INkosi uMtubatuba yaBakhwanazi

 

Nanso-ke iNkosi u-Mtubatuba yaBaKhwanazi . Ibutho layo kwakuwuFalaza ,kanti elikayise u-Somkhele kwakungaMamboza/uThulwane . NgokweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi eyabusa kahle abantu bayo njengeNkosi u-Mtubatuba . Kuthiwa yayidume ngokwephana,inogazi kubantu bayo futhi icebe kakhulu inezinkomo ezibulala inyoka,uchibidolo uqobo . Kanti kwake kwaba khona isikhathi lapho inkosi u-Mtubatuba yafuna ukuthenga khona isitimela kodwa abelungu badlala ngayo ,bamane beyishonisa lena nalena . Kuthiwa kwakuthi nxa isigebengu sonile esikhundleni sokuthi isijezise yona yayivele isixoshise ngomhlambi wezithole nenkunzi yazo bese ithi esigebengwini ‘Nazi izinkomo ungaphinde futhi wone’ . Kuthiwa kwathi ngenkathi kuzokwakhiwa kabusha isikole sokuqala kwaZulu.

 

 

Inkosi u-Mtubatuba ka Somkhele (esesithombeni)

 

 

Amazimtoti asasishe sangqongqa kwacelwa abantu ukuba baqoqe imali yokwakha leso sikole. Kwakukhishwa u25p umuntu emunye kodwa yona inkosi u-Mtubatuba yavele yadedela ikhulu lezinkomo . Isikole Amanzimtoti manje sibizwa ngokuthi yiAdams College .Inkosi u-Mtubatuba yabusela emzini kayise wakwaNomathiya nokwathi ngokuhamba kwesikhathi waguqulwa igama wabizwa ngokuthi kukwaNkomokayixoshwa ngesizathu sokuthi kwakuthi uma inkomo ithe yeqa uthango lwesibaya yabaleka uma izohlatshwa yayigaxoshwa ,kwakubanjwa enye kuhlatshwe yona esikhundleni saleyo ebalekile. INkosi uMtubatuba kwaqanjwa ngayo idolobha laseMtubatuba.

Ake ngime lapho

 

# sizalwa izinsizwa thina

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo