Buthelezi

AbakwaButhelezi!!!!!
………………………………………………………………………………………….

Uma kukhulunywa ngendawo yaseMcakweni kanye naseMpembeni, eMaqungebeni kanye neBabanango,kukhulunywa lapho ngemingcele yezwe lakwaButhelezi. Isizwe sakwaButhelezi singesinye sezizwe ezindala lapha lakwaZulu. Imvelaphi yabo iyefana neyoMalandela. AbakwaButhelezi bangaMantungwa Nguni aqhamuka enhla nezwe, yikho lokhu abanye bethi bangaBeSuthu.

Ngesikhathi elakwaZulu libuswa nguSenzangakhona kaJama——–elakwaMthethwa libuswa nguDingiswayo kaJobe, kwaButhelezi kwakubusa uPhungashe indodana kaQwangubana. Kufika esikhathini nje sikaPhungashe kade saba khona isizwe sakwaButhelezi. Umlando wabo usukela kuShenge idlozi labo elikhulu owayephila ngabo1640. Noma isizwe sakwaButhelezi ngezikhathi zoPhungashe sazimele kodwa ekugcineni ngezinye zezinsika zombuso wobukhosi bakwaZulu .

Okunye okugqamisa isizwe sakwaButhelezi ukuthi isona uShaka asihlasela kuqala.. Isigcwagcwa sikaPhungashe kuShaka kwaba ukuthi uShaka athole esekwaMthethwa ukuthi uPhungashe ufukamele izinyane likaSenzangakhona eliyomlandela ebukhosini bakwaZulu uma esekhotheme yena uSenzangakhona. Lowo phela kwakunguBhakuza indodana kaSenzangakhona ayithola kuMaButhelezi. Kwathi ngempi yakwaMthethwa neyakwaButhelezi , uShaka yena wayevive kweyakwaMthethwa.

Ukuya kukaShaka kule mpi kwakungukuyoziveza ukuthi uliqhawe kanganani nokuthi ayobulala uBhakaza owayesendleleni yakhe ebheke ebukhosini bakwaZulu. Nangempela wafa-ke uBhakuza ebulawa nguShaka. UPhungashe akumphathanga kahle ukufa kwengane kaDadewabo. Naye waqala lapho ukubuka uShaka ngeso lenzondo. Yingakho nje uPhungashe ayejwayele ukubiza uShaka ngomfokazane kaDingiswayo, okwakuyikumeyisa impela.

Wayengakuthandi ke uShaka ukwehliswa isithunzi,yingakho waphinda wayohlasela abakwaButhelezi okwesibili, wabanqoba wabafaka ngaphansi kombuso wakhe wakwaZulu.

Uma sibheka ekuzalaneni kwabantu bakwaButhelezi kunendidana kancane, ngoba indlu eyayingagqamile kangako yiyona eyagcina ithathe ubukhosi bakwaButhelezi.
…………………………………………………………………………


Ukwelamana kwabakwaButhelezi!!

UShenge uzale uMageba.

UMageba yena wazala uQwangubana noNyathi.

UQwangubana wazala uMevana , uPhungashe kanye noCole..

UPhungashe yena uzale uLubisi , uMtshubhana kanye noMsicwa.

UMtshubhana yena uzale uMalahle…

UMsicwa yena uzale uMandulo..

Lezi yizindlu zikaPhungashe. Khona lapho kwakunendlu kaShenge encane evela kuMageba indodana yakhe, uyise kaQwangubane. Le ndodana kwakunguNyathi..

UNyathi yena uzale uNduvana noMlambo..

UMlambo wazala uMvulana.

Yena wazala uNgqengelele.

UNgqengelele wazala uMnyamana.

UMnyamana wazala uTshanibezwe noMkhandumba.

UTshanibezwe wazala uMathole.

UMathole yena uzale uMangosuthu (uMntwana wakwaPhindangene) okunguyena obusayo namuhla.
…………………………………………………..


Izithakazelo zakwaButhelezi!!!

Shenge,
Sokwalisa,
Phungashe kaQwangubana.
Mnyamana kaNgqengelele,
Sondiya,
Mnandingamondi,
Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,
Nina zinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi nanganye nangambili…..


Izibongo zamaqhawe akwaButhelezi

1. Izibongo zenkosi uNgqengelele kaMvulana

UMlambo kaNyathi
UNqwababa zinezinyembezi
Umkhon’ovikel’isibili
Ushishiliza kwelimaholo
Umlamb’ogcwal’usenyuka
Eminy’imlambo oza nezigodo
Umqengqe wakithi kwaNomahhina
Ongekufa ngamadliso
Oyofa ngamaloyiso
Inyoni kaMakhala
Eyakhalel’uZulu
Nyaku’uZulu engekulima kithi kwaBulawayo
Eyakulima ngensimbi yamadoda
Usondli sembhunca
Inxa ibhembesa
Ingani nguyena angazibhembeselayo
Ingcayi emathayi
Eyagcayel’uZulu
Yagcayel’uMbelebele
Yagcayel’uBulawayo
Yagcayel’abaQulusi
Yagcayel’iMpangiso
Yagcayel’uGuqu
Yagcayel’uZwela
Umvuthuz’ashiye
UZinto zimnengani?
Umgubhi wawoLanga
Uzisinde zamanye

2. Izibongo zenkosi uMnyamana kaNgqengelele [owabe engundunankulu weSilo uCetshwayo]*

Inkayishan’encinyane yaseKushumayeleni
UMashikisha ungandlovu
Zisel’emachibini
Ubisi olumadlanga
Olungenangwebu
UMqandeleli
Oqandelel’izincwadi zilotshwe nguMalimade
Indlaph’edlaphun’uSomtsewu kaSonciza
Umuntu kwaze kwas’engalele buthongo
Mqengq’owakithi kwaNomahhina
OnganjengabeNguni baseGudu
Bona bemakhanjan’azilukuhlana
USothantant’abantu njengothangazana
UMsuth’ongubo zimawanguwangu
Zinjengezabafundisi bephum’esontweni
Unkomo zagudl’amaguma nangezimpondo
Ngoba zagudl’awaseMhlohlalanga
Okhishw’enqabeni yakhe
Waye waphethel’enqabeni kaKhambi noMlotha
Isakhukhazan’esimaphiko
Sifunamel’amazinyan’eNgonyama
Phakathi kukaGodlankomo noCeza
UNkomo zavus’eyakwaCeza
Uwuchithachithil’umkhumbi kaSigwabugwabu
Phansi kweTshana
Isihlahla esimsithi
Sisith’uMaxaban’ezalwa uBhambula
Sasith’uNoziphungwan’ezalwa uNyanda
UMgaseli waqoqo lazitha
Lenziwe uMzitshana benoJantoni
Uzwanda lwakithi eKushumayeleni
Bebeluxokozelel’abakith’eKubhazeni
Exokozelelwa nguMxwaphuna kaMalungwana
Ekukozelelwa nguNdabankulu kaLukhwazi noMankulumana kaSomaphunga benoMabhoko kaMasiphula
UHlabana ngolubekebekana
Abewuthethe kuZimema kaMgencwa
Bathi “Imbelek’idabukile wena kaNgqengeleeeele!!

Yibiiiiiiindaa!!!

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo