Mthethwa

AbakwaMthethwa!!!!!

Isizwe sakwaMthethwa singesinye sezinkulu emlandweni wakwaZulu ikakhulu ngesikhathi sokubusa kweNkosi uGodongwana kaJobe(Dingiswayo). Phela abeNguni behlukaniswa izigatshana, abakwaMthethwa bona babizwa ngokuthi ngaMalala.. Abantu bakwaMthethwa badabuka eNyakatho nezwe lakwaZulu, behla njalo begudla ulwandle. Umholi wabantu bakwaMthethwa kwakunguXaba kaMadangu kaNkomo! Bedlula eChwebeni (St Lucia Bay) bayowela iMifolozi yomibili(omnyama nomhlophe) bahamba njalo baze bayofika emfuleni obizwa ngokuthi yiNseleni. Ekuzinzeni kwabo lapho eNseleni bahlangana nabahlobo babo okucishe basuka endaweni eyodwa eNyakatho, labo ngabantu bakwaMbokazi. Kulabo bantu bakwaMbokazi yilapho uJobe wathola khona amadodana akhe amabili, uTana nomnawakhe uGodongwana(Dingiswayo) UGodongwane wagcina esebusa izwe lakwaMthethwa esenguDingiswayo, esusela ekuzidingiseni kwakhe ebalekela ulaka lukayise, ekufeni komnewabo uTana.

UJobe wayenemizi emibili , eBalungwini nasoYengweni. OYengweni yilapho okwakuhlala khona amadodana akhe amaningi, uTana noGodongwana babengabanye balawo madodana.
INkosi ujobe yakhula yaze yangumdodovu wexhegu. Nakho ke ngelinye ilanga abafana laba bekhombisa ukukhathazeka kwabo ngokangagoduki kwekhehla base behlangana bezobonisana ukuthi uma ikhehla selikhotheme bayolibusa kanjani izwe…kanti ababoni ukuthi khona lapho kwakunendlebe yenkosi uNodungwe wakwaMakhanya, owahamba wayonyenyezela iNkosi uJobe ukuthi uzwe amadodana ayo ehlela isu lokuyigodusa(okwakungesilona iqiniso). INkosi uJobe yathukuthela yagana unwabu. Yathumela ibutho ukuba bayobulawa laba abafana. Bafikelwa ebusuku belele bengazelele lutho. Baphulukundlela okwezimpunzi babaleka kodwa uTana(inkosana) anabanye amaningi babulawa.. UGodongwana(uDingiswayo) uthe lapho ethi weqa uthango, ibutho lawuphelelisela umkhonto ehlombe. Babethi baqedile nagye kanti akafile .. Wabaleka nomkhonto usemzimbeni wayozithukusa ehlathini( yingakho phela ezibongweni zikaDingiswayo sizothola uhlamvu oluthi”IMpunzi evuke nomkhonto”_))
Ekuseni watholwa yizinsizwa ezazimfuna, ngesimanga zamzwela zamdoncula umkhonto, zambopha inxeba( esikhundleni sokuthi zimbulale)
Zabuyela kuyise uJobe zayobika ukuthi zehlulekile ukumthola uGodongwana, bahambe inqina kamabuyaze. Wahlala izinsuku ezimbalwa kulelo hlathi ngaphansi kohlengo lukadadewabo, kwathi lapho esezizwa ukuthi usengcono wabalekela ulaka lukayise . Bathi watholana nabahwebi abahamba naye waze wayofika eKoloni.. KuseKoloni lapho anyonkela khona ukuviva kwamasotsha amaNgisi. Wakuthanda lokhu kuqeqesha. Wathi uma esekhumbule ekhaya wedlula kuBhungane inkosi yamaHlubi enzela ukuhosha umoya wokuthi ngabe ikhehla elinguyise lisaphila yini. Wazithola izindaba ezimnandi zokuthi selakhothama ixhegu kodwa usesihlalweni sekungumnawakhe uMawewe, ozalwa ngomunye wonina njengoba besengishilo ngaphambilini ukuthi uGodongwana noTana babezalwa uNdlunkulu uKaMbokazi. UMawewe yena wayezalwa ngomunye wamakhosikazi kaJobe.. Kuthiwa ngesikhathi esemaHlutshini uGodongwane watholana nomhwebi owayefuna indlela embhekisa ngasolwandle ukuze ayohlanga namaPutukezi akubo. Lo mhwebi wayehamba nezinsizwa zabeSuthu oNtshuku noBhovungana , bakwaMahlase. Lo mlisa wePutukezi kuthiwa wayegibele ihhashi, isilwane esasingaziwa kwaZulu. Ephethe isibhamu enye futhi into eyayingaziwa kwaZulu .uBhungane wayethula le nsizwa yePutukezi kuGodongwane , kwaficakala ukuthi noGodongwane osenguDingiswayo uselangazelele ukubuyela ezweni lakubo kwaMthethwa kanti futhi nguyena owayazi kahle indlela eya ngasolwandle ngoba phela kungakubo.
Lajabula lafa iPutukezi lithola umuntu ozolikhombisa indlela. Kanti noDongiswayo uthi ngawela ngelibanzi, ngoba bathi besendleni wamvukela lo Mputukezi wabantu wambulala, wamephuca isibhamu kanye nehhashi.

Kuthiwa kwanyakaza lonke izwe lakwaMthethwa, ngesikhathi efika nesilwane esingaziwa kusizwe isinsundu.. UMawewe wayeyinkosi yakwaMthethwa leso sikhathi, yena wayeyindodana kaJobe yasemzini wakhe waseBelungwini ngaseMvamazi, ngoba uDingiswayo yena ungowaSoYengweni eduze kwaseFuyeni. UMawewe wethuka kakhulu uma ezwa ukuthi uDingiswayo uthelekile,, wathumela izigijimi ukuba ziyokuzwa . Izithunywa zabuya nalo iqiniso. Zamcebisa futhi uMawewe ukuthi agadle kuqala. Kuthe uMawewe esahlela indaba yokugadla—-wagadla kuqala uGodongwane woYengo. Wabaleka uMawewe waze wayocasha kudadewabo ogane uMalusi wakwaNxumalo.. Kwaba ukulibusa kwakhe njalo uDingiswayo elakwaMthethwa. Wasebebenza unsebenzi omkhulu uDingiswayo wokubumba isizwe sakwaMthethwa saba sikhulu njengoba sisikhulu namanje. Nguyena futhi owakhulisa uShaka kaSenzangakhona wamakha waliqhawe elabumba isizwe samaZulu,!!!

……………………………………………………………………………………………………….

Izibongo zikaDingiswayo kaJobe!!

UMafavuke njengedangabane,
USombangeya kaNdaba.
Bamhlaba ngenjongolo usobangwa,
Bambangela amanxeba ukuluphala,
UMadlekezel’inkomo yanganene,
Izothengana nayiph’enenekazi?
Izothengana noMbangambi woVuna eMashobeni.

Umsindo olapha ngowani?
Bahlab’indlovu yakoDelwase.
Ubexaba nduna yakoXaba!
UGodongwane woYengo!

USombangeya kasoz’atshelwa zindaba,
Uyatshelw’izindaba, ugijimel’ehawini.

Impunz’evuke nomkhonto.
Ugodo alushi ngokubaselwa.
Unyawoth’omnyama,
UNokufukuthwayo.
Ungqwashi obomvu wawoHhamuyana
Omaba’azinze sengath’abekiwe.
Izulu likaPhiko libaneka kanjani?
Lenzani elikaSombangeya kaPhiko?
LikaSombangeya kaJobe?
UQayambeya!
Inqamb’eyahlu’amakhos’amanye,
EbinjengoSongodo esahlul’uMalusi.
Usahlul’amakhos’asohlangeni.
Uye wavunula kwaMahlaba,
Ezinkumbini zamanzi.

Uzinto zakhe zomuka namanzi.
Izulu lidume futhi Gwabi kaNdaba,
Indlikula zamaNtungwa zimukile.
Lidum’eNhlangwini kubaThembu.
AbaThembu bakhweza,
Bakhweza baya ngoJama kaMnisi.
Ngithe ngisadl’ezinye
Ngabuye ngadl’ezinye.
Izinkomo zabantu zinenkelenkele.
Zikhungel’ingob’emashobeni.
Ilanga limdondoza.
Elaphuma amakhwezi abikelana.
NakwaNtombazi nakwaLanga…

Isitha sikaDingiswayo esikhulu kwakunguZwide kaLanga wakwaNdwandwe, kangangokuthi waze waphelela elawini likaNtombazi unina kaZwide,lapho amakhanda amakhosi ayehlobisa khona.. Wafa nje kalula ebulawa ubuqili bukaZwde..

Ukwelamana kwabakwaMthethwa!!!

UXaba uzale uMadango.

UMadangi wazala uKhayi.

UKhayi yena wazala uJobe , uNqola, uShangane kanye noMbikwane.

UJobe yena wazala uTana , uDingiswayo, uMawewe, uMondise uMyaka nabanye.

UDingiswayo yena uzale uSomveli , uSeyana , uMthakathi kanye noHlombe.

UMawewe yena uzale uMngoye.

Kwathi uMondise yena wazala uSonkonde..

  U-Mlandelwa /U-Myandeya kaMbiya wakwaMthethwa :
Emva kokukhothama kwenkosi u-Dingiswayo ,umnewabo uMondise kaJobe wasala ehlasela zonke izikhulu zakwaMthethwa efuna ubukhosi .
Kwathi uma inkosi uShaka izwa ukthi uMondise kaJobe wakwaMthethwa useziqedile izikhulu zakwaMthethwa,iLembe labe seliphaka impi liphikelela kuMondise lambulala. Ekufeni kukaMondise abantu bakwaMthethwa bazinikela embusweni wakwaZulu,kwathi u-Somveli inkosana yenkosi u-Dingiswayo ,wabaleka wayocasha enyakatho .Inkosi uShaka yabeka uMyandeya kaMbiya ukuba  abe yinkosi yakwaMthethwa.U-Myandeya wayengayena owasendlunkulu yasOyengweni okanye eyaseBayungwini nokwabe kuyizindlu ezinkulu zakwaMthethwa . Yena wayezalwa endlini yaseHlambeni engeyesende likaShangane okunguyise kaMbiya ozala u-Myandeya . Kuthe ngemuva kwempi yaseSandlwana ngesikhathi sekubusa iSilo sasOndini eyabe iphakathi  kwamaZulu namaNgisi ,u-Myandeya waba ngomunye wamakhosi aluthwa ngamaNgisi ngokuthi uzozimela angeyami kwaZulu. Waba -ke naye ngomunye walawo makhosi awu-13 abekwa alinganiswa neSilo sasOndini inkosi u-Cetshwayo kaMpande . Kuthe ngonyaka we-1881 kwaqhamuka uSitimela kaSomweli kaDingiswayo esezofuna ubukhosi bakwabo .Kuthiwa isizwe saseka uStimela ngoba vele phela uSomweli inkosana kaDingiswayo wagcina engabusanga ngoba wahlaselwa nguMondise kaJobe wabaleka .Kwaba nempi phakathi kukaMyandeya noSitimela.Inkosi u-Myandeya yabaleka yayocela usizo ku-John Dunn[Janonti] owayesabekwa ngabamhlophe  ukuba abenendawo azoyibusa eyabe iphakathi koMhlathuze noThukela .
U-Sir Melmoth Osborne[uMalimade] owayebekwe nguKhwini Vitoli [Queen Vicoria] , ebekwe ngokomyalo waseNgilandi  ukuba abe ngumbusi wabantu abamnyama kwaZulu, wayalela wonke amakhosi ayebekwe yibo o-Malimade ukuba ayolekelela u-Myandeya .Leyo mpi yaholwa nguye u-Janonti.Yayihlanganisa amakhosi oSomkhele kaMayanda wakwaMkhwanazi ,uMntwana uHhamu wakwaNgenetsheni noMntwana u-Zibhebhu kaMaphitha wakwaMandlakazi . Kwaliwa impi enkulu eyayilaphaya e-Dondotha. Kwalona lelo gama lavela ngesikhathi sayo leyompi . UJanonti wathi akulandwe izinkomo komkhulu .Sezifakiwe enkanjini,u-Janonti wathi phakathi kukaSitimela noMyandeya ezizoya kuye nguye oyinkosi . Izinkomo zazivele zazi u-Myandeya zaya kuye.U-Sitimela nababutho akhe abakwemukelanga lokho,bavela basukuma baqala ukuhlasela abakaMyandeya . U-Janonti wakhuza ngolimi lwesilungu wathi :- Sitimela !!!!! ”Don’t do that ”’.Abantu bahlulwa ukuphimisa amagama esingisi ,bavele batho ‘Dondotha’,kwase kuthiwa leya ndawo kuseDondotha. Impi kaSitimela yehlulwa waphindela enyakatho lapho ayebalekele khona ekuqaleni . U-Myandeya wasala wazibusela ngokunethezeka .
Ngenkathi  uMntwana u-Mkabayi kaJama esakhelwe umuzi waseMhlabaneni yindodana yomnewabo [iSilo u-Mpande],lowo muzi sekuthiwa kuseBaqulusini u-Siwangu kaMbikwana ehambe wayoba yinduna yakhona e-Mhlabaneni .Ngokuhlala kahle nenkosazana u-Mkabayi ,u-Mbikwana waze wazitholela  izwe alisikelwa yiSilo uMpande njengoba kunobukhosi bakwaMthethwa ubulaphaya obaziwa ngokuthi kuseGodeni .Ngenxa yobukhulu bezwe kwagcina sekunobunye ubukhosi  obaphuma khona eGodeni ,obusenyakatho nezwe  elaziwa namuhla ngokuthi kuseMpumalanga Province. Lobo bukhosi bulaphaya e-Mkhondo ,bona buphuma kuSiwangu kaMbikwana kaKhayi . Kunamanye amaqhawe akwaMthethwa abamba elikhulu iqhaza embusweni wakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi kubusa iSilo sasOsuthu inkosi u-Dinizulu kaCetshwayo   . Lelo qhawe inkosi u-Mashwili kaMngoye  wakwaMthethwa owayeyibambe namabutho abashokobezi Leyo mpi yaziwa ngokuthi yimpi  yaseZinsimba lapho khona ekaMashwili  yagoba uphondo kwakhothama inkosi u-Mashwili,indodana yakhe nenduna yakhe .
Leyo mpi yayizizine [4] kuNtulikazi [July] 1906.
Ake sibalaminise oNyambose :
-UMthethwa wazala uNyambose 
-uNyambose wazala uMbekane 
-uMbekane wazala uLushaba
-uLushaba wazala uNdunakazi
-uNdunakazi wazala uXaba 
-uXaba wazala uMadanga
-uMadanga wazala uKhayi 
-uKhayi wazala uJobe 
-uJobe wazala uTana ,uDingiswayo ,uMawewe, uMondise  uMyaka nabanye.
-uDingiswayo wazala uSomweli 
-uSomweli owazala uSitimela .
Indlu yaseNhlambeni :[yakwaMhlana]
-uShangane wazala uMbiya 
-uMbiya wazala uMyandeya 
-uMyandeya wazala uSokwetshatha
-uSokwetshatha wazala uMhlana , 
-uMhlana wazala inkosi u-Mbude [Jacob] nenkosi uNtemba ozala  uMbusowabaththwa.
Indlu yaseMkhondo :

-UMbikwana wazala uSiwangu
-uSiwangu wazala uMnyanyisa
-uMnyanyisa wazala uMandlakayise noJansen .
-uMandlakayise wazala uBuzetsheni ozala inkosi uSiyabonga .

……………………………………………………………………………………………..

Izithakazelo zakwaMthethwa!!!

Dingiswayo
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokekela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu.
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale.
Thulisa kuyozwakala.
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe.
Nina bkaXaba kaMadangu kaNkomo enenekakazi, izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi OYengweni!
Khubaze,Jobe kaKhali.
Magezangobisi lwenhlunu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi.
Nzimezimnyama.
Nina bakaGeza kaJakada.
Maphoswa kubusa.
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!!!

………………………………………………………………………………………………………………………
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo