Myeni

AbakwaMyeni:

Abantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Lapho okwakuxhumeke khona uMabaso noMchunu. Ngesikhathi belaphaya eBabanango kwakungashiwo ukuthi ngabakwaMyeni, kodwa kwakuthiwa ngabakwaMyeki. Umuntu owayeyikhanda lalaba bantu kwakunguMlambo noma uMalambe. Kwathi ngesikhathi sikaMlambo kwaba khona umbango emndenini lokho okwenza ukuthi uMlamboUMlambe ashiye emanxiweni akubo ayozinza kwesenkosi yakwaQwabe. Wakha ngaseShowe , lapho uMlambo akhothamela khona. Ekufeni kukaMlambo washiya amadodana amabili uNgwenya inkosana kanye noNsinde. 

Kwathi ngesikhathi sikaGwebeshe  indodana kaMasendleleni kwehla umhlolo ongakaze ubonwe kuleli likaMthaniya, lapho kwangena ikhona insingizi yakhala egcekeni. Lokhu kwakubika umhlola uqobo.

UGwebeshe  kalinda ukuba kuyiwe ohlanyeni kube nengomboco kodwa wavele waqoaqa abantu bakayise abangakuye washaya wachitha wayokhonza enkosino yabaThembu eNseleni. Kuthe ukuba atholwe lapho wase eshintsha isibongo sakhe wathi sebengabakwaMyeni hhayi uMyeki. Lokhu kwamenza ehlukane nabafowabo ababesele kwaQwabe.

Uzibiza ngoMyeni ngoba ethi sesingabayeni ezizweni. Kwakusengahti laba bantu base beqalile ukulunywa unyawo. Ngoba kabahlalanga futhi ebaThenjini kodwa bedlula baze bayokwakha endaweni yakwaMthethwa, bedlula futhi nalapho baze bayofinyelela eMtubatuba, sebewele iMfolozi emhlophe. Kwathi bethi bayazinza lapho base behlaselwa nguSoshangane wakwaNxumalo, wabadudula baze beqa izintaba zoBombo baye bafinyelela emfuleni iNgwavuma. Kulapho bahlangana khona nabakwaMngomezulu okuyibona babephethe kuleya ndawo.


Bafike bemukeleka ngezandla ezimhlophe ngabantu bakwaMngomezulu. Inkosi yabo kwakunguZondiwe. Bahlala kahle abantu bakwaMyeni kule ndawo . Kuthiwa nendlu kaNsinde nayo yalandela abafowabo. Kuthiwa abantu bakwaMngomezula ngenxa yokulunga kwabo behlalisene ngokuthula nabantu bokuhamba, lokho kwabadalela enkulu inkinga ngoba bazibona sebefukamele inqwaba yabantu ababebalekeka ulaka kwenkosi uShaka kangangokuba base behluleka ukubafukamela.

Lokho kwenza uZondiwe inkosi yakwaMngomezula agudluke yena egudlukela laba bantu, ngoba ebona ukuthi bamdonsela amanzi ngomsele ngoba bathi babalekela ulaka lukaShaka. Washiya abanye babantu bakhe ezandleni zomfowaba uMsuduka. Bathi uZondiwe wafela kwabezizwe.

UMdolomba indodana kaDuma wezwa ukuthi umfowabo uVuma indodana kaLundini usekhonze kuMpande owayebusa kwaZulu, uMpande wamnika indawo yaseNtshaneni ezintabeni zoBombo. Kwathi naye ngoba izinto zase zingammele kahle kwaMngomezulu kubhoke isomisa, wahamba naye wayokhonza kuMpande. Nempela uMpande wamnika izwe ezansi neMfolozi. Leyo ndawo kuze kube manje kuthiwa kukwaMdolomba, ngoba yilapho uMdolomba afela khona. Ngesikhathi sokukhothama kukaVuma endlini encane yakwaMyeni eyayisiyakhe eNtshaneni ezintabeni zoBombo, indodana kaVuma uSiphike , wasuka washiya izwe lakubo wayokwakha eSwazini, lapho afela khona kanye nendodana yakhe uMkakwa. Kepha uMlangazi kaLundini wahola isizwe sakwaMyeni ezintabani zoBombo.

 
Inkosi -uMnguni:
 
Ngesikhathi iSilo uShaka sibuya ukuyohlasela isizwe sabeSuthu, abamutho aso ayeselambile kwazise abeSuthu babezifuyele amahhashi nezibongolo. Kuthiwa uShaka wabe esengenisa kwaMyeni enkosi uMnguni lapho ahlala khona izinsuku eziyisihlanu.Kuthiwa wathi esehamba mahlabisa  ngenkabi enkulu bathi wumphako wakhe wendlela .Inkosi uShaka yakhipha umyalelo wokuthi isizwe esohlasela AbaYeni [abakwaMyeni] uyosibulala yena mathupha ngoba waphatheka kahle kakhulu kwaMyeni . 
 
Inkosi u-Mabasendleleni 
 
Ekukhothameni kwenkosi u-Mnguni ubukhosi bathathwa nguMabasendleleni. Ngokukhothama kukaMnguni izizwe zazifuna ukuhlasela abakwaMyeni ngoba uMnguni wangenisa uShaka . Inkosi uMabasendleleni ibaleke yehla ngesilulu yaze yafika phesheya koThukela .Kwathi sebebulawa ngamakhaza yathi makubaswe khona lapha endleleni ,yabe isibizwa ngoMabasendleleni .
 
Inkosi uGwebeshe :
Yabusa emva kokukhothama kukayise uMabasendleleni. Kwathi ngenkathi beqhubeka ngokufuduka belibebangise  enyakatho yelakwaZulu, boma kwazise imifula nemithombo kwabe kushile . Wathi mabambe umhllabathi kwaze kwaqhamuka amanzi ., waphuza njengoba kuthiwa uGwebeshe omnyama ophuza amanzi okuhlalelwa. Nguye phela owabaleka insingizi [ingududu] ngokusindeza ethi isilwane. Kuthiwa abafana bakwaMyeni bathi besalusile izinkomo bathola amaphuphu ensingizi , bawathatha bagoduka nawo .Izinsingizi zagasela kwaMyeni .Ngendlela ezaziningi ngayo ,uGwebeshe wabona ukuthi ayingangaye , mababaleke .Bafuduka njalo  besuka eMangethe ngaseMandeni bayokwakha eShowe. 
 
Inkosi u-Duma :
Yaxoshwa isizwe sabaThembu esasakhe eNtambanana  ngaseMpangeni kuze kuyoshaya kwaSokhulu. 
 
Inkosi u-Mdolomba [I]
Yawela imfolo nemlolozana yaze yayokwakha e-Mtubatuba . Yakhula yamdala kakhulu ,isiqukulwa ngesikhumba njengoba nje nezithakazelo zithi :UMdolomba akangakanani, nasentendeni yesandla uyahlala .
 
Inkosi u-Malambe 
 
Yasuka eMtubatuba  yaya eMkhuze .Kuthe isifuna  ukuwela umfula yavinjwa  zingwenya . Yathi izingane eyozizala iyozibiza ngoNgwenya . . Yazala amawele aphuma ebambene ngezandla ,yathi lokhu kuwuphawu  lokuthi  laba bantwana kufanele babuse ngokubambisana . Elidala wathi nguNgwenya , elincane wathi nguNsinde. Kuthiwa ngenkathi  lamawele , uNgwenya waveza isandla izalukazi zasibopha ngoqhotho maqede sabuyela esiswini , kwabe sekuphuma uNsinde kwalandela yena uNgwenya. .Kwathiwa uNgwenya ngoba uyena oveze isandla kuqala nguye omdala . La mawele azalwa nguMaGumbi . Yilapho -ke okwaqala khona ukuthi  kube nezindlu ezimbili zobukhosi kwaMyeni  . Ubukhosi  bakwaMyeni buseMkhuze, okuyindlu enkulu, nasoBonjeni , okyindlu encane . 
 
 Amakhosi akwaMyeni ngokwezindlu zawo :
UNgwenya[endlini enkulu]
-UNsinde [endlini encane]
-USidladla
-UMaguma
-UNtambose [owabulawa yindlu yakwaBanakile kubangwa ubukhosi]
-ULundini
-UMmemezi
-UVuma
-UMadlaka[owayenondlunkulu abangama-28]
-USiphike
-UMdlolomba II
-UMkankwa
-USabatha
-UNkunzi 
-UBhekinkosi[obusayo kuyimanje]
USilwane [obusayo kumanje]

Izithakazelo zakwaMyeni:

Mdolomba


Mzukase,

Mnguni wasenhla
Wena waseNingizimu
Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya
Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa 
Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane
Mdlomba kaDuma 
Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala 
Ngwenya kaMalambe 

Mzimela

Mziyankatha

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo