Msane

Abantu bakwaMsane abande kakhulu eHluhluwe nakoMtubatuba bakhumbuleka kakhulu ngamaqhawe abo amabili oNxaba kaMbekane noMgobhozi kaNongqwewu Msane . UNxaba Msane wayebusa isizwe sakwaMsane ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe ngeminyaka yama 1800 . Umuzi weNkosi uNxaba kwakusoGobeni , lowo muzi wawakhe buqamama nentaba uMthekwini.

 

 

 

 

 

 

Inkosi uNxaba yaba ngenye yamakhosi ahlaselwa yiLembe , yahlaselwa ngemuva kwempi yakwaGqokli noyimpi eyayiphakathi kukaZulu naMaNdwandwe ayebuswa iNkosi uZwide. Ekuhlaselweni kwayo iNkosi uNxaba yabaleka yabheka enyakatho . Ohambweni lwayo yagcina isikanye noZwangendaba kanye noSoshangana Nxumalo nabo ababesuke kwaZulu bebalekela lona ulaka lweLembe . Kwakuwunyaka we 1821 ngenkathi lezinsizwa ezintathu zihlangana eDalagubha . Ekuhlanganeni kwazo zagcina zenze umfelandawonye inhloso yawo okwakuwukuhlasela izizwe ,kuthunjwe abantu balezo zizwe ,kwakhiwe uMbuso omkhulu ngokuhlangayela . IsiZulu sithi izinkunzi ezimbili azibusi sibayeni sinye . Lagcina ligqabukile igoda phakathi kwalezi zinsizwa . ONxaba noZwangendaba bahlanganyela uSoshangana kwaliwa impi enkulu. Wabashaya uSoshangana babaleka bagcwala lonke izwe laBaLozi nokusekuyizwe elibizwa ngokuthi kuseZimbabwe namuhla. UZwangendaba wagcina edlulele eMalawi lapho afike wankanisa endaweni yaseMzimba wakha imizi yakhe yaseKwendeni nowaseZulwini. Kwahamba kwahamba uZwangendaba wathutha eMzimba wayokwakha lapho sekuyiTanzania khona. Wagcina eshonele khona eTanzania . USoshangana yena wagcina ezinze lapho sekuyiMozambikwe wakha isizwe sakhe sikaGasa . UNxaba yena wagcina ezinze lapho sekuyidolobha laseHwange khona namuhla. INkosi uXaba yagcina ihlaselwe yiNkosi uSebetwane/ Sibindwane yaBafokeng abaziwa ngokuthi bangaBagololo . INkosi uSebetwane yayizinze lapho sekuyidolobha laseLivingstone khona esifundazweni saseRotseland . Kuleyompi yehlulwa iNkosi uNxaba , yasala enkundleni isidumbu sayo kanye nezamanye amabutho azo zemuka namanzi omfula uGwembe(uZambezi).

 

 

 

 

 

 

UMgobhozi Msane yena wayeyiSilomo seLembe futhi eyiqhawe lalo iLembe, wayekhule nalo kwaMthethwa babuthelwa ebuthweni leZichwe lesibili, bekanye noNqoboka kaLanga Sokhulu naye owayekhulule khona kwaMthethwa enguMshana weNkosi uDingiswayo . Ngakho-ke uMgobhozi wangeyelona iqhawe leLembe kuphela kepha wayebuye abe umngane walo . Uyise kaMgobhozi uNongqwewu Msane wayengomunye waBamnumzana ababekhonze kwaMthethwa . UMgobhozi Msane wahlabana kakhulu empini yakwaGqokli nokuyilapho wagwazwa amanxeba amaningi kangangokuthi ozakwabo bagcina behambe bamshiya elele oyaceni lwezidumbu zamabutho akwaNdwandwe. Ozakwabo bahamba baphikelela kwaBulawayo esigodlweni seLembe bayokwethula umbiko owawuthi uMgobhozi wayesale enkundleni. Kuthiwa ladabuka kakhulu iLembe emoyeni ngenkathi lizwa lowo mbiko. Labe selikhipha umyalelo owawuthi makulande isidumbu sikaMgobhozi sizongcwatshwa kahle ngesizotha . Kuthiwa zethuka kabi izinsizwa ezazilande isidumbu sakhe sesimuzwa uMgibhozi esekhwehlela oyaceni lwezidumbu . Wathathwa -ke kwayiwa naye kwaBulawayo , wayogezwa amanxeba , athungwa ,wachathwa waphalaziswa wagcina esephile qingqo . Wagcina esale empini yaseZindololwaneni nokuyimpi eyayiphakathi kukaZulu naMaNdwandwe ngaphansi kukaSikhunyana kaZwide ngowe 1828 . Babebabili oMgobhizi endulo . Kwakukhona uMgobhozi Msane kanye noMgobhozi Qwabe owazala abesibongo sakwaMgobhozi.

 

 

 

 

 

 

 

 

Izithakazelo zakwaMsane

Mtimande,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbekane
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Osesithombeni uMnu Saul Msane owayenguSopolitiki

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo