Abantu bakwaHlophe imvelaphi yabo iseSwazini. Isibongo sakwaHlophe singesinye sezibongo ezehluke ngezithakazelo noma ngithi ngezithopho . Isibonelo nje bakhona oHlophe abangamfaki uThumbeza ezithakazelweni zabo . UThumbeza yisona sithakazelo abantu bakwaHloph abaziwa ngaso . Kodwa bakhona abanye oHlophe abangasifaki isithakazelo uThumbeza ezithakazelweni zabo. Kukhona oHlophe abathakazela ngoMabhengu, Mkhonkosi, Jojo njalo njalo , leyo ngxenye yoHlophe yileyo engamfaki uThumbeza ezithakazelweni zayo. Isibongo sakwaHlophe saqambeka ngoHlophe owayephila kudala ngeminyaka yama 1500. UHlophe wazala uSondo owazala uGajula. UGajula yena wazala uMswanyana . UMswanyana nguyena owahola abantu bakwaHlophe ofudukweni lwabo nesuka lapho sekuseSwazini khona namuhla. ESwazini babebalekele ulaka lweNgwenyama uMswazi wesibili. INkosi uMswazi II yayilwa nomfowabo uMalambule kubangwa izinkomo. Uyise weNkosi uMswazi II uSobhuza wakhothama washiya iWundlu uMswazi II liselincane kwaphoqeleka ukuba kubambe uMalambule kaSobhuza . Selikhulile iWundku uMswazi II uMalambule washenxa esikhundleni eshenxela lona ukuba libusa . Kodwa ekushenxeni kwakhe wagodla ezinye izinkomo okwakufanele ukuba ngabe uyazethula eNgwenyameni enstsha uMswazi . Yakuzwa-ke lokho iNgwenyama uMswazi yabe isiphaka impi eyahlasela uMalambule kaSobhuza noMnawakhe uNdlela babaleka bayobhaca eNkosini yabakwaKunene iNkosi uSgweje Kunene. Nalapho impi yeNgwenyama uMswazi II yabuye yabalandela oMalambule yayobahlasela .Ekuhlaselweni kwabo kwagcina kuhlaseleke neNkosi uSigweje , kwashiswa nemizi yayo emibili owaseBhadeni nowaseMbizeni. AbakwaHlophe ababekanye nabakwaKunene nabo abasindanga kulokho kuhlaselwa. Asazi noma bukhona yini ubuhlobo phakathi kwabakwaKunene nabakwaHlophe, kodwa kungenzeka ukuthi bukhona ngoba bakhona oKunene abathakazela ngoThumbeza. Kwathi iNkosi uMswazi II isihlasele eBhadeni naseMbizeni aBantwana oNdlela bekanye neNkosi uNdlela nabakwaHlophe neNkosi yabo uMswanyana balekela eMishini yomlungu uMfundisi uJames Allison bayobhaca khona. UMfundisi uAllison wayaziwa kakhulu ngelika Mneli .Nakhona kwaMneli impi yeNkosi uMswazi yabalandela yayobahlasela , yahlasela naye uMfundisi uMneli yashisa nomuzi wakhe wakwaMahamba. Baphulukudlela babaleka baze bayowela ezandleni zeSilo uMpande kwaZulu. ISilo uMpande sabemukela ngezandla ezivulekile. Ngesizathu sokuthi uMfundisi uAllison kwakukhona abebala lakhe ababakhe ngaphesheya koThukela wakubona kukuhle ukuba ayozimbandakanya nabo. Ngakho-ke uMfundisi uMneli wagcina edlulele kwabebala lakhe ngaphesheya koThukela. Kulolo fuduko abakwaHlophe ngaphansi kweNkosi uMswayana kanye nabakwaKunene ngaphansi kweNkosi uSgweje nabo bazibandakanya noMfundiai uMneli bawelela esilungwini. AbakwaHlophe bagcina bakhe eNdwendwe , abakwaKunene bona bagcina bakhe kwaHlathikhulu.
UHlophe uzale uSondo, uSondo uzale uGajula owazala uMswanyana, uMswanyana uzale uNhlanganiso noMantingwana(ikhohlo), uNhlanganiso uzale uMbango, uMbango uzale uZwelibanzi, uZwelibanzi uzale uMzingelwa, uMzingelwa uzale iNkosi uBongani nokuyiyona ebusa manje eNdwendwe.
Endlini yaseKhohlo uMswanyana uzale uMantingwana owazala uMahlathini, uMahlathini uzale uNdukwana, uNdukwana uzale uNzolothi noBafana. uBafana uzale uGodlani (uGodlumkhonto).
Cela esakwa Mhlongo
Ngicela ukubuza ukuthiuMabhengu into iyodwa no Mapengo na? Ngiyabonga ngizolinda imphendulu ku xabajohnprince2@gmail.com
Nginibingelele ngicela ukucaciselwa ngisithakazelo u Jingela ukuthi wayezalwa ngubani la ka Hlophe .