Shiba Mkwanati, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Shamase, Sontuyi, Somkhele, Lele, Khowa, Mayanda, Dlebhu wabeswazi , Wena owaguy ‘ wamisi ntamo. Mashukumbeya, Mthendeleka. Mtubatuba Wena owawulobolela amadoda, Wena owathenga isitimela Ninemali nina bakhwanazi, Veyane, Mpandeyamadoda, Malobisi
Dlaba, Mnomiya,Shukulase Dludle, Dludl’owadl’imihlambi yamadoda, Wadl’izinkomo zamaNdebele , Oyodl’ezikaDlaba uyoceba, Dlab’akadleli phansi. Udle’edlodlweni,Abanye bedlela phansi, Mavulane owavul’iNkandl’ivaliwe. Mchube,Mlotshwa, wena kaLumbazo , kaZokufa. Sgananda phum’eNkandla…... qhubeka ufunde »
Mboma kaMqhele, Mathula, Nzimase, Sdwaba esinembobo, Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo, Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha, Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni, Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe, Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo, Inkomo ... qhubeka ufunde »
Shuku Ndaleka Mkheshane Nogujwa Thomani