Khambule/Nkambule

Izithakazelo nomlando wabantu bakwaKhambule.

Abantu bakwaKhambule noma Nkambule kusengabantu bakwaNcube . Laba bantu baphuma esendeni lika Khambule kaSiyobi wakwaNcube okwathi ngokuhamba kwesikhathi lonke uzalo lwakhe lwazibiza ngokuthi lungolwakwaKhambule. Imvelaphi yabantu bakwaNcube isebaSuthwini bohlobo lwaMakgwakgwa ,ukhokho wabo nguMahlatsi ,uMahlatsi ubuye abe ngukhokho wabakwaSibisi. Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sizwe sakwaNcube nguye uNcube uqobo,esimthola akhe endaweni yaseNtabazwe (Harrismith) ,akhelene nesizwe sabaTlokwa abagcina bebuswa inkosi uSikonyela.  UNcube wazala uMzilankatha ,owazala uMlotshwa owazala abakwaMlotshwa, uMlotshwa wazala uSiyoki ,owazala uMadlozi, uMadlenya, uMbovana noKhambule. Inkosana kaSiyobi uMadlozi kwahamba kahamba yafuduka kwelaseNtabazwe yabhekisa amabombo kwaZulu ,elabe lisengelakwaMthethwa ngaleso sikhathi, yafika yakhonza eNkosini uJobe kaKhayi . Ngamanye amazwi uMadlozi nguyena ozala oNcube esibathola manje bezinze kwaZulu. UKhambule naye wathi ngokubona umnewabo efuduka naye wabe esecela ifa lakhe kuyise . Nempela wamabela uyise izinkomo, wabe esefuduka-ke ezweni laseNtabazwe ebheka kwelakwaXhosa . Ngeshwa lakhe wathi uma efika kwaXhosa izinkomo zakhe zafa zonke zaphela nya, zoqedwa isomiso. Wabe esenquma ukubuyela kuyise ayocela ezinye izinkomo. Ngempela wamnika uyise izinkomo ,waziqhuba wabheka nazo ezweni lakhe elisha lakwaXhosa. Ngeshwa futhi nazo zafika zafa zonke. Wathi uma esebuyila kuyise isikhawu esisithathu wababaza uyise wathi ‘ hawu! Kanti usunguKhubisa yini!?. Kusukela lapho wabuye waziwa ngelikaKhubisa,kodwa alangashabalala elikaKhambule. Kuyileso sizathu-ke olunye uzalo lukaKhambule lwaziwa manje ngokuthi lungolwakwaKhubisa.

Ngenxa yesomiso kwelakwaXhosa uKhambule wagcina enqume ukukhuphukela eSwazini, wafika wakhonza eSilweni uNdungunye . Kuthiwa akazange phatheke kahle eSwazini,ngakho-ke wagcina ebhekise amabombo kwaZulu ,wayoba kanye nomnewabo uMadlozi,kodwa kwasala olunye uzalo lwakhe eSwazini olwagcina selwaziwa ngokuthi lungolwakwaNkambule ngenxa yolimi lwakhona eSwazini.

Ake sibelamanise oKhambule

-UKhambule wazala u-Mlambo ,owazala u-Lubombo, owazala u-Mbozane, owazala u-Mpambeni

Izithakazelo zakwaKhambule

Mzilankatha
Inkatha kayingeni endlini
Yangena kubola izinkaba zabantwana
Mlotshwa
Nina bakaMaweni
Msuthu
Mncube onsundu nezinyawo zakhe
Nina baseSilutshana
Malangatsha

Izibongo ezihlobe nesakwaKhambule

Sibisi
Mncube/Ncube
Khubisa

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo