Ngema

Izithakazelo nomlando wakwaNgema
Lo mlando ucashunwe encwadini kaSenzo Mbatha ethi Izibongo zakwaZulu.Ukhiwe phezulu.

Abantu bakwaNgema bangabaNguni abawuhlobo lwabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni.  Laba bantu bakwaNgema babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangadini . Kanti futhi laba bantu kusengabantu bakwaNene . Badume ngezithakazelo zabo oMadlokovu ,Ntusi yenkomo, Sithenjwa nezinye. Laba bantu baseMangadini bahlobene kakhulu  nabantu bakwaZulu nabakwaQwabe .
Lesi sibongo sakwaNgema saqambeka ngaye uNgema . UNgema wayeyindodana kaNtusi kaMafu . Laba bantu babekade bekanye nabakaMalandela uMalandela esimthola akhe ngasegqumeni iMandawe,umuzi wakhe wawubizwa ngokuthi kusoDwini. Kodwa uMalandela  akahlalanga lapho isikhathi eside ngoba wabuye wafuduka wawelabuMhlathuze wenyukela ezintabeni zaseNkwenkwe. Waqhubeka wawela umfula owaziwa ngokuthi kuseMfule uma wedlula kanxane edolobheni laseMalimade.  Ngenkathi uMalandela nabantu bakhe befika ngasemfuleni uMfule bawufica ungenisa. Ingxenye yabantu bakaMalandela naye uqobo yasheshe yawela umfula ungakagcwali, kwathi enye ingxenye yangawela,yailibalela ngokuzindlela izitshalo zabantu bakwaXulu ezazibizwa ngokuthi “izingadi noma amangadi’ . Kuleyo ngexenye eyalibala ngokudla izingadi kwakukhona noNgema okwagcina kuqanjwe ngaye isibongo sakwaNgema .  Umfula wagcina ugenise wagcwala ,bagcina besale nganeno laba abalibala ukudla izingadi . Kwathi labo ababekanye noMalandela baqhubeka nohambo  bagcina bezinze ngasemfuleni iMpembeni. Ngesizathu zathu sokuthi uNgema nabantu bakhe basala bezilibalele izingadi ,bagcina bezithole isibongo esisha noma igama elisha kwathiwa bangabaseMangadini. Nomholi wabo uNgema wathola igama elisha ,kwathiwa unguMngadi . Namanje isizukulwane sakhe sibizwa ngokuthi singesakwaNgema,abanye babo bona bakhetha ukusebenzisa uMngadi njengesibongo . Basala-ke eMfule ezweni lakwaXulu bakha amadlangala . Sakhula isizwe sakwaNgema sagcina sisabalele izwe lonke.   Laba bantu bakwaNgema babuye baziwe ngokuthi bangabaseNgweni kuselwa egameni lomfula lapho kwatshalwa khona inkosi yabo uMadlokovu kaMlaba laphaya eThemba kwaNomponjwana.
UNgema noma uMngadi  wazala inkosana yakhe uYabana  owagcina ethuthile wayokwakha ezansi komfula uMfule ngaseMakhasaneni ngaphesheya kwesigodi sakwaBhadaza(Planti) . Kuze kube namuhla leya ndawo afikela kuyona yaziwa ngokuthi kukwaYabana . Abantu bakwaNgema bagcina sebehlakazekile abanye banyukela eNdundulu ,abanye babuyela emanxiweni kaMalandela .
Umuntu esimubona egqama kakhulu emlandweni wabantu baseMangadini nguSigcwelegcwele kaMahlekehle iqhawe elahlabana kakhulu eSandlwana lapho uZulu azidlela amahlanga kuMaNgisi  ngowe 1879 kuMasingana . USigcwelegcwele wayeyinduna yebutho leNgobamakhosi nokuyibutho elambandakanya uMehlokazulu kaSihayo Ngobese naye owahlabana kakhulu eSandlwana  .
Kukhona mlando ongelona iqiniso othi uSigcwelegcuwele nguyena owaqala umkhuba wokusoma . Akulona iqiniso lelo ngoba ziningi izibongo ezakheka ngomkhuba wokusoma futhi ezakheka engakazalwa nokuzalwa uSigcwelegcwele .Kulezo zibongo sangabala esakwaMdlalose esaphuma kwesakwaZulu,esakwaMdletshe esaphuma kwesakwaMthethwa, esakwaNyandeni esaphuma kwesakwaKhumalo nezinye . Ukusoma ukwenza ucansi lapho owesilisa ephelela emathangeni entombi, engafiki enkomeni kaBaba.
Ake sibalamanise abaseMangadini
UMafu wazala uNtusi (uNtusiyenkomo) . UNtusi wazala uNgema(uMngadi) owazala uYabana owazala uMlaba. UMlaba wazala uMadlokovu noSithenjwa .
UMadlokovu wazala uSigodo ,uZembe, uMbandama uMhlekehleke noBusinkosi . UMhlekehleke wazala uSigcwelegcwele .UZembe wazala uLokothwayo noZazini. UMbandama wazala uMbabala owazala uZweli owazala uMbongeni Ngema osemculweni futhi osaphila .
UBusinkosi kaMadlokovu wazala uMdunyelwa owazala uLusizi owazala uCabeka owazala uMgitshwa.  UMgitshwa wazala uNsinyana yena wazala uNhlenhle owazala uMjoli owazala uMyaba noMyeka .
AbakwaNene bona baphuma kuSithenjwa ka Mlaba ka Yabana ka Ngema ka Ntusi kaMafu .USithenjwa wayengumnawakhe kaMadlokovu bezalwa nguMlaba . USithenjwa wagila umkhuba walala nodadewabo . Abadala bakhuza umhlola  bebabaza isenzo  sikaSithenjwa ,bathi ‘Wenzani Sithenjwa ukhuhlakhuhla udadewenu ngesinene?” Ukusuka lapho-ke uSithenjwa wabe esebizwa ngoNene .Kwasekuvela isibongo sabantu bakwaNene.

Izithakazelo zakwaNgema

Mngadi,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Nina baseNgweni
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli saseNgweni!

Izithakazelo zakwaNene

Sthenjwa,
Vezi ,
Nqoyi, Mngadi,
Ngema,Madlokovu,
wena waseNgweni,
Ntusi yenkomo,
Goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
wena wasemfule,
Sithuli sasengweni esingasho lutho kumuntu,
Mathanga akahlangani ahlangana uma ebona umyeni,
Mashiya amahle ngathi azoshumayela,
Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo