Incazelo ngomuthi uMvongothi /Sausage Tree

Nina bakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! Nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! INkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!

Enhla nasezansi ngiyababingelela nina abeZulu eliphezulu. Nanso-ke isithombe somuthi uMvongothi. Ubuye ubizwe ngoMfongothi, ngesilungu kuthiwa yi-Sausage Tree . Kususelwa kulezithelo zawo ezilengayo, eziyizigumbaxa, ezibukeka njengenyama ebizwa ngokuthi yi-Sausage ngesilungu. Ngizophawula ngengikwaziyo ngalo muthi, bese ngiphawula ngengike ngikuzwe ngalomuthi. Mayelana nengikwaziyo ,ngazi ukuthi lo muthi uvimbela umphezulu, ingakho abanye beye bawutshale nasemakhaya. Mayelana nengike ngikuzwe ngalomuthi, kuthiwa lo muthi ubuye uvuse nenkunzi . UwuMvusankunzi. Izimpande zawo ziyabiliswa, zibe yimbiza ephuzelwa ukuvusa nokuqinisa induku kowesilisa. Kuthiwa izimpande zibuye zikhulise induku yowesilisa. Bazixuba neminye imithi esingabala kuyo uMboko wendlovu noMzimuka,bakhande ngazo imbiza ephuzelwa ukukhulisa induku. Kuthiwa futhi lomuthi ubuye ufakwe nasegazini, ufakelwa khona ukukhulisa induku. Kuthiwa izimpande zalo muthi ziyaqothwa , zixutshwe neminye imithi . Bese impuphu yazo ishiswa odengezini. Bese kufakwa insizi emnyama yale mpuphu endukwini, ngogcatshwa. Ake ngime -ke lapho nina beNdlovu enamandla.

#Khumu!


Thola ulwazi oluthe xaxa ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo