Xulu

AbakwaXulu!!!
………………………………………………………………….

AbakwaXulu ngamaNtungwa Nguni . Amandulo babakhelane nabantu bakwaSibiya kanye nabaseLangeni(Mhlongo). Ngaleso sikhathi babephethwe nguXabhashe kaDonda(hhayi uDonda wakwaKhumalo). Indawo lapho sibathola khona abantu bakwaXulu babakhe phakathi komfula uMfule kanye neMfolozi eMhlophe ngokubhekela ngasolwandle. Kuthiwa lesi sizwe sasizihlalele nomakhelwane baso ngokukhulu ukuthula lokhu. Kuze kwathi ngesikhathi senkosi yakwaMthethwa uDingiswayo ngoba efuna ukwakha ubukhosi bakhe, wase ehlasela uXabhashe nesizwe sakhe, khona laphaya ngaseMthonjaneni.

Phela kungaleso sikhathi lapho uDingiswayo ayefuna khona ukudlondlobala abe yinkosi yomhlaba wonke, zonke izizwe ayezinqobile zikhonze ngaphansi kwakhe. NoXabhashe-ke wawela kulolo gibe lokuthola inkosi yakwaMthethwa yomele ukuphatha ngamandla amakhu angakaze abonwe nanini. Bathi uXabhashe ngobunye ubusuku obejwayelekile wayezilalele engazelele lutho kanti uzohlaselwa ngalobo busuku. Bathi wathi ephaphama emaphusheni akhe amnandi, waphaphama eseyisiboshwa sikaDingiswayo kaJobe, ngoba impiyakwaMthethwa yahlasela ebusuku futhi kungazelele muntu, bonke abantu belele.

Kuthiwa ekuvukeni kwakhe uXabhashe wathukuthela waze wamelwa yinhliziyo, wakhothama(wafa). Kwawathukuthelisa kakhulu amaqhawe akwaXulu okwase kwehlele iNkosi yabo. Bazama imizamo yokuba baphindisele kubasocongi, kodwa kwatholakala ukuthi impi yoGodongwana woYengo(kaDingiswayo) inamandla kakhulu, ngakho yachithwa eyakwaXulu. Yabaleka yaze yayotheleka ezweni lakwaQwabe, ngaphesheya koMhlathuze eduze kwentaba ebizwa ngokuthi kukwaHlokohloko eduze komthombo kaKhondlo.
UXabhashe wangcwatshwa lapho afela khona, ithuna lakhe liyatholakala laphaya egqumeni laseLumbi. Okwaba ngumshophi omkhulu kubantu bakwaXulu kwaba ukufa kukaTshana indodana kaXabhashe ibulawa ukugula nje. Nayo futhi yangcwatshwa laphaya eLumbi. Kusengathi kwakuyindodana yokugcina yoliba lukaXabhashe, ngoba emva kwalokho uliba lwase luxhuma kuMapholoba(hhayi owakwaNgcobo) indodana kaSweli kaMgidi kaNomandla kaMakhathini. Kuthe ngalesi sikhathi sikaMapholoba bahlaselwa futhi nguShaka inkosi yakwaZulu.
Nalapha abantu bakwaXulu kabazibekanga phansi. Yahlangana eNyana kwatholakala ukuthi abantu bakwaXulu kabakumelana nempi yeLembe(kaShaka) eyayihlelwe kahle. Banqotshwa, kwathi uMapholoba wafela kwaMaqhwakazi kanye nomfowabo uMadlozi. Kwasinda umfowabo, enye yamadodana kaSweli uNohadu. Yena wazama ukubuyela ezweni lakubo eMfule. Kodwa wayesabuyelaphi ngoba imizi nokudla kwakucekelwe phansi konke. Ngalokho baphoqeka abantu bakwaXulu ukuthi baphile ngembuya. Kwase kuthiwa labo bantu ngabaseMbuyeni. Ukuzenelisa ukuthi abantu bakwaXulu ngeke besaba wuhlupho, uShaka wathatha umhlobo wakhe uMenziwa kaXhjoko wakwaBiyela ukuba abheke lendawo yabantu bakwaXulu. Kodwa basekhona abantu bakwaXulu eMfule kuze kube manje. Noma bengasenankosi yabo.

Kwathi uMfinyeli waba nenhlanhla yokuthi abe ngumngani omkhulu kaNzibe umnawabo kaMpande. UMfinyeli waba yinduna kaNzibe lokho okwenza ukuthi uMpande amenze induna yabantu bakwaQunwane ngakwaHlabisa. Siyabathola futhi abantwana bakaMfinyeli laphaya kwaNongoma..

………………………………………………………………………..

Ukwelamana kwabakwaXulu.!!

UBonga uzale uNtuli(hhayi owaseLenge)

UNtuli kaBonga yena wazala uMakhathini nabanye.

UMakhathini wazala uNtonga , uNomandla nabanye..

UNtongwa wazala uPhuhlaphansi nabanye.

UPhuhlaphansi wazala uDonda owazala uXabhashe.

UXabhashe yena wazala uTshana..

UNomandla wazala uMgidi owazala uSweli.

USweli wazala uMapholoba, uMadlozi, uNohadu kanye noMfinyeli..
……………………………………………………………..


Izithakazelo zakwaXulu!!

Makhathini,
Xabhashe,
Donda wasENkweleni,
Khuhlaphansi njenge khowandlovu,
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo.
Sonkophe.
Sombizi.
Donda!!

…………………………………………………………………………….
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo