Ogle (Thoyane)

Umlando ngesibongo sakwaOgle(Thoyane)

Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo)

Abantu bakwaOgle ababuye baziwe ngokuthi bangabakwaThoyane baphuma kuHenry Ogle ,laba bantu bangaMakhaladi. UHenry wayebuye aziwe ngelikaWohlo,kususelwa ekwehlulekeni kwamaZulu ukubiza isibongo sakhe. UWohlo wayengomunye wedlanzana lamaNgisi elanikwa iziza zokwakha eSibubulungu (eThekwini),linikwa yiSilo uShaka ngo1824. Kulelo dlanzana lamaNgisi kwakukhona noHenry Fynn, FG Farewell, JS King kanye nabanye. Wagcina ebusa abantu ababebalekela izimpi enyakatho yoThukela , bevikelwa nguye ngezibhamu. Esendeni lakhe kwaphuma uBukhosi obuthathu, obagcina bushabalele nokho. Ukuze kuthiwe abantu bakwaOgle bangabakwaThoyane kususelwa  egameni lomuzi womunye wokhokho wabo owawakhe lapho sekuPhayindane khona namuhla. Lowo muzi wawubizwa ngokuthi kukwaTholane, wawakhiwe inkosi  uTim ka George . UWohlo waganwa ngamakhosikazi amaZulu amathathu. Indlalifa yakhe noma ngithi kunkosikazi wokuqala uWohlo wazala uJohn owazala uHarry wesibili owabekwa waba yinkosi mhla zimbili kuNhlangulana(June) 1899 eXobho.  Ngaleso sikhathi abakwaThoyane babaziwa ngokuthi bangabakwaBhekane. Inkosi uHarry wesibili yayakhe umuzi wayo ngendlela yesilungu, waba yindlu eyodwa. Umuzi wayo wawakhe eduze komfula uMhlabashana ongenela emfuleni uMzumbe. Unkosikazi wesibili kaWohlo wazala uGeorge owazala inkosi uTim okuyiyona eyakha umuzi wakwaTholane esifundeni sasePhayindane. Inkosi uTim yabusela ePhayindane, yona yazala inkosi uRoma . Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uRoma kwabamba umfowabo uAlbert . Ubukhosi baMakhaladi bagcina buqediwe , buqedwa umthetho wokuhlala kwezizwe ngokwehlukana kwezinhlanga, i-Group Areas Act. Inkosikazi yesithathu ka Wohlo yazala uSam owayebuye aziwe ngelikaMpofu, yamzalela emzini waseZembeni ngaseMzinto. USam naye waba yinkosi khona eMzinto, kodwa ubukhosi bakhe bagcina buphelile .
Ake ngime lapho nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.
#Khumu!


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo