Izibongo zaNkosi uPhunga kaZulu

UPhunga waseBulawini
IMfundama kaNtombela
Ephume ezizibeni zeMphembeni
Yasibekela izintaba.

Ilanga eliphume endlebeni yeNdlovu
Inhlalazikweni yakithi kwaNobamba
IZilokazana zikaNozidiya
Ezeza eMmbambangwe zibelethene,
Ukusa kwadabuka

Esinye kungesaseBulawini
Esinye kungesaseMakheni
Inhlendla yethusi yaseBulawini emalungalunga
Ihlab’amadoda ngokuwajijimeza

AbakwaMacingwane bangavuma
Noma beza beyinkungu
ISilo sikaZulu sibaphendule ubuhoyizana
Badliwa zimamba
Badliwa ziNgonyama

Umnyama ovundle inkundla
Esangweni kuJama kaSilwane
Izulu elize kabi
Ligide laphindelela kwaNothengele
Lamhangula uSibhekle
Ezalwa kwaGcabashe

Wafulathela iSihlungu
Ngemvula yezinyembezi
Unoxhaph’amafutha abilayo
Onjengomlilo!
 
 

IBinda Nkosi !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo