Mkhwanazi

Izithakazelo nomlando wakwaMkhwanazi

Abantu bakwaMkhwanazi imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni . Ngokwezigaba zabaNguni bona bangaMalala Nguni . Ngenkathi befika kwelakwaZulu babekade beqhamuke eSwazini . Ngaleso sikhathi elakwaZulu kwakusengelalwaMthethwa. Kwakubusa inkosi uKhayi nokuyiyona eyakha obukhulu ubudlelwano noMdolomba okunguyena owayehola abaKhwanazi ngenkathi befika kwaMthethwa. AbaKhwanazi eSwazini babekade beyindlenye yabakwaShiba. Ngenkathi befika kuleli osekungelakwaZulu abaKhwanazi babengaqembu amathathu. Kwkaukhona iqembu likaMdolomba elakhonza enkosi uKhayi ,kukhonakukhonaj iqembu elaliholwa nguMnyenyeza nokuliqembu elaziwa manje ngokuthi lingaBakhwanazi bakwaMnqobokazi. Bese kuba khona iqembu elaliholwa nguMdima elaziwa ngokuthi ngaBakhwanazi bakwaDlangezwa . ElikaMnyenyeza lakha phakathi kwemifula iHluhluwe neNyalazi eduze nesizwe saseMncwangeni . ElikaMdima lona lakhelana nabakwaMsane

UMdolomba (hhayi owakwaMyeni) wazala uCungele owazala uVilana owazala uMayanda owazala uSomkhele owazala uMtubatuba owazala uMgwazeni owazala uMinus . Ulibo lwamakhosi akwaMkhanazi lolu.


Inkosi uVelana kaCungele yaba ngezinye zezinsika zomuzi wenkosi uDingiswayo owawubuzwa ngokuthi kusoHheni. Okwathi ngemuva kwesikhathi yaba yinduna yasoHheni. Ngokuthi yake yaba yinsila yenkosi ,kwabe sekuthiwa abantu bakwaMkhwanazi bangoNkali yenkosi, behlonipha insila yenkosi . Inkosi uVelana yazala inkosi Mayanda eyaganiselwa iSilo uMpande udadewaso uNtiliki ozale uSomkhele uyise wenkosi uMtubatuba . Umuzi wenkosi uVelana owawubizwa ngokuthi kukwaMpukunyoni ,wawakhelwe lapho sekulidobha laseMtubatuba ,nalo elaqanjwa ngenkosi uMtubatuba

INKOSI UMTUBATUBA KASOMKHELE

Inkosi uMtubatuba kulinganiselwa ukuthi ikhothame isenemiyanyaka eyevile ekhulwini (100). Inkosi uMtubatuba izalwa inkosi uSomkhele . Inkosi uSomkhele ibutho layo kwakungaMamboza/uThulwana. Inkosi uMtuabatuba yona yayinguFalaza. Inkosi uMtubatuba yayidume kakhulu ngokwephana . Yayifuye uchibidolo wezinkomo obulala inyoka,izinkulungwane nezinkulungwane. Ngokocwaningo lweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi kwaZulu eyayicebe njengenkosi uMtubatuba ,ayikho futhi ayeyephana njengayo . Kwakuthi ngisho isigangi sonile kumele sijeziswe yona yayivele isixoshise ngomhlambi wezithole kanye nenkunzi yawo ukuze leso sigangi singaphinde futhi sigange. Kwathi ngesikhathi kuzokwakhiwa isikole sokuqala kwaZulu kwanxenxwa amakhosi ukuthi akhiphe imali engango 25cents inkosi iyinye, yona yavele yakhipha ikhulu lezinkomo. Leso sikole iMazimtoti esesaziwa manje ngokuthi iAdams College . Inkosi uMtubatuba yabusela emzini kayise wakwaNomathiya . Kwakuthi uma inkomo eyayizohlatshwa ithe yaphunyula yabaleka, inkosi uMtuba yayivele ithi ayiyekwe leyo nkomo kubanjwe enye. Kuze kube namuhla indawo yakwaMpukunyoni ibuye yaziwe ngokuthi kukwaNkomokayixoshwa .

UMHABAHABA KA NKWALI WABAKHWANAZI:

UMhabahaba Mkhwanazi empeleni wangeyengeyona indona yenkosi uVelana (iNkaliyenkosi) . Wayeyindodana kaZama ,uVelena kwakungukhokho wakhe . Le nsizwa yakwaMkhwanazi yabe iyisilomo seSilo uMzilikazi iSilo sikaMthwakazi fufhi iqhawe laso. Kuthiwa kwakuthu uma isizidle kahle izintelezi yachelwa nangazo,yancindiswa nasezindengezini ihlabane ngendlela exaka isitha empini . Bathi yayisheshisa okomphezulu,isitha singaliboni nhlobo elidlalayo. UMhababa wayeyisilom seSilo uMzilikazi ngenxa yabo ubuqhawe bakhe. Walwa ngobuqhawe obukhulu empini yaseNtumbane neyaseSikhwebesini nokuyizimpi ezaziphakathi kweLembe noMzilikazi owayengakabi iSilo ngaleso sikhathi . UMhabahaba wayehila ibutho leNtunta nokulibutho azibuthela lona yena uqobo . Sizobuye sixoxe kabanzi ngoMhabahaba enqolobaneni ekheli lithi www.izingwazizakwantu.blogspot.com

Kwathi ngemuva kokushona kukaMhabahaba iNtunta yaholwa indodana yakhe uDliso owasala empini yaseGadade mhla amaNgisi aCecil John Rhodes ehlula iSilo uLobhengula ngowe 1893

Izithakazelo zakwaMkhanazi

Veyane kaCungethe
Mtubatuba
Wena owalobolela amadoda
Ndonga
Shamase
Mayanda
Nkwali yenkosi
Dlebhu wabeSwazi
Somkhele

  • #kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhamalo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo