ULozilina umuthi wogazi :

 

Nango -ke uLozilina umuthi wogazi . Lomuthi ukhonzwe kakhulu izinsizwa ikakhulukazi ezakwaZulu ngoba uwumuthi owakha ugazi. Kuyaphalazwa ngawo lomuthi ,uxutshwa nemithi efana noNhlanhlemhlophe,iNgwavuma, uMadlozana, uVumakubangoma omhlophe. Bese ujikijela nemithi elwayo efana noSehlulamanye ,iSibhaha , uSiphahluka neminye nje imithi elwayo . Insizwa uma izophalaza ngoLozilina kudingeka iqaphele isikali ,awufakwa kakhulu uLozilina ngoba uma ufakwe kakhulu ubuye ubange amashwa kuye kanye lowo osuke ephalaze ngawo. Kanti okunye okubalulekile wukuthi uma uzophalaza ngoLozilina usebenzise bobubili ubulili bawo ,owesilisa nowesifane . Phela uLozilina ungeminye yemithi enobulili.Kukhona uLozilina wesifazane kanye nowesilisa . Owesifazane ubonakala ngokuqhakaza izimbali njalo ngoNcwaba kuya kuMandulo .Lezo zimbali ziwisa izimbewu uma sezomile nokuyimbewu ongakwazi ukuyitshala bese kumila omunye futhi uLozilina . Uma insizwa iphalaze ngowesifazane kuphela imiphumela kuyaye kube ukuthandwa ngabesifazane bese izondwa noma yenyanywe izinsizwa . Uma iphalaze ngowesilisa kuvele kubhede nje kube sengathi yeqise isikali kanti lutho ,iphalaze ngoLozilina wesilisa kuphela,yangawufaka owesifazane. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uma insizwa izophalaza ngoLozilina ithole bobubili ubulili.
Omunye umuthi onobulili uMphafa obuye waziwe ngeloMlahlankosi . UMphafa wesifazana ukhula ube mude konowesilisa futhi ukhiqiza izithelo eziba nsundu ngombala uma sezivuthiwe .Ziyadliwa futhi zimnandi .Ziyoma ziqine uma sezikulungele ukudliwa . Uma zingavuthwa zisuke ziluhlaza ngombala. UMphafa wesilisa awukhuli kangakho futhi namacembe awo ahlukile kowesifazane, athe ukuba mancane . Kanti nameva oMphafa wesilisa athe ukuba mancane kwawoMphafa wesifazane . UMphafa wesilisa wona awutheli izithelo . Umsebenzi woMphafa ukulanda umuntu noma ngithi umoya womuntu oshonile uyiswe ekhaya . Eqinisweni uMphafa wesilisa okufanele kulandwe ngawo umuntu ongasekho. Uma kuwukuthi awutholakali owesilisa kuyipho-ke kungasetshenziswa khona owesifazane .Kodwa eqinisweni owesilisa okufanele kulandwe ngawo ongasekho
Nina beMbube eshoba liyisilikithi !!

# Khumu!!

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo