Amagama ezinkanyezi

Amagama ezinkanyezi
Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe!
Endulo ayekade engekho amaWashi , ayengekho futhi namaKhalenda kodwa lokho akusho ukuthi oKhokho bethu babengakwazi ukubona uma sekuzokwethwasa iHlobo, uBusika , iKwindla njalo njalo. Enye yezindlela ababebona ngayo kwakuba yi-zinkanyezi. Izinkanyezi zinesikhathi sazo sokuphuma , kukhona eziphuma eNhlobo, eBusika , eNtwasahlobo njalo njalo. Ake sibheke ezinye zezinkanyezi azazibululekile koKhokho bethu.
*INkanyezi
-INcazelo
* INkwenkwezi
-Uhlobo lwenkanyezi oluye luvele ekuseni ngezikhathi zoJulayi, iNkwenkwezi ikhanya ithi bha icishe ikhanyise okoNyezi.
*UMthala
– Lezi izinkanyezi ezivela zibe ningi zenze isixhobo , zanda kakhulu eHlobo. Ungalala zibheke endaweni ethile , kodwa kuyothi kusa sezibheke kwenye indawo.
* INtshola
-Uhlobo lwenkanyezi oluvela ekuseni kakhulu ngezikhathi zoSepthemba. INtshola ibuye ibizwe ngeQhubankomo ngoba iphuma ngesikhathi okuthiwa ngesokwebiwa kwezinkomo.
*ISicelankobe
– Inkanyezi evela elandele ukushona kwelanga
* ISandulela
– ISandulela sikhanya kakhulu, sivela kuphela eNtwansabusika(eDlinza)
*ISilimela
-Lezi izinkanyezi eziphuma zibe isixhobo ngaseNyakatho, iSilimela siphuma kwesikaBhadakazi
*INdonsa/INdonsakusa
-Lena yinkanyezi ephuma kuqala uma sekuyosa ,ihole ezinye ngokushesha. Iphuma entathakusa,ibe khona kuze kuse.
*IKhwezi.
-INkanyezi enkulu lena ekhanya ngokugqamile. Iphuma entathakusa,ilandelana neNdonsa.
*INdonsamasuku
-INkanyezi enkulu ebomvu,iphuma ebusuku sekulele wonke umuntu. Sekuqala ukuchathama abathakathi.
*ONdweliyana
-Uhwezane lwezinkanyezi olukhanya sakufikiza. Lubuye lubizwe ngoNdwendweni
*INsasa
-Uhlobo lwezinkanyezi olukhanya kakhulu,luyisixukwana.
*ISiphambano saseNingizimu
-Lezi izinkanyezi eziluhoyi, zenza umfanekiso wesiphambano obheke eNingizimu.
*ISindwengama
-Uhwezane lwezinkanyezi oluvela ngezikhathi ezithize , aluveli zikhathi zonke
*INqonqoyi
-Enye yezinkanyezi eziphuma entathakusa , abanye bathi kuseyinkanyezi eyodwa neNdonsa. Elinye igama layo kuthiwa yiNqongolozi
Ake ngime lapho bakwethu
Ngena kule nqolobane www.indabukoyakho.com ufunde ngomlando wezibongo zaboHlanga
*Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wami osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺 .
#Khumu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo