Mathaba

AbakwaMathaba
Abantu bakwaMathaba ababuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo. 
Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba ubukhosi bawela kwindlalifa yakhe uMcambi nokunguyena okwagcina kubizwe ngaye isizwe saseMacambini. Ngesikhathi sikaMacambi isizwe sakwaMathaba sasuka ngasemfuleni iNyalazi sagcina sizinze kwaMthethwa. Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa uNomagaga kaKhayi (inkosi uJobe) uyise woDingiswayo noThana. 
Inkosana kaMacambi kwakunguNgwaqa owabekwa waba yinduna yenkosi uJobe kaKhayi, wahola ibutho elalaziwa ngokuthi ‘ IJobe elimnyama’ nokwathi ekukhothameni kukaMacambi lelo butho laholwa nguZiyongo Mthethwa. 
UNgwaqa wazala uMayiba owawaba yindlalifa yakhe, uMayiba wazala uLokothwayo.  
ULokothwayo wayephila ngesikhathi sikaJininindi kaNdaba omnyama. Ngemuva kokunqotshwa kukaZulu nguMbuso kaKhwini uLokothwayo wabekwa ngaphansi kukaJohn Dunn kanye nesizwe saseMazimeleni, kwaNzuza, kwaZulu oBanjeni,kwaMkhwanzi nakwaDube. Lokhu kwenzeka ngoba amaNgisi ayethe yonke indawo ephakathi koMhlathuze noThukela yayizophathwa nguJohn Duna (uMsheshelengwana ozishaya incwakwana)
UJohn Dunn wafa ngowe 1895. Kuthe ngemuva kokufa kwakhe indawo kaLokothwayo kaMayiba Mathaba yabuyela kumniniyo uLokothwayo kanye nalezo zamakhosi oZimema Mzimela, Magemegeme Dube, Ngogwana Mkhwanazi noNgwenya Nzuza. 
Inkosi uLokothwayo yazala indlalifa yayo uPhutha. Yena waqokwa njengenkosi yaseMacambini mhla zingama 27 Zibandlela 1917. Inkosi uPhutha yayinemizi eyisi 6 emihlanu yayo okwakungekayise uLokothwayo 
Amagama emizi enkosi uPhutha 
ENhlakanhlakeni 
KwaKhishwa 
KwaMuzwazidluli
KwaGabngokumuka
KwaPhangizwe
NakwaMunt’engihlupha 
Izithopho zabo 
Mathaba 
Macambi
Ngwaqa kaMacambi
Qawuzele
Gomba
Sengela
Sobasa
Makena
Lokothwayo

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo