Molefe

UMsakazi uThabo Molefe odume ngelika T-BO TOUCH

Abantu bakwaMolefe bangabeSuthu abangabaTlokwa . AbeSuthu bahlukaniswe izigatshana , kukhona abaKgatla , abaHurutsi , abaKwena , abaFokeng nabanye abaningi . Bonke abeSuthu baphuma kuBafokeng . AbaTlokwa baphuma kubaKgatla nabo abaKgatla bephuma kubaHurutsi , abaHurutsi bephuma kubaFokeng . Isibongo sakwaMolefe saqambeka ngoMolefe indodana ka Mokhalaka kaSikhukhune [hhayi owabaPedi ngoba owabaPedi wayezalwa nguSikwata kaThulare]. Zintathu izindlu zakwaMolefe , kukhona indlu ka Molatoti etholakala esifundazweni saseFlestasta , kukhona indlu ka Sebedi nokuyindlu yoMolefe abaseNatali , bese kuba khona indlu ka Sebidinyane etholakala lena koMahikeng naseBotswana imbala .U-Molefe wazala u-Molatoti , u-Sebidi noSebidinyane . U-Sebidi wazala u-Makoro owazala u-Matonosi owazala u-Motwensi owazala u-Mokotjo owazala u-Sekonyela [u-Sigonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela].
Ngesikhathi sokubusa kweSilo u-Shaka lesi sizwe sakwaMolefe sasikade sizinze endaweni eyaziwa manje ngokuthi kuseNtabazwe[Harismith] singabahlobo abakhulu besizwe sakwaHadebe ababezinze eTilehe [Utrecht] bebuswa inkosi uMpangazitha .Ngaleso sikhathi abakwaMolefe babebuswa u-Mantantisi unina kaSigonyela oyebambele indodana yakhe u-Sigonyela eyabe isakhula . Kwathi ngokuhamba kwesikhathi baphela ubungane phakathi kwabakwaMolefe nabakwaHadebe , kwaqubuka impi enkulu lapho lezi zizwe ezimbili zashayana zaze zabukana ,kwangabikho egoba uphondo . Kwathi ngesikhathi sekubusa inkosi u-Sigonyela abaTlokwa baphikelela eTilehe lapho bafike baqola izinkomo zenkosi u-Langalibalele kaMpangazitha  baziqhuba babheka ezweni labo eNtabazwe .Ngaleso sikhathi kwaZulu kwasekubusa iSilo u-Dingane esathukuthela sathelwa ngamanzi ngenkathi sizwa ngokuqolwa kwezinkomo zamaHlubi . Yathi isathukuthele iNdudumo yaseMgungundlovu kwaqhamuka amabhunu ayeholwa nguPiet Ritief nawo ehamba eqola izinkomo zabantu bakwaZulu.
U-Piti nethimba lakhe bagcina bethembise iSilo u-Dingane ukuthi bona babezozilanda izinkomo enkosini u-Sigonyela .Ngempela iSilo u-Dingane savuma ukuba bazilande izinkomo oPiti .Ekufikeni kwabo enkosini u-Sigonyela bafika bephethe ozankosi abafika bakhohlisa ngabo inkosi yabaTlokwa bathi kwakungamasongo okuhlotshiswa ngawo izihlakala. Baqhubeka bacela ukuba bayikhombise lawo masongo ukuthi  ahlala kanjani esihlakaleni. Ngempela yavuma inkosi yabaTlokwa ayibopha amabhunu ngozankosi maqede athi ayikhombe izinkomo ezaziqolwe enkosini yamaHlubi .Ngempela yazikhomba inkosi yabaTlokwa , amabhunu ayidedela angayisa kuMbomboshe kodwa izinkomo aziqhuba aya nazo kwaZulu ayozethula kuMbomboshe omnyama .U-Piti nethimba lakhe kwathi ngokuhamba kwesikhathi babulawa iSilo u-Dingane . Kusuke kushiwo yena u-Piti ezibongweni zeSilo u-Dingane uma kuthiwa ‘iHwanqa eladla amanye amahwanqa ngoba lidle uPiti kwabaseMgungundlovu ” . UMgungundlovu okukhulunywa ngawo ezibongweni  yiMalizibheki nokwabe kuyisigodlo samabhunu futhi unegama elifanayo noweSilo u-Dingane, oweSilo sakithi wona wawakhe eShowe ,eNdlayangubo . Kwathi ngemuva kokukhothama kweSilo u-Dingane abantu bakwaMolefe basuswa eNtabazwe besuswa ngamaNgisi ayobakhisa kwaNobamba [Weenen] ,ngaleso sikhathi abakwaMolefe basebebuswa inkosi u-Mbunda kaSigonyela .
Inkosi u-Sigonyela yazala inkosi u-Mbunda eyazala inkosi u-Hlubi .
Inkosi u-Hlubi yazala inkosi u-Isaac eyabusa  isizwe sakwaMolefe ngenkathi sesakhe eNquthu, esigodlweni sayo saseMafihleng
,
Inkosi u-Isaac yazala inkosi u-Elphas eyezala inkosi u-Bokang Kgaudise Mofefe okuyiyina ephethe manje
Izibongo ezihlobene nesakwaMolefe
Mmotha
Tsotetsi
Mokotjo
Lebasa
Makoro
Nezinye
Izithakazelo zakwaMolefe
Sigonyela
Mbunda
Kgawudise
Kwanuka ifutha kungahlatshiwe
Kodwa mhla kuhlatshiwe alinuki
#Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo