Incazelo ngeNhlwathi umuthi
Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma,inkomo eyakhala eMthonaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.Ngethemba basaphila abeSilo’.
INhlwathi
Nina beSilo le nduku eniyibona esithombeni kuthiwa yiNhlwathi igama layo.Akulona iKhakhasi,akulona iNyathelo futhi akuyona iMbosiso.Kuye kusebenze impande kule nduku.Le nduku yinhle kakhulu kwezithinta izitha.Impande yayo iye ifakwe ngaphansi komqamelo uma ulala ukuze ikubonise zonke izitha zakho.Impande yayo iyangena kwezokuhlakaza izitha.Iye igiye nezinduku ezifana noChithibhunga,uMhlakaza,iKhathazo kanye nezinye izinduku zezitha.Le nduku iyaphalaza,iyancindwa,iyageza iyagquma futhi.Iyangena le nduku kuMabutho athunywa ukuyolwa.Iyangena kwezokucacisa amaphupho.Iyangena kwezokuvula inhlanhla evalwe ngabathakathi.Impande yale nduku yinhle kwezokuvala inkinga yokuphuphuma kwezisu kowesifazane.Iye igiye nePhuphuma kanye nezinye izinduku.Le nduku yinhle uma ukhishwa yisisu esijuqayo.
Khumu.
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi @EshungwinileNtungwa
