Nina bakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! Nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! INkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!
Enhla nasezansi ngiyababingelela nina abeZulu eliphezulu. Nanso-ke isithombe somuthi uMvongothi. Ubuye ubizwe ngoMfongothi, ngesilungu kuthiwa yi-Sausage Tree . Kususelwa kulezithelo zawo ezilengayo, eziyizigumbaxa, ezibukeka njengenyama ebizwa ngokuthi yi-Sausage ngesilungu. Ngizophawula ngengikwaziyo ngalo muthi, bese ngiphawula ngengike ngikuzwe ngalomuthi. Mayelana nengikwaziyo ,ngazi ukuthi lo muthi uvimbela umphezulu, ingakho abanye beye bawutshale nasemakhaya. Mayelana nengike ngikuzwe ngalomuthi, kuthiwa lo muthi ubuye uvuse nenkunzi . UwuMvusankunzi. Izimpande zawo ziyabiliswa, zibe yimbiza ephuzelwa ukuvusa nokuqinisa induku kowesilisa. Kuthiwa izimpande zibuye zikhulise induku yowesilisa. Bazixuba neminye imithi esingabala kuyo uMboko wendlovu noMzimuka,bakhande ngazo imbiza ephuzelwa ukukhulisa induku. Kuthiwa futhi lomuthi ubuye ufakwe nasegazini, ufakelwa khona ukukhulisa induku. Kuthiwa izimpande zalo muthi ziyaqothwa , zixutshwe neminye imithi . Bese impuphu yazo ishiswa odengezini. Bese kufakwa insizi emnyama yale mpuphu endukwini, ngogcatshwa. Ake ngime -ke lapho nina beNdlovu enamandla.
#Khumu!
Thola ulwazi oluthe xaxa ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺
Ngisa kesibonane kuningi engidinga ukuchushiswa kukona
Kuhle ukuthi sifunde nfezinto zesintu
Ngidinga usizo ngolwazi lokuthi uma sikhuluma ngokusebenza kwawo kumuntu wesilisa lokhu othi ukuzwa kushiwo ikhona yini indlela yokukuqinisekisa njengokwenza ucwaningo ngoba uma kuyiqiniso yinto efunakalayo leyo ukwakha imizi yobaba ikakhulu ngoba ziningi izinto esazabakhona njengezifo okwenza kungabi lula ukujabulisa umama wekhaya. Ngiyacela ningisize ngolwazi uma niluthola please.
Kuhle ukuthi sifunde nfezinto zesintu
Ngingaythola kanjani lembiza?
Umuthi odingakalayo muzovusa ikhaya
Mina ngidinga owokukhulisa induku
Ngabe ke bese uyeka njani mase ubona kutsi seyikhule yafika lawufuna khona
Lembiza iyaphuzwa noma iyachatha