Hlophe

Abantu bakwaHlophe imvelaphi yabo iseSwazini. Isibongo sakwaHlophe singesinye sezibongo ezehluke ngezithakazelo noma ngithi ngezithopho . Isibonelo nje bakhona oHlophe abangamfaki uThumbeza ezithakazelweni zabo . UThumbeza yisona sithakazelo abantu bakwaHloph abaziwa ngaso . Kodwa bakhona abanye oHlophe abangasifaki isithakazelo uThumbeza ezithakazelweni zabo. Kukhona oHlophe abathakazela ngoMabhengu, Mkhonkosi, Jojo njalo njalo , leyo ngxenye yoHlophe yileyo engamfaki uThumbeza ezithakazelweni zayo. Isibongo sakwaHlophe saqambeka ngoHlophe owayephila kudala  ngeminyaka yama 1500. UHlophe wazala uSondo owazala uGajula. UGajula yena wazala uMswanyana . UMswanyana nguyena owahola abantu bakwaHlophe ofudukweni lwabo nesuka lapho sekuseSwazini khona namuhla.  ESwazini babebalekele ulaka lweNgwenyama uMswazi wesibili. INkosi uMswazi II yayilwa nomfowabo uMalambule kubangwa izinkomo. Uyise weNkosi uMswazi II uSobhuza wakhothama washiya iWundlu uMswazi II liselincane kwaphoqeleka ukuba kubambe uMalambule kaSobhuza . Selikhulile iWundku uMswazi II uMalambule washenxa esikhundleni eshenxela lona ukuba libusa . Kodwa ekushenxeni kwakhe wagodla ezinye izinkomo okwakufanele ukuba ngabe uyazethula eNgwenyameni enstsha uMswazi . Yakuzwa-ke lokho iNgwenyama uMswazi yabe isiphaka impi eyahlasela uMalambule kaSobhuza noMnawakhe uNdlela babaleka bayobhaca eNkosini yabakwaKunene iNkosi uSgweje Kunene. Nalapho impi yeNgwenyama uMswazi II yabuye yabalandela oMalambule yayobahlasela .Ekuhlaselweni  kwabo kwagcina kuhlaseleke neNkosi uSigweje , kwashiswa nemizi yayo emibili owaseBhadeni nowaseMbizeni. AbakwaHlophe ababekanye nabakwaKunene nabo abasindanga kulokho kuhlaselwa.  Asazi noma bukhona yini ubuhlobo phakathi kwabakwaKunene nabakwaHlophe, kodwa kungenzeka ukuthi bukhona ngoba bakhona oKunene abathakazela ngoThumbeza.  Kwathi iNkosi uMswazi II isihlasele eBhadeni naseMbizeni aBantwana oNdlela bekanye neNkosi uNdlela nabakwaHlophe  neNkosi yabo uMswanyana balekela eMishini yomlungu uMfundisi uJames Allison bayobhaca khona. UMfundisi uAllison wayaziwa kakhulu ngelika Mneli .Nakhona kwaMneli impi yeNkosi uMswazi yabalandela yayobahlasela , yahlasela naye uMfundisi uMneli yashisa nomuzi wakhe wakwaMahamba.  Baphulukudlela babaleka baze bayowela ezandleni zeSilo uMpande kwaZulu. ISilo uMpande sabemukela ngezandla ezivulekile. Ngesizathu sokuthi uMfundisi uAllison kwakukhona abebala lakhe ababakhe ngaphesheya koThukela wakubona kukuhle ukuba ayozimbandakanya nabo. Ngakho-ke uMfundisi uMneli wagcina edlulele kwabebala lakhe ngaphesheya koThukela. Kulolo fuduko abakwaHlophe ngaphansi kweNkosi uMswayana kanye nabakwaKunene ngaphansi kweNkosi uSgweje nabo bazibandakanya noMfundiai uMneli bawelela esilungwini. AbakwaHlophe bagcina bakhe eNdwendwe , abakwaKunene bona bagcina bakhe kwaHlathikhulu.

INkosi uMswanyana yakhothamela khona eNdwendwe, ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa indodana yayo uNhlanganiso eyakhothama ngowe 1882 . Kwathi ngemuva kokukhothama kweNkosi uNhlanganiso kwabamba uMkhuzo owabambela uMbango ka Nhlanganiso owayesakhula . INkosi uMbango yakhothama ngowe 1939 , ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa inkosana yayo uZwelibanzi kaMbango . INkosi uZwelibanzi yabuza kwaze kwaba wunyaka eyakhothama ngawo we 1947 . Ngemuva kokuthama kweNkosi uZwelibanzi kwabusa inkosana yayo uMzingelwa ka Zwelibanzi. Kodwa ngeshwa wagula ngengqondo esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi , kwase kubamba uNobongwe . UNobongwe wagcima ehlisiwe esihlalweni sobukhosi kwabekwa uMvemve naye owayebambe njengeBambabukhosi .  UMvemve wakhothama ngonyaka ka 1987 , kwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabamba uGobidisa owabambela iNkosana yeNkosi uMzingelwa uBongani Vukani Hlophe owayefihliwe ndaweni thizeni. Ngemuva kokukhothama kukaGobodisa kwabuye kwabamba uKumakwakhe ngenxa yokuthi uMntwana uBongani wayengakabuyi lapho ayefihlwe khona.  INkosi uBongani yagcina ibekwe esihlalweni nginyaka ka 2000, yiyona ebusa manje eNdwendwe.
Ake sibelamanise oHlophe

UHlophe uzale uSondo, uSondo uzale uGajula owazala uMswanyana, uMswanyana uzale uNhlanganiso noMantingwana(ikhohlo), uNhlanganiso uzale uMbango, uMbango uzale uZwelibanzi, uZwelibanzi uzale uMzingelwa, uMzingelwa uzale iNkosi uBongani nokuyiyona ebusa manje eNdwendwe.

Endlini yaseKhohlo uMswanyana uzale uMantingwana owazala uMahlathini, uMahlathini uzale uNdukwana, uNdukwana uzale uNzolothi noBafana. uBafana uzale uGodlani (uGodlumkhonto).

Izithakazelo zakwaHlophe
Hlophe
Samela
Thumbeza kaMyeni
Intombi zenda ngonyezi
Ezabafokazana zenda ngobumnyama ziyabuya emendweni
Nompula
Dlezi
Mabhengu
Khonkosi
Wena kaMyeni
Wena kaSondo
Wena kaGajula
Abanye bathakazela bathi
Mabhengu
Kukhala lobomvu
Mkhonkosi
Nabo Nkhosi
Nabo Ngwane
Jojo
Nyoni lenhle lengahlali phansi,
Indlalelwa esihlanjani
Izibongo ezihlobene nesakwaHlophe esakwaMteshane , esakwaMhlophe  kanye nesakwaGoge
Osesithombeni uSomahlaya uFelix Hlophe
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo