Zulu(Madzikane)

Abantu bakwaZulu- Madzikane abatholakala kwaBhaca nokuyi-Xobho , koMzimkhulu ,  koMatatiele , Harding nakoMount Frere kusengabantu bakwaZulu oMageba abatholakala kwaZulu. Laba bantu babuye baziwe ngokuthi bangabakwaMadzikane ,noma bangaMabhaca . UMadzikane lona ababizwa nganye wayeyiNkosi yabo eyabusa ngesikhathi sikaMjokwane kaNdaba nangesikhathi seLembe .   Lesi sibongo sakwaZulu Madzikane sihlukaniswe kabili, kukhona   amaZelemu kanye namaWushe. AbaseMazelemini bawuzalo lulaZelemu owabe eyindodana ka Didi owayebuye aziwe ngelikaLufulwenja . ULufulwenja wayengenye yamadodana kaZulu kaMalandela . UZulu wayengumnawakhe kaQwabe owazala abakwaQwabe. AbaseMawusheni nokuyindlu encane yalesi sizwe bona bazalwa nguWushe naye owayendodana kaDidi kaZulu . Abantu bakwaZulu endulo  sibathola bakhe eBabanango . Abantu bakaDidi bona bagcina bethe khumu kubafowabo bayokwakha eSibubulungu (eThekwini) , ngaleso sikhathi basebehola yiNkosi uKhalimashe kaVebi ka Wabane ka Zelemu . INkosi uKhalimeshe yiyona ezala iNkosi uMadzikane . AmaWushe wona ankanisa ngasemfuleni uMngeni . INkosi uKhalimeshe yakhothamela khona eSibubulungu futhi kuyilapho yatshalwa khona.

Kwathi ngesikhathi seSilo uShaka laba bantu bakwaZulu Madzikane bathola ukuhlaseleka behlaselwa yisona iSilo uShaka esasimatasa sakha uZulu ngaleso sikathi .  Ngaleso sikhathi behlaselwa yiLembe basebebuswa yiNkosi uMadzikane eyanquma ukungalwi ngoba ithi angeke ilwe nomfowabo . Yagcina ithuthe isizwe sayo yaphikelela kwelaMampondo eNkosi uFaku . ILembe namabutho alo labalandela laze layobathola ngasemfuleni uMzimvubu . INkosi uMadzikane yayibuye ibe wuKhokhovu lwenyanga. Kuthiwa sebetholwe yimpi yeSilo uShaka iNkosi uMadzikane yavele yathaka izintelezi zayo indawo yaseMzimvubu yavele yaphenduka yaba nenkungu exakile impi yeLembe yeduka yangabe isababona abakwaMadzikane .  ILembe lagcina likhiphe amazwi ayethi ‘asibayekeni sebebhacile” .Kusukela ngaleso sikhathi abantu bakwaMadzikane babizwa ngokuthi bangaMabhaca .  INkosi uMadzikane yabe isihlala kanjalo kuleya ndawo yakhelana namaMpondo nawo ayeke ahlaselwa yiSilo uShaka . Kwahamba kwahamba kwaqhamuka ezinye izizwe nazo ezazibalekele izimpi kwaZulu zazozimbandakanya namaBhaca . Kulezobzizwe singabala esakwaJali, Dlamini, Cele,Khumalo ,Mbhele(Khuboni) Hadebe nazo ezagcina sezibizwa ngokuthi zingaMabhaca . Ngakho-ke iNkosi uMadzikane yagcina isiyiNgonyama efukamele izizwe eziningi. INkosi uMadzikane yakhothamela lapho sekuseMatatiele khona ,kuyilapho futhi idlinza layo likhona. Kuthiwa yasala enkundleni ngenkathi kubambene phezulu aBathembu beNkosi uNgubengcuka naMabhaca eNkosi uMadzikane . INkosi uMadzikane yazala amadoda amaningi kodwa kwagqama uNcaphayi nomfowabo uSonyangwe . NguNcaphayi owabusa ngemuva kokukhothama kweNkosi uMadzikane.
Kwathi ngesikhathi sokubusa kweNkosi uNcaphayi kwatheleka uNqetho Qwabe owayebaleke kwaZulu ebalekela ulaka lweSilo uDingane wafike wahlala ngenkani ezweni laMampondo. INkosi uFaku yaMampondo yabe isicela iNkosi uNcaphayi ukuba iyelekelele ekuhlaseleni uNqetho Qwabe. Nempela yavuma iNkosi uNcaphayi bamuhlanganyela uNqetho namehlula wabaleka waphindela kwaZulu.  INkosi uNcaphayi nayo  yacela iNkosi uFaku ukuba iyelekelele ihlasele abaThembu beNkosi uNgubengcuka , leyompi kwakuzoba yimpi yokuziphindesela ngoba aBaThembu babebulale iNkosi uMadzikane eyayinguYise weNkosi uNcaphayi.  Ngempela yavuma iNkosi uFaku babahlasela aBathembu , bawehlula izikhathi eziningana. INkosi uNcaphayi yabuye yalwa namabhunu ayesesimise kabi isizwe saMabhaca .  Waqhubeka wahlasela noNdamase kaFaku wabusa aMampondo uyise uFaku esawadla anhlamvana kodwa eseluphele .  Yathukuthela iNkosi uFaku ithukuthelela iNkosi uNcaphayi ngokuhlasela kwakhe indodana yayo uNdamase . Yabe isidedela impi enkulu eyatholana ephezulu naMabhaca . Kuleyompi iNkosi uNcaphayi yalimala kanzima nesingakuchaza  ngokuthi ukuba kwakuyizinsuku zanamuhla yayingangena kulokhu abakubiza ngokuthi yi-I.C.U.  Kuthiwa yacela amabutho ayo ukuba ayiqedele kepha enqaba , ngoba phela yabe iyiNkosi . Kwakuwunyaka ka1845 mhla zitholama phezulu . INkosi uNcaphayi yagcina ikhotheme ngesizathu salokho kulimana kabi empini eyayilwa naMampondo.
Ngemuva kokukhothama kweNkosi uNcaphayi kwabusa iNkosana yayo uDiko naye owabe eyiqhawe efuze uYise. Wabisa aMabhaca iminyaka engama 35 kusuka ngowe 1845 ku-1880 . Waqhubeka elwa namabhunu efuna kubuyiswe izwe laMabhaca elaselithathwe yiwona amabhunu. INkosi ebusa manje manje kulendlu yiNkosi uMadzikane wesibili. Aah!! Thandisizwe !!  Yona-ke izalwa yiNkosi uDilizintaba yona izalwa yiNkosi uDingumhlaba  yona izalwa yiNkosi uMabhijela yona izalwa uiNkosi u Mthakathi yona izalwa yiNkosi uQoza ezalwa yiNkosi uDiko kaNcaphayi.
Lesi sizwe saMabhaca sitholakala e-Mount Frere, eMzimkhulu, eXobho elimantente (kwaNokweja) , nasezindaweni ezakhelene nalezi ezabalwe lapha. Kuke kwaba nombango wobukhosi laphaya endlini yakwaNokweja phakathi kwamadodana eNkosi uBhekukuphiwa okungoNdida noNyongwana.  Ngemuva kwalowo mbango iNkosi uBhekukuphiwa yaboshwa .
Empeleni imbangela yombango kwakuyizinkomo zamalobolo . Unina ka Ndida uMaMbhele wabe elotsholwe ngezinkomo zeSizwe kanti unina ka Nyongwana iNkosi yabe izilobolele. Unina kaNdida wayeshade ngokwesintu kanti unina kaNyongwana yena wayeshade ngokwesilungu waze wathola neSithifikithi . Ngenkathi iNkosi iboshiwe uMaMbhele wagcina ebuyele kubo. Kwathi indodana yakhe uNdida wagcina ebaleke wayobhaca kuNtshibela iNkosi yakwaMemela . INkosi yakwaMemela yamelekelela benza isimangalo (Appeal) ngodaba lokugudluzwa kwakhe ebuKhosaneni. IMantshi yanquma ukuthi izwe lidatshulwe phakathi kwase kuba nobukhosi beNdlu yakhe uNdida nibeNdlu kaNyongwana.
Ukulamana kwaMabhaca
ULufulwenja (Didi) kaZulu kaMalandela wazala uZelemu noWushe
UZelemu wazala uWabane owazala uVebi owazala uKhalimeshe owazala uMadzikane noPhahlwa. UMadzikane wazala uSoyangwe , uNcaphayi noDliwakho.
INdlu yaseLubhacweni .
UNcaphayi wazala uDiko noMakawula. UDiko wazala uQoza owazala uMthakathi yena owazala uMabhijela owazala uDingumhlaba owazala uDilizintaba owazala iNkosi uMadzikane wesibili. Aah!! Thandisizwe!!
UMakawula kaNcaphayi wazala iDabula noMvumeni
Lendlu ilaphaya eMounth Free ,yiyona ndlu enkulu.
Indlu yakwaNokweja eXobho
USonyangwe kaMadzikane wazala uMdutshane noThiba. UMdutshane wazala uCijisile, uNomtsheketsheke noMsingaphansi. UCijisile wazala uBhekukuphiwa owazala uNdida , uNuongwana(Zwezwe) noMagasi . UNdida yena wazala uMhaqwa owazala uBhekamabhaca yena owazala iNkosi uMsekeli obongwa ngokuthi unguMsekeli owasekela isizwe saMabhaca , ezalwa yiSigoloza esimehlo abomvu esagqolozela umntwana wakhala , wathi Mama ubheke mina!! Wathi unina hhayi mntanami akabheke wena !! Ubheke iMpoza kaNobechunu! ISivivane samatshe esabekwa ngamakhosi akwaBhaca , iSivivane esabekwa  uGobiswane,ethi thatha Msekeli!  iSivivane esabekwa uMdutshana ,ethi thatha Msekeli! Sivivane esibekwa uCijisiwe ethi thatha Msekeli !
Indlu yaseSiqhingeni (e-Riverside)
UNyongwana kaBhekukuphiwa wazala uKumkani owazala iNkosi Gwazamazulu.
Indlu yabaseMawisheni
UWushe kaDidi wazala uBekwa owazala uMjoli. UMjoli nguyena ozala abakwaMjoli. Ngakho-ke abakwaMjoli nabo kusengabantu bakwaZulu. UMjoli wazala uPhathwa owazaza uMbhedu noNondaba . UMbhedu wazala uNokaka owazala uGodongwana owazala uMbulelo owazala uSithundwana owazala uXanjana owazala uBhekameva owazala iNkosi uMboneni Benedict Mjoli. Kukhona noMbheshu owazala uMoyiya owazala uMangele owazala iNkosi iNkosi uMzala Mjoli
Izithakazelo zakwaMadzikane
Zulu
Ndabezitha
Thole lika Madzikane
Nofisa ongafi ofangephutha
Wabane
Vebi
Nomsunwana
Matsheketshe
Nina bakaMalandela 
Ngokulandela izinkomo zamadoda 
Nina bakaLifulwenja
(Osesithombeni nguKhayalethu Mjoli onguMdlali weBhola)

Izithakazelo zakwaMjoli

Mjoli,
Hlathi,
Nonina,
Qubulashe,
Mswanzeli,
Makholwa okwakhe ,
Ndlwana ncane
Masinda ngonyalu,
Dludlushe,
Sondaba.
Wabane,
Maqholo,
Nina baseMawusheni
Ndohle,
Bekiso,
Phathwa,
Wushe,
Qubulashe,
Mthi owathi ukuwa wabekisa amasebe oThukela,
Nonkasa, Deyi, Notshikila, Mbhedu, Bahruza, OMaphungela esosini amakomishi ekhona,
Masinda ngonyalu izizwana zisinda ngobulongwe, Godongwana kaMjoli
Nobekwa,
Mjoli kaWushe,
Wushe kaLufulwenja,
Lufulwenja kaZulu.
Dludlushe!
Nina benkundla kaWushe,
Isizwe saseMthunzini.
Izibongo zaMazelemu
Vongwe
Didi
Mgxekwa
Makawula/Makaula
Mzinyane nezinye
Izibongo zaMawushe
Mjoli
Canca
Bekwa
Twalo
Jakuja
Soji
Ngunga
Mnxakwe
#Kulobe uKholo Khumalo INxazonke
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo