Incazelo ngomuthi uQonsi  (Erosemia umtamvunense)

UQonsi.

Incazelo ngomuthi uQonsi  (Erosemia umtamvunense)

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sabhobokayo umuntu uyakuzizwa izindaba.UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikadadewabo uSililo.USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayuikhexa imilomo.Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade.Esithombeni nina beSilo uQonsi induku yezinsizwa.UQonsi lubizwa ngeErosemia umtamvunense ngesiLungu.Lusemndeni owodwa noBangalala futhi lucishe lufane nalo.Umehluko wukuthi amakhasi oDonsi mancane .acijile amise okokudla komkhonto.UBangalala lubizwa ngokuthu iEriosema distinctum ngesiLungu.

UQonsi kwezaMakhathakhatha

UQonsi wumuthi omuhle ekuloleni imbazo ebuthuntu kowesilisa.Lo muthi umandla kakhulu kangangokuthi usetshenziswa yizo zonke izinhlanga,nabaMhlophe imbala.UQonsi lushubisa isidoda sowesilisa nokwenza kube lula ukuthi oweselisa amumathise.Uma imbewu ishubile kuba lula kakhulu ukuba ihlale kuMame.Lo muthi uyachatha,kanti uyaphuzwa futhi.UQonsi luhle uma uzoluqhatha noBangalala,uShisiswe,aMasethole kanye neNguduza.Lezi nduku engizibalile ungachatha ngazo ubuye uziphuze,Uma uzochatha ngazo kudingeka uzipheke isikhathi eside ucishe amanzi kabili ngoba iNguduza inamandla kakhulu ifana noMsilawegwe.UBangalala noQonsi kuqinisa isidoda,kanti aMasethole noShisizwe kushisa izilonda ngaphakathi kuvule nemithambo yemizwa.INguduza yona iyaguduza ngaphakathi ikhiphe konke ukungcola.Lezi zinduku ezimbili aMasethole noShisizwe ziqinisa uBhoko lweSisu ngoba zishisa izilonda ngaphakathi okuyizona eziyimbangela yokuwa kalula koBhoko lweSisu.Ezinye izinduku ongaziqhatha noQonsi,iNyathelo,uMdubu,uDlutshani,uMthunduluka,uMoringa kanye nezinye izinduku.UQonsi lubuye lube luhle uma uzoluxuba nobisi bese uludla njengamaCornflakes ekuseni,noma uludle nomhluzi wenyama enganonile.Luyefana nalo uBangalala ngoba nalo luhle uma uzoludla ngaleyo ndlela.

 

Khumu!

 

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi @kholokhumalotv. 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo