Nina bakaMdlokombane vuk’ume ngentaba udla”amadoda! UQasa lukaWasa inkom’esengwa yiViyo! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana!
Nawo-ke Amabelejongosi/uMabelejongosi . Wumuthi wogazi lona! Wumuthi wokuthandeka lona! Uyaphalaza uphinde ugqume futhi . Ukhonzwe kakhulu amasoka. Uhlanganise neNhlanhla emhlophe , noMafunazayithole, izimpande zoMkhiwane, uNginakile, uMusa , noFoshela kaNdlezane bese uyaphuma uyokweshela, uyobuya uluphethe uCu nomakanjani. Kanti futhi uMabelejongosi ubuye ubiliswe ,ube yisiphungo esiphuzwa owesifazane, esiphuzela ukwamukela kahle imbewu. Uhlanza isibeletho , ukhipha wonke amanzi angcolile esibelethweni, uwakhipha ngokushobingisa. Udambisa izinhlungu zefindo kowesifazane,ezomhlume , kanye nezesilumo. Ubuye ube yisithobo esidumaza izinhlungu emzimbeni.
Thola ulwazi oluthe xaxa ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺
muhle kakhulu uma umntu ushela enganaki fanele wenzenjan
Can you send for a contact no when I want to ask an urgent question