Biyela

Kuloba uKholo Khumalo iNxazonke

Isibongo sakwaBiyela siphuma kwesakwaZulu. Laba bantu bakwaBiyela basondelene kakhulu nabantu bakwaNtshangase .Empeleni kusengabantu ababodwa . UKhokho wabantu bakwaBiyela nguXhoko owayeyindodana yeSilo uNdaba kaMageba kaZulu . UXhoko wayeyindodana endala yeSilo uNdaba kodwa wayengeyona iNkosana ngoba wayezalwa eKhohlo .  UKhokho wabakwaNtshangase nguShwankeni owayengumnawakhe kaXhoko kaNdaba . ISilo uNdaba sasinemizi eminingi  kodwa kwakugqame emibili , owaseMqekwini kanye nowaseGazini. EGazini kuyilapho kwakwenzelwa khona yonke imisebenzi .Kuyilapho . Kuyilapho kwakuhlala khona yonke impahla yakoMkhulu , kuchithwa khona igazi lezilwane zokwenza umsebenzi . EGazini kuyilapho kwakuhlala khona uXhoko nabanawakhe oMgitshwa , Mutsha , Shwankeni, Mndayi nabanye.  EMqekwini kwakuhlala aBantwana oJama , uNkwelo nabanye . UMntwana uJama nguyena owayeyiNkosana yeSilo uNdaba , futhi nguyena owalandela iSilo uNdaba esihlalweni sobukhosi . UMntwana uJama wayemncane kuXhoko ngokweminyaka kodwa waba yiNkosana ngesizathu sokuthi wayezalwa eNdlunkulu.  Bakhula aBantwana beSilo uNdaba baganwa , bazala nezingane . Kwathi kusekuhle kusenjeya aBantwana baseMqekwini baqala umkhuba ongemuhle wokweshela izintombi zaseGazini . UXhoko wagcina ezwile ngalowo mkhuba omubi wazama ukuwukhuza kodwa kwahlanga zemuka nomoya . Wazitshwa ngabaseMqekwini , kwamcacela ukuthi kwakuyinto yesibomu , baziqhubekela ngokusheka izintombi zaseGazini.

Ukushelwa kwezintombi zaseGazini zishelwa ngaBantwana baseMqekwini kwakulokhu kuqhubeke njalo kangangokuthi uMntwana uXhoko wagcina ecasuke wabiyela umuzi waseGazini ngesinqalanqa sothango ukuze aBantwana baseMqekwini bangakwazi ukungena bazogila umkhuba wabo . Indlela abiya ngayo uXhoko yayingakandi ngaleso sikhathi . Ngakho -ke indlela abiya ngayo yaqala ukudonsa amehlo abantu  bebabaza isinqalanqala sothango . Nabakwabo eMqekwini baqala manje ukubabhinqa  abaseGazini ngokuthi ‘bangoBiyela’. Besho ngoba phela umuzi waseGazini wawubiyelwe ngesinqalanqala sothango .  Lowo mbhinqo wamthukuthelisa kakhulu uMntwana uXhoko kangangokuthi wagcina esenqume ukuphuma alidube iGazi ayokwakha kwenye indawo .  Ngempela wagcina elidubile wahamba nabofowabo oMgutshwa , uMutsha , uMndayi kanye noShankweni .  Lonke uzalo lukaXhoko , owuluka Mgutshwa, kanye nolukaMndayi namuhla lwaziwa ngokuthi lungolwakwaBiyela . Oluka Shankweni lona lwaziwa ngokuthi lungolwakwaNtshangase.
UXhoko wagcina ezinze ngakoNkandla , koNtabakhathazo . Kuleya ndawo wafike waziphendlela obakhe ubukhosi . Esezinzile eNtabakhathazo uXhoko wathola izingane zabafana ezingamawele oMenziwa noDidi . Endulo kwakuthi uma kuzelwe amawele elinye lawo laligingiswa igabade . NguDidi okwakufanele agingiswe igabade kodwa kuthiwa izinyanya zakubo zanqaba naye. Azivumanga ukuba agingiswe igabade, wagcina ephilile wakhula waba yindoda .
Kwathi ngemuva  kokukhothama kweNkosi uXhoko ubukhosi bathathwa indodana yakhe uMenziwa . UMenziwa wabusa ngesikhathi lapho iSilo sakwaDukuza sasimatasa khona sihlanganisa izizwe .  ISilo sakwaDukuza iSilo uShaka sacela iNkosi uMenziwa Biyela ukuba iyoxosha isizwe sakwaXulu esasizinze oBuka. Ngempela yaya iNkosi uMenziwa kaXhoko Biyela yayobaxosha abakwaXulu kuleya ndawo yasoBuka. Isibaxoshile -ke iNkosi uMenziwa iSilo uShaka sabuye saqoka yona iNkosi uMenziwa ukuba kube yiyona ebheka leya ndawo yasoBuka . Ngakho-ke iNkosi uMenziwa yagcina ifudukile eNkandla yayokwakha oBuka. ENkandla kwasala umnawayo uMntwana uDidi . INkosi uMenziwa yazala iqhawe uMvundlana elahlabana kakhulu ngesikhathi uZulu elwa naMaNdandwe empini yakwaGqokli. Elinye iqhawe lakwaBiyela nguGala kaNodade . UGala kaNodade wayephuma ohlangothini lwendlu kaMgutshwa . UGala wagqama kakhulu ngenkathi isizwe sizilile sililela iNdlovukazi uNandi unina weSilo uShaka.  NguGala kaNodade owaya eSilweni uShaka wayosicela ukuthi kudingeka silunqamule uzilo ngoba abantu babefa yindlala ngoba emasini kwakungasayiwa ,kungasalinywa nje nhlobo . UGala kaNodade wazala elinye iqhawe ogama lalo linguMphezeni elaphila ngesikhathi seSilo uCetshwayo. Leli qhawe lahlabana kakhulu eSandlwana mhla uZulu ezidlela amahlanga kumaNgisi mhla zingama 22 kuMasingana ngowe 1879  . UMphezeni kaGala Biyela nguyena owafihla uMntwana uCetshwayo ehlathini laseNkandla ngemuva kokunqoba kwakhe uMntwana uMbuyazwe eNdondakusuka . Kwathi ngemuva kokunqoba kwakhe uMntwana uCetshwayo amaNgisi amfuna phansi phezulu efuna ukumbulala. NguMphezeni -ke owamsindisa .  Elinye iqhawe lakwaBiyela uMkhosana kaMvundlana owahlabana kakhulu eSandlwana.
Ake sibalamanise abakwaBiyela
UNdaba kaMageba kaZulu wazala uXhoko , uMgutshwa, uMndayi, noShankweni eGazini. UShankweni wazala abakwaNtshangase.
Indlu yasoBuka
UXhoko wazala uMenziwa noDidi
UMenziwa wazala uMvundlana noMagidi .UMvundlana  wazala uMkhosana iqhawe laseSandlwana. UMkhosana wazala uDumezweni owazala uMkhombisi owazala iNkosi uNkanyiso eyakhothama ngowe 1998. INkosi uNkanyiso yazala iNkosi uPhiwayinkosi.
Indlu yakwaSanguye
UMagidi kaMenziwa wazala uBhlangethe owazala uNgangezwe owazala uKhishwekhaya owazala uVelemandleni
Indlu yaseMahlayizeni
UDidi kaXhoko wazala uMthayaqhwa owazala uManyala owazala uVelangaye owazala uBhekizwe
Indlu yaseMombeni
UMgutshwa kaNdaba wazala uNodade owazala uGala owazala uMphezeni owazala uMahlakaza owazala uKhohlwezakhe owazala uMandlenkosi owazala uBhekizenzo owazala uSifiso
Indlu kaMutshwa ka Ndaba
UMutshwa kaNdaba wazala uLuzipho owazala uSithungu owazala uNomzama owazala uLukhulwini owazala uPhindizwe owazala uFangelakhe owazala uMkhokheleni
Indlu ka Mndayi kaNdaba
UMndayi kaNdaba wazala uSobaba owazala uNdlongolwane owazala uHhashi owazala uZalaba uBhekabelungu owazala uZwelenduna
Izithakazelo zakwa-Biyela
Biyela
Ndabezitha
Mvundlana kaMenziwa
Mvundlana wasoKhabeni
Mgazi
Ntshangase
Mkhosana kaMvundlana
Gala kaNodade
*Kulobe uKholo Khumalo INzazonke

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo