Umlando ngesibongo sakwaGumbo.
Ezweni laseZimbabwe ngasengxenyeni eyaziwa ngokuthi kukwaMthwakazi kukhona abantu besibongo sakwaGumbo, labo bantu abahlobene nabakwaGumbi bakwaZulu , abangaSomkhanda. AbakwaGumbo ize iningi labo selikhuluma isiNguni namuhla kodwa empeleni ababona abaNguni , bayingxenye yabaNyayi . AbaNyayi bayingxenye yabaKhalanga kanye nabaLozwi. AbaNyayi , abaLozwi kanye nabaKhalanga batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi, leyo ngxenye yabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo. AbaLozwi babenoBukhosi obukhulu kakhulu ngaphambi kokuba kufike u-Zwangendaba Jele owafike waqotha imbokodo nesisekelo wabulala neSilo sabo uMambo Tshilisamhulu owayenomuzi laphaya buqamama nezintaba zaMatobo. Igama elithi Mambo lichaza ukuthi i-Silo noma iNkosi yaMakhosi, leyefana negama elithi Pharoah nalo elisho into efanayo, sizokhumbula phela ukuthi wonke amaKhosi aseGibhithe ayebizwa ngokuthi o-Pharoah nokuchaza ukuthi iNkosi yaMakhosi. Abantu bakwaGumbo-ke bayingxenye yabaNyayi njengoba besengichazile, basekanye nabantu bakwaMsipha. Umuntu esimthola egqama kakhulu kulesi sibongo sakwaGumbo ngu-Ngomane owabe ewuKhokhovu lwenyanga. Kuthiwa lensizwa yayinemilingo eyisimanga. Omunye umuntu owawunothisa kakhulu umlando walesi sibongo sakwaGumbo ngu-Rahman Gumbo owabe engumdlali webhola edlalela neqembu le sizwe laseZimbabwe
Izithakazelo zakwaGumbo
-Msipha
-Zoza
-Ngwizi
-Manyathela
-Ngomane
-Gotshela
-Jekejeke
-Ntaba kayikhonjwa
-Wayikhomba uyovutha umlilo
-Abaqunt’umtamba esihlahleni babuye bawubuyisele
-Mageza ngochago ngoba bethi amanzi anezibungu
#Khumu!
umageza ngochago bengingazi lapho
Kukhona umahluko na phakathi Luka Gumpo lo Gumbo?
Lutho
Ngicela ukuchazelwa ukuthi uNgomane libizo noma yisibongo. Ugumpo lo Gumbo kuyefana na?