liKhohlo, wazala uMavumengwana . UMavumengwana waba ngomunye wabaholi bempi yaseSandlwana,eyadidiyelwa uNtshingwayo ka Mahole Khoza.

Khumu!


Ngena kule nqolobane www.indabukoyakho.com ufunde ngomlando wezibongo zaboHlango

Thola olunge ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺. Kuleyo Shaneli uyobuye ufunde nangamakhambi akwaNtu. Sibuye sididiyele nempande.

UNqqongqoshe uNathi Mthethwa

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo