Ndwandwe

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNdwandwe.

 

 

Abantu bakwaNdwandwe imvelaphi yabo isenhla yezwekazi laseAfrika njegabo bonke abaNguni. Ngokwezigaba zabaNguni abakwaNdwandwe bangabaNguni baseMbo noma ngithi bangaMbo Nguni. Umuntu owawunothisa kakhulu umlando wakwaNdwandwe inkosi uZwide eyayibusa abakwaNdwandwe ngesikhathi iSilo uShaka sihlanganisa izizwe eminyakeni yama 1800s. Kodwa nayo inkosi uZwide yaba ngenye yamakhosi agcina enqotshwe yiLmbe. Akucaci kahle ukuthi wayengubani uNdwandwe okwaqanjwa ngaye isizwe kodwa kukhona eminye imithombo yolwazi ethi uNdwandwe kwakunguLanga (wokuqala),owayebuye abizwe ngoMkhatshwa (wokuqala). Asazi-ke ukuthi kuyiqiniso kangakanani lokho. Kodwa yena uLanga l (uNdwandwe/uMkhtshwa l) wazala uMavuso owazala uLodonga owazala uXaba owazala uLanga wesibili. ULanga wesibili wazala inkosi uZwide . Abantu bakwaNdwandwe babuye baziwe ngokuthi bangabaseGudunkomo ngesizathu sokuthi badabuka ngasezintatsheneni amaGudu. AmaGudu yizintatshana ezengamele umfula uPhongolo. Kuyileso sizathu-ke uma kukhulekelwa umuntu wakwaNdwandwe kuyaye kuthiwe ‘Ndwandwe waseGudu’!

Imizi yenkosi inkosi uZwide yayiminingi kodwa omkhulu kwakuseMgazini owawakhe ngaphansi kwentatshana iSigwegwe. Leyo ndawo kwagcina sekuyindawo kaMntwana uZiwedu kaMpande. Eminye imizi yenkosi uZwide kwakukwaNongoma (lapho sekuyidolobha lakwaNongoma), oPhiyaneni, kwaDlovunga (wawakhelwe unina uNtombazi), kwaLindizwe, eKuwobokeni,eManyandane,eSikhwishini, kwaNdwalaza,eMpungakazi,eMpakama(emaGudu),eNgowongweni neminye. Unina wenkosi uZwide kwkaunguNtombazi wakwaNtshalintshali (okaNdlangamandla)owayeqhamuke eSwazini ezoqinisa umuzi wenkosi uLanga ll uyise wenkosi uZwide. Wagcina egane yona inkosi uLanga ll wauizalela inkosi uZwide . UNtombazi wayeyisangoma esasibuye sibe ngumghakathi . Wayebuya abizwe ngokuthi uyi’Ndlamadoda’ngenxa yakho ukuthakatha. Wakuthi inkosi uZwide inqobe esinye isizwe kwakuthathwa inkosi yaleso sizwe ibulawe, bese inqunywa ikhanda ,bese lelo khanda layo lithathwe kuyohlotshiswa ngalo ilawu likaNtombazi kwaDlovunga.  Lokho kwakuyindlela uNtombazi ayeqinisa ngayo inkosi uZwide. UNtombazi wayefuye nezimpisi ayezondla ngayo inyama yomuntu ikakhulukazi eyenkosi esuke ibulawe indodana yakhe uZwide. Kokunye yayiwabulala ngokuwajuma engazelele noma ngiwadonse ngayo imithi kanina aphemduke izibhabhayiyana aphume emizini yawo ahambe aze azetheke esesemabaleni akwaDlovunga lapho ayofike abalawelwe khona. Emakhandeni aphelela kwaDlovunga singabala elenkosi uMashobana Khumalo,inkosi uDonda Khumalo,inkosi uDngiswayo Mthethwa, inkosi uMlotha Mtshali,inkosibuMalusi Nxumalo,inkosi uPhangashe Buthelezi namanye.  Inkosi uPhungashe yabulawa ngenkathi ibalekele khona emzini wenkosi uZwide ngemuva kokunqotshwa kwayo iLembe.
Ngaphandle kobuthakathi bukanina uNtombazi esingakutusa ngenkosi uZwide ikhono layo ekuphekeni amaqhawe. Emaqhaweni eyawapheka singabala kuwo oMzilikazi Khumalo,Soshangana Nxumalo ,Zwangendaba Jele namanye. UMzilikazi Khumalo wayekhulele khona eKuqobokeni ngesizathu sokuthi wayengumshana kwaNdwandwe. Wayezalwa indodakazi yenkosi uZwide uNompethu . UMzilikazi wagcina esezakhele igama ngokwakha isizwe sakhe uMthwakazi esitholakala eZmbabwe. NoSoshangana Nxumalo naye wabeka induku ebandla ngokuzakhela isizwe sakhe sikaGasa esitholakala eMuzambikwe. UZwangendaba owabe eyinduna yaMaphela nokuyibutho lenkosi uZwide naye wazakhela esakhe sabaNgoni nasinya eMalawi .

Namadodakazi enkosi uZwide azala amaqhawe . UNompethu owayegane imkkosi uMashobana wazala uMzilikazi Khumalo. UNompethu wayelanywa nguThandile emhlane,uThandile yena alanywe nguFikile. UThandile wagana iSilo uSobhuza wasizalela iSilo uMswazi wesibili. Kusuke kushiwo yena uThandile eSwazini uma kuthiwa ‘Nina bakaLaZidze’ . UFikile naye wagana iSilo uSobhuza wasizalela uNdwandwe owafa ebulawa iSilo uMbandzeni kaMswazi kubangwa ubukhosi ngemuva kokukhothama kweSilo uMswazi. UNdwandwe wayeqanjwe ngegama laseKhakonina.
Alikwazi ulibaleka nangephutha igama likaMankulumana Ndwandwe uma kulandiswa ngomlando wakwaNdqandwe. Le nsizwa yasebenzela umbuso kaZulu ngobukhulu ubuqhawe nangokukhulu okwethembeka.  Ngesikhathi seSilo uMamonga woSuthu uMankulumana wayenguNdunankulu wakwaZulu (Prime Minister) . UMankulumana walwa ngobuqhawe obukhulu eSandlwana elwa ngakuZulu. Nangeskhathi sikaMamonga uMankulumana wayewa evuka neSilo uMamonga ,eboshwa evalelwa ejele laseMalizbheki naso iSilo uMamonga . Kwathi nangenkathi umlugu uKholenzo eqoqele uMankulumana ethi ufuna ukumkhipha ejele uMankulumana wanqaba wathi wayengeke akwaze ukuphuma ejele ashiye iNgonyama uMamonga yodwa ejele.

UMankulumana kaSomaphunga wazala uMgojana owaganwa nguMntwana uMbixambixa udadewabo weSilo uCetshwayo . UMbixambixa akazange athole  mntwana ngoba wayesemdala. Wabe esecela intombazane yakwaHlabisa eyabe iyimpelesi yakhe ukuba imxozele umphini. Leyo ntombazane yazala uMoya wayeyingane kaMbixambixa hhayi eyentombazane yakwaHlabisa ngokwesiko lesiZulu.

Amadodana enkosi uZwide ayemaningi kodwa sizokha nje phezulu. Kwakungo Mboni ,Mphahlane, Somacala;Dayingubo, Mshozi, Sikhunyana, Somaphunga namanye.

USomaphunga wazala  uMankulumana,uMakhasana ,uNsukumbili nabanye . Inkosi uZwide yagcina ilwe neSilo uShaka yanqontshwa yagqibuka eyenkosi uZwide . Inkosi uZwide yabalekela kwelabaLobedu nokuyilapho yagcina ikhohamele khona. Kwathi ngowe 1826 uSikhuyana indodana yenkosi uZwide wahlaselwa naye yimpi yeLembe empini yaseZindololwaneni, wazama ukuzilwela kodwa kwanhlanga zemuka nomoya  . UNdunankulu uMankulumana wazala nabanye. UMgojana wazala uMoya uMbuswana nabanye

Izibongo zenkosi uZwide

Zwide kaLanga
UNonkekhela abantu bahlatshwe
Kuhlatshwa iminyango enesisila
Yena bangamhlabi
Ezindleleni ufana nayiphi na?
Ufana nevundlayo
Emithini ufana namuphi na?
Ufana nomnyamathi
Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na?
Ufana nenyandezulu
Isikhova sikaMkhonto noLanga
UMasheshe afike kuMashobana
Noyise uLanga angazange afike
Iqili abalihlabe lishona ilanga
Zinga.ahlatshwa izibhabhayiyana
Amakhubalo adliwa ngangubo yankomo
Adliwa ngengubo yengonyama
Izibuko eliamadwala abushelelezi
Lishelele uMalusi waseNgoleleni
Lashelela uDingiswayo wasoYengweni

Izithakazelo zakwaNdwandwe

Zwide kaLanga
Mkhatshwa
Okhaba ngezinde nangezimaqhukubezana
Nkabanhle
Wena waseGudunkomo
Nkomo kayihlatshwa
Uyothi uyayihlaba yophe amasi njengombelebele
Sandla sivika umkhonto njengehawu
Sandla simnene
Somaphunga
Nonkokhela abantu bayohlatshwa njengezinkomo

#ibinda

Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

084 098 4016

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo