Makhoba

AbakwaMakhoba
Abantu bakwaMakhoba kusengabantu ababodwa nabakwaZungu. Ngokwezigaba zabeNguni abantu bakwaMakhoba bangaMantungwa Nguni njengabakwaZungu. 
Uma kulandiswa ngomlando wabantu bakwaZungu awalibaleki amagama kaNozinja, Nozidiya kanye nelikaNgqumbazi
Bonke laba bantu engibabalile babe ngabantu besifazane, bezalwa khona kwaZungu. 
UNozodiya wayegane inkosi uZulu wazala inkosi uPhunga yaseBulawini kanye nenkosi uMageba yaseMakheni. UNozinja yena wazala inkosi uZulu nenkosi uQwabe bakaMalandela. UNgqumbazi wazala iSilo uCetshwayo kaMpande 
* UMakhoba noZungu babengamawele bezalwa uNcwane kaMhlehlo kaSengwayo kaNyamakayishi kaGwabini. Iwele elaphuma kuqala kwakunguMakhoba. Labo ababebelithisa unina kaMakhoba bacabanga ukuthi sebwqedile uma uMakhoba kodwa unina wamemeza ethi ” ngibambeni kukhona osezungwini’. Lavela-ke iwele lesibili laqanjwa igama lokuthi nguZungu ngalokho. 
Ngalezo nkathi amwele ayethathwa njengesiqalekiso kwaZulu. Kwakuthi uma kuzele amawele elinye lalawo mawele lendiswe( uma kungelentombazane) noma ligoduswe- liyokwelusa (uma kungelomfana). Kuthiwa uyise wamawele uNcwane wala washaya phansi ngewisa ukuthi kubulawe enye yamawele akhe. 
Okwakumele abe yinkosi kwakunguMakhoba ngoba phela nguyena owayezelwe kuqala. Kuthiwa ngenkathi uMakhoba noZungu beseyizingane bekhula,babekhangezwa izaqheqhe zamasi ezandleni. UMakhoba wayewadla awakhe amasi awaqede ngokushesha okukhulu. Kodwa uZungu yena athi choku choku kancane awalahle amasi esekhona esandleni. Ukuthanda ukudla kukaMakhoba kwakuhunyushwa ngokuthi wayeyisidlakudla uZungu wahunyushwa ngokuthi wayezokuba nozwelo acabangele abanye abantu mayelana nokudla. Ngakho-ke uZungu wabekwa wab inkosi ize uMakhoba wayeyiwele elalizelwe kuqala 
AbakwaMakhoba ubukhosi babo bugxile eGcotsheni lapho bubaphunyuke khona bagcina sebebuswa abakwaBiyela izizukulwane zikaGala kaNodade iqhawe leLembe. 
UMakhoba wazala uJoko owazala uMgebisa owazala uNdabayakhe. 
UZungu wazala uTshana owazala uMondi owazala uNgqumbazi owagana ugana iSilo uMpande kwazalwa iSilo uCetshwayo. Endlunkulu uTshana wazala uMkhonto owazala uManzini owayephila ngesikhathi seLembe
Abantu bakwaZungu kanye nabakwaMakhoba bahlobene kakhulu nabakwaMpungose 
Ake ngime lapho nina beMbube yakithi eNaleni‎
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo