Ngubane

Izithakazelo nomlando wakwaNgubane .
Abantu bakwaNgubane bangabaNguni bohlobo lwaMathonga Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Lesi sibongo sakwaNgubane siphuma kwesakwaMkhize ,inkosi uSibiside eyadabula abantu abakwaNgubane. AbakwaMkhize bona bangabaNguni bohlobo lwabaMbo Nguni ,noma ngithi abaNguni baseMbo.
Isibongo sakwaNgubane singesinye sezibongo ezaqambeka ngegama lomuntu . UNgubane lona oqanjwa ngaye isibongo wayeyindodana ka Ngogozabafo ka Myaluza ka Ngcukumane ka Ngwane kaNomafu. NguNomafu -ke owabe eyindodana yenkosi uSibide. UNomafu wayengumfowabo Shange owazala abakaShange.  Enye indodana yenkosi uSibiside kwakunguNjanya owazala aMampondo enkosi uFaku. UNjanya nguyena futhi owazala aMabomvana ,oGambushe nabakwaChonco . Zonke lezi zibongo ize zihlobene ngokwegazi kodwa manje seziyaganiselana .
Abantu bakwaNgubane sibathola bakhe eQhudeni bengomakhelwane woZuma,Mkhize ,Mchunu,Mthembu nabanye.  Kodwa kwahamba kwahamba laba bantu bakwaNgubane bathi cithi saka kulo lonke elakwaMthaniya  ,koMsinga ,koSwayimane koMooi River nakwezinye izindawo . Laba bantu ngesikhathi seLembe babezihlalele kamnandi benethezekile ngaphansi kwenkosi yabo uNzombane kaNdlovu . Inkosi uNzombane yayingumfowabo Matomela . Babebabili oMatomela futhi ngesikhathi esisodwa,kwakukhona owakwaZuma kanye nowakwaNgubane . Abantu bakwaNgubane kanye nabakwaZuma emandulo babengabahlobo nje,kwakungekho ukuhlobana  .
Izinto zashintsha ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingana sona esahlasela bonke abantu ababengabahlobo beLembe. AbakwaNgubane nabo bahlaseleka kanye nabahlobo babo abakwaZuma kanye nabakwaMkhize . Inkosi uZinhlandlo Mkhize yakhothama ngesikhathi salowo mkhankaso weSilo uDingane wokuhlasela bonke ababengabangane beLembe.
Umuntu owagqama kakhulu emlandwini wakwaNgubane ize wagqama kabi inkosi uSobhuza(uSobuzwe) eyayibuye yaziwe ngelikaSibindi . Inkosi uSobhuza yayizalwa yinkosi uNzombane kaNdlovu . Yona-ke yagqama ngokulwa ngasohlangothini lwaMaNgisi eSandlwana . IsiZulu sithi ‘inkonyane yomgakla yeqa lapho kweqe khona unina’ . Inkosi uSobhuza yazala inkosi uNjengabantu eyaqhubeka lapho kwakugcine khona uyise ngokuba yisandla saMangisi ekuhlukumezeni ingabade.
Lesi sizwe sakwaNgubane sibuye saziwe ngokuthi bangaMabomvu kususelwa egameni lomunye wokhokho waso uMbovu kaNomaphikela .

Ake siwelamanise aMabomvu

UNomafu kaSibiside wazala uNgwane owazala uNgcukumane owazala u Myaluza owazala uNgogozabafo owazala Ngubane .
UNgubane wazala uNomaphikela owazala uMbomvu owazala uNyonebomvu owazala uNdlovu owazala uMatomela noNzombane   .
UNzombane wazala uHhomoyi ,uSomahhashi,uMbeswa, Sobhuza nabanye


Lena engenhla yiNdlunkulu yaMabomvu
Indlu yaseHlimbithwa (Greyton)
USomahhashi kaNzombane wazala uMawele owazala Nyoniyezwe owazala uMkhontobomvu ,uMahlokohloko, uKhethokwakhe,nenkosi ebusayo inkosi uPano Joseph Ngubane
Indlu yakwaNjengabantu.
USobuzwe kaNzombane wazala uNjengabantu noNzikane . UNjengabantu wazala uGubuzela owazala uBangumuzi owazala uMlungisi owazala uNkosiyohlanga .
Indlu yaseFaya, ikwaSwayimane
UNzikane wazala uVelaphi owazala uMahlokohloko owazala uTholizwe Ngubane .
Indlu yakwaZashuke
UMbeswa wazala uZashuke owazala uMnyamana owazala uMbango owazala uNdabakazibuzwa yena owazala iNkosi uNyanga Ngubane

IZITHAKAZELO ZAKWA NGUBANE:

Mbovu,
Somahhashi
Nyoniyezwe
Nomafu,Myaluza,
Ngcukumane,
Zikode elimhlophe,
Matomela,
Nzombane,Ngogozabantu,
Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo,
Ndoda kaNyamazane,
KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane,
Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba,
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka,
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane,
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi,
Nomaphikwane!

#kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Thola incwadi kaSenzo Mbatha ethi ‘Izibongo Zakithi’ ufunde kabanzi ngalesi sibongo saMabomvu nangezinye izibongo .Shayela ku 076 688 7004

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo