Nkomo

AbakwaNkomo

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela-uDunjwa yedwa limkhandanisile! 
#nguShaka lowo
Nina be’Ndlovu enebatha kubelungu abamhlophe eyakithi kwaKhethomthandayo ‘‎ ake ngiphose nje itshanyana elingatheni esivivaneni  ngomlando wabantu bakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni. Laba bantu bangaMantungwa akwaSokhumalo. Ukhokho walaba bantu nguYengwayo wakhona kwaKhumalo. Ngokusho komlando obhalwe phansi kuthiwa uYengwayo lona wayephila eminyakeni yama 1500 kuya kweyama 1600 nokuchaza ukuthi wayephila ngesikhathi samakhosi oPhunga waseBulawini kanye noMageba waseMakheni. Ngaleso sikhathi iqhawe lakwaSokhumalo uMzilikazi kaMashobana wayengakazalwa nokuzalwa. 
Akulona iqiniso ukuthi abantu bakwaNkomo bazalwa nguNkomo indodana yenkosi uShandu kaNdaba ngoba uNkomo waseMambatheni wagcina eyigama nje, akazange azale esinye isizwe njengoDladla noMbeje. UNkomo kaShandu kaNdaba wazala oMatshana nabanye, uMatshana (hhayi owakwaSithole) wazala uHlakanyana owazala iqhawe likaZulu uDilikana elayibamba ishisa eMosega ngenkathi uZulu ebambene ngezihluthu nabeNtungwa basenhla kwaSokhumalo empini yaseMpama. Kuleyo mpi uDilikana wagwazwa esiswini kodwa waqhubeka elwa, walalisa uyaca inqwaba yamabutho esitha elimele enjalo kwaze kwafika isikhathi sokuthi aquleke ( he collapsed). Kwathiwa ufile kanti akafile. Esequlekile -ke oNdlela kaSompisi Ntuli kanye noDambuza kaSobadli Ntombela bakhipha umyalelo othi athwalwe uDilikana ayokwelashwa amanxeba.  ‎Nempela wathwalwa uDilikana, izinyanga zamthungwa amanxeba zamenzela nemihlatshelo wavuka waphila qinqo.Wayengeke amshiye phela uNdlela ngoba kwayena wayeke wahlangana nenkinga efanayo empini yasezibukweni laseMhlathuze lapho uNdlela noHlathi kaNtopho Ntshangase bagwazwa kabuhlungu ngamabutho enkosi uZwide aMaphela kangangokuthi impi kaZulu yabashiya bendindilizile, amathumbu engaphandle, yahamba yayobika eNgonyameni uShaka ukuthi oNdlela noHlathi bafele ezibukweni laseMhlathuze. INgonyama uShaka yakhipha umyalelo othi makulandwe oNdlela noHlathi, kuyilapho-ke okwatholakala khona ukuthi babengafile.Ngakho-ke uNdlela wayesiqonda kahle isimo sikaDilikana Mbatha. 
Ake sibuyele kwabakwaNkomo 
AbakwaNkomo bangabeNtungwa bakwaSokhumalo njengoba besengishilo.  Bakanye nabakwaNgubeni. Lezi zibongo zitholakala cishe kuyo yonke iAfrika engaseNingizimu, ziyatholakala eSwazini, KwaZulu, KwaMthwakazi, KwaSoshangane kanye nalena koGiyane nakoMalamulela. KoGiyane -ke baziwa ngesikaNgobeni hhayi Ngubeni‎. 
UYengwayo wazala uNgubeni owazala uNgwadi owazala uZuba owazala uMqansa.  
Umuntu owagqama kakhulu esibongweni sakwaNkomo nguGolela Nkomo wayephila ngesikhathi seLembe kanye nangesikhathi sikaMbomboshe omnyama. Njengawo wonke amaNtungwa akwaSokhumalo  uGolela wayakhe eNgome .Ngenkathi uGolela ezwa umbiko owawuthi umnewabo uMzilikazi uhlaselwa ngabakaMalandela akazange apholise maseko, waqoqa ibutho lakhe walihola laphikelela ngaseNtatshaneni iNtumbane wayokwelekelela umnewabo uMzilikazi. Ngaleso sizathu-ke abakwaNkomo bathola isithakazelo esithi o’Hlabezulu/Mahlabezulu. 
Ngesikhathi uMbomboshe ehlasela wonke umuntu owayeliNtungwa akamulibalanga uGolela. Wabahlesela ngosuku olulodwa noMdleleni kaMashobana wabadudula waze wayobaweza umfula uMthamvuna nokuwumfula ohlukanisa izwe lakwaZulu nezwe likaHinsa. Ingakho namuhla sithola oNkomo abaningi ezweni lakwaXhosa, bafika noGolela owayebalekela ulaka kukaMbomboshe. Liyavela igama likaGolela ezibongwe I zenkosi uDingane uma kuthiwa ‘Wamudla uGolela kwabakwaMashobana’ 
Igama elithi ukudla lichaza ukunqoba hhayi ukubulala. Kuyefana nje nasebholeni lezinyawo uma iZimpofana zehlule uMagebhula kuyaye kuthiwe zimudlile uMagebhula. UMdleleni unguKhokho wabakwaNyawose.  
AbakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni basabazisa ubuhlobo babo nabakwaKhumalo kangangokuthi abaganani nabakwaKhumalo.  
Elinye iqhawe alagqama kakhulu kwaNkomo nguMnikina Nkomo owayekhona naye empini yaseNtumbane. Yena wazala uMzaca owagcina ebuthelwe ebuthweni laMahlokohloko ebuthwa nguMmbambelele kaHlabangane Mtshali. 
UMzaca wazala abakwaMzaca,nabo oMzaca bangaMantungwa impela ize iningi labo likhuluma isiSuthu kanye nesiTswana. Okunye engingakuphuphawula ukuthi ngemuva kwempi yaseNtumbane enye ingxenye yabakwaNkomo yabaleka yayokhonza enkosini uMpangazitha ngaseTilehe. Kwathi ngenkathi indodana yenkosi uMpangazitha uMehlomakhulu inyuka iya eMosega iyokhonza enkosini uMzilikazi yakhuphuka cishe nabo bonke abakwaNkomo‎. Ingakho bebaningi kanjena abakwaNkomo ezweni lakwaMthwakazi.  
Ake ngime lapho nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke ziyizwile ukulila! 
#nguShaka lowo 
Izithakazelo zakwa-Nkomo
Yengwayo, 
Mageza, Lajani, 
Vezi, Phaphe,
Mahlabezulu,
Nkundlande,
Ngubeni,
Golela
Nina enala ukudla umlenze wakwaBulawayo 
Nathi ngumlnze wankomoni lo?
Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome ?
Nkomo ebomvu eyavula inqaba ngezimpndo kwelaseNgome 
Bantwana benkosi 
Mantungwa amahle 

KwabakwaNkomo kwabuye kwavela ezinye futhi izibongo. Lezo zibongo ezakwaNtsaluba, Kuta, Golela, Phanginyama( izifani). Zonke lezi zibongo zitholakala eMpumalanga Koloni futhi zisabazisa kabi ubuhlobo bazo nabakwaKhumalo. NgoNovember kuwo lonyaka ophezulu wonke aMaNkomo azobe enomcimbi omkhulukazi kukhonjulwa iqhawe uGolela. Lowo mcimbi uzobe useBhayi alambathwa. Ungashayela lenombolo uma ufisa ukwazi kabanzi 084 098 4016 

#BeNtungwa nibahle nonke.‎
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo