Uhla lwamabutho abesifazane

UHLA LWAMABUTHO ABESIFAZANE:

Endulo izintombi nazo zazibuthwa , zibuthelwe ebuthweni thizeni, ziphuma izimpi futhi zifike zihlabane kakhulu ,zethweswe iminyezane njengezinsizwa. Ake sibheke AMABUTHO ABESIFAZANE abuthwa ngamakhosi asendulo


#Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo!

ÀMABUTHO ENKOSI UDINGISWAYO KA JOBE MTHETHWA.

-ISIFAZANE , induna yalo kwakunguNohaya ka Ngabha wakwaMwandla.

-INTSHUKU KA MADANGO , Ibutho le Ntshuku ka Madango kwahambe kwahamba lagcina selingelakwaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka, yilona elagana uMbelebelebe owabe ubuye waziwe ngaMawombe,okwakukhona kuwo aBantwana oTokotoko , Maphitha ,Domba bakaSojiyisa kanye nezinye izinsizwa.

Inkosi uSenzangakhona yona yabutha uSiba lukaMtshekwana olwagana iNtontela ,eyayibuye yaziwe ngoDibinhlangu noma uJubingqwanga. UNdlela ka Sompisi Ntuli wayebuthelwe kulo leli butho leNtontela , elaliholwa nguSotobe ka Mpangalala Sibiya . Yabuye yabutha noMgamule

ÀMABUTHO ESILO USHAKA KA SENZANGAKHONA

-UMCEKECEKE

Leli butho loMcekeceke labuthwa yiSilo uShaka sisanda kuhlala esihlalweni sobukhosi bakwaZulu ngo1816. UMcekeceke wawubuye waziwe ngeziNgoduso okuyigama elisho intombi elotsholwayo. Wagana uMgamule owawubuye waziwe ngoDlambedlu, okuyizinsizwa ezabuthwa yinkosi uSenzangakhona ka Jama.

-UMVUTHWAMINI

UMvuthwamini wabuthwa yiSilo uShaka ngo1818, izintokazi ezazizalwe ngo1796 lezi. Zaqanjwa ngesihlahla sasendle enezithelo ezimnandi , esaziwa ngokuthi wuMvuthwamini. UMvuthwamini wagana uFasimba okwakukhona kuwo uMdlaka ka Sodumase Langa.

-INHLABATHI

INhlabathi izintokazi ezazizalwe ngo1798 kuya ku1801 , zabuthwa yiLembe ngo1821 kuya 1823 . Kunengxenyana yazo eyagana uMbelebele, ezinye zazo zagana uNomdayana, ezinye zagana amaPhela, ezinye zagana iziZimazana ,kanti ezinye zagana amaKhwenkwe

-ICENYANE/IMBABAZANE

Leli butho labuthwa ngo1823 libuthwa yiSilo uShaka, izintokazi ezazizalwe ngo1800 kuya ku 1803 lezi . Zagana amabutho esingabala kuwo uDlangezwa ,isiPhezi, uNteke kanye namanye

-UNKISIMANA

-Labuthwa kwaDukuza libuthwa yiSilo uShaka . Leli butho laba yinyxenye yempi eyaphikelela eMampondweni ukuyohlasela inkosi uFaku. Leyo yayiholwa nguMdlaka ka Ncidi Ntshangase . Kanti lalikhona nangeNhlambo yeNdlovukazi uNandi.

ÀMABUTHO ESILO UDINGANE KA SENZANGAKHONA.

-INZAWU

Yabuthwa yiSilo uDingane 1829 , yagana iZimpohlo noDlambedlu

-IKHWANI

Labuthwa yiSilo uDingane ngo1833,lagana uMkhulutshane iningi lalo.

ÀMABUTHO ESILO UMPANDE KA SENZANGAKHONA.

-INKEHLELA

Yabuthwa yiSilo uMpande ngo1847 , yagana amaPhela eSilo uMpande, lawo ngamabutho abandakanya iNdaba ka Wombe, uMsikaba(uMzinyathi), uNongamulana, uMzangwenya kanye namanye.

-INGCOSHO

Yabuthwa yiSilo uMpande ngo1853, yagana iSangqu  , yayizalwe ngo1828 kuya ku 1833

-UGUDLUDONGA

-Wabuthwa yiSilo uMpande ngo 1854 kuya phambili, lezi izintokazi ezazizalwe phakathi kuka1834 no1842.

-UTIYANE Lwabuthwa ngesikhathi seSilo uMpande.

-ISITIMANE

Alukho ulwazi olutheni esinalo ngaleli butho , ngaphandle kokuthi lagana uThulwana neNdluyengwe

-AMABUTHO ESILO UCETSHWAYO KA MPANDE

-INGCUNCE

-ISIGQOKO SIKA KHWINI kanye namanye

*INgcugce yagcina ifakwe umoya wokuvukela uMbuso weSilo uCetshwayo ngokwenqaba ukujutshwa ukuba igane, aBefundisi baseNatali bagcina belungenelile lolo daba ,bathi sasingekho isidingo sokujutshwa, INgcugce yagcina ibalekele kubelungu eNatali

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo