Mbeje

Izithakazelo nomlando wakwaMbeje
Abantu bakwaMbeje ,abakwaMbatha ,abakwaShandu, abakwaKweyama nabakwaDladla bangabantu baseMambatheni .Ize sekukhona ukuganiselana kulezi zibongo ngesizathu sokwentula ulwazi kodwa empeleni laba bantu bawumndeni owodwa nokuwumndeni waseMaMbatheni.  Abantu baseMaMbatheni bangabaNguni abawuhlobo noma ngithi ababizwa ngokuthi bangabaNtungwa Nguni . Lokho akusho ukuthi bahlobene nabakwaMabaso noma nabakwaKhumalo. AbaNguni bahlukaniswe izigatshana ,kukhona abaNtungwa Nguni,aMalala Nguni, aDebe Nguni , abaNguni baseMbo  njalo njalo . Abantu baseMaMbatheni babekade beyingxenye yabantu bakwaZulu .
Uma sesibuyela sakwaMbeje sithola ukuthi uMbeje lona okwaqanjwa ngaye isibongo wabe eyiSokanqangi le Nkosi uNdaba kaSontshikazi . ISokanqangi indodana endala kuwo wonke amadodana enkosi nona kamnumzana eyazalwa uyise engakakhehli isicoco ,noma engakabusi . Inkosana yona indodana endala ezalwa eNdlunkulu ,ibuye yaziwe ngokuthi iyiNdlalifa. Uma eNdlunkulu ingekho ingane yomfana kuyaye kweqiwe iKhohlo bese kubhekwa ngaseQadini nokuyiNkosikazi yesithathu yoMnumzana noma eyeNkosi . IKhohlo inkosikazi yesibili.Alibusi iKhohlo .  Umehluko phakathi kweSokanqangi neNkosana wukuthi iSokanqangi alibusi noma ngithi alinawo amalungelo okuthatha isihlalo sobukhosi uma uyise esekhotheme . UMbeje yena-ke wayeyiSokanqangi lenkosi uNdaba ingakho wagcina ephunyulwe ubukhosi ,kwabusa umnawakhe uShandu kaNdaba wayezalwa ebukhosini bakwaNtombela .
Ayemathathu amadodana enkosi uNdaba agqama kakhulu . Lawo madodana kwakunguMbeje unina owagana kuqala inkosi uNdaba ingakakhehli ungiyane ekhanda. Enye indodana yenkosi uNdaba eyagqama kakhulu nguDladla unina kwakuyintombi yakwaMpungose . UDladla wazala uMpembe ,uMgabadeli , uMhlophe, uGadlela, uDwala, nabanye  . UMgabadeli wazala uKweyama ,uMathenjwa nabanye .  UKweyama indodana kaMgabadeli yiyona ezala abantu bakwaKweyama . UMgabadeli wayebongwa ngokuthi “unguMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo”! Lezo zihasho wazithola ngoba wayebe ngenye yezangoma ezanuka into engekho mhla iLembe livivinya izangoma kwaBulawayo lapho laligcobe igazi lesilwane eqhugwaneni maqede labiza izangoma lathi azizochaza ukuthi “ubani owayechele iqhugwana ngegazi lomuntu?” . Saba sodwa vo isangoma esashaya emhlolweni .Leso sangoma sasingesakwaMadondo.  Umlando wabelungu uthi lezo zangoma ezazibhuke eceleni iLembe lazibulala zonke  . Kodwa eqinisweni akukho ngisho nesisodwa esabulawa .
Abantu bakwaMbeje basabalele izwe lonke iakhukhukazi lena koNdwendwe, Msinga nakoQhudeni eNkandla .  UMbeje wazala amadodana amaningi kodwa kwagqama kakhulu uBhabha owabe eyinkosana yakhe. UBhabha wagcina esebizwa ngokuthi unguMagwaza kulandela isehlo asenza sokuthi agwaze ekhaya ,akhulelise omunye wodadewabo  .
Ake ngime lapho okwanamuhla   . Lo mlando ucashunwe encwadini kaSenzo Mbatha ethi Izingo Zakithi .

Izithakazelo zakwaMbeje:

Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!

#kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo