Incazelo ngeCishamlilo  (Pentanisia prunelloides)

ICishamlilo

Incazelo ngeCishamlilo  (Pentanisia prunelloides)

Nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni,iNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba.Enhla nazansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha,thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le nduku eniyibona esithombeni kuthiwa yiCishamlilo igama layo lesiZulu.Noma iCimamlilo.Ka se Sotho bare ke Setima mollo,OSosayensi bayibiza ngePentanisia prunelloides.

Lenzani iCishamlilo

Nina beSilo njengoba negama leCishamlilo lizichaza nje,le Nduku umsebenzi wayo owokwehlisa amandla esimo.Le Nduku ingena ezindaweni eziningi,iyangena kwezamanxeba,kwiMihlabelo,iyangena kwezeMfiva,iyangena ezintelezini,iyangena futhi nakwezamaSoka.Kusebenza iSigaxa kule nduku.Siye sonyiswe bese siyashiswa sibe yiNsizi emnyama ekhothelwa ukwelapha iMfiva ehamba nezilonda emlonyeni kanye nasesifubeni. Izimpande zeCishamlilo ziye zibiliswe zibe yiSiphungo esiphungwa umuntu ophethwe yiMfiva.Lesi Siphungo sithena ulaka lo mkhuhlane. Sishisa zonke izilonda ngaphakathi,esifubeni,emlonyeni,emphinjeni, esiswini ngisho nasesinyeni imbala.Lesi Siphungo sihle kakhulu nakoMame abasanda kubeletha,sihle futhi nakoMame abahlushwa ubuhlungu beSibeletho.Sihle futhi nasisilwane esisanda kuzala, silungisa kahle isiZalo sesilwane kanye neSibeletho sikaMame,kubuyele  esimeni sakho.Uma uxoxa ngeCishamlilo ungakhuluma kushone ilanga ngoba kuningi kakhulu elikwenzayo.Liyangena ezimbizeni zeNzalo kanye nezoMvunsankunzi kubo bobubili ubulili. Livula yonke imithambo ebikade ingasasebenzi kahle,liyivule iqale futhi isebenze kahle.Insizi yeCishamlilo emnyama iyananyekwa enxebeni lo muntu oshaywe inyoka. Iyangena futhi nasezimbizeni eziphuzwa umuntu oshaywe yinyoka.Kuba kancane kakhulu ukuba iCishamlilo lisale ezimbizeni zoMhlume. ICishamlilo liyangena kwiSihlambezo.Le nduku kahle-hle isebenza kakhulu kwabesifazane,iSiphungo sayo sihle ekudambiseni inhlungu yeFindo.Le nduku yinhle nasekuhlanzeni iSibeletho,ungayiphuza nje iyodwa ikwenzele ezibukwayo.Kanti ibuye ibe yintelezi injalo nje.Iyangena le Nduku ezintelezi ezichela isibaya.ICishamlilo lihle nakwiSilungulelo uma ukhothe impuphu yalo.Iyangena ezintelezi ezigeza ziphinde zigqumele ukukhipha amabhadi , izichitho njalo njalo.Umsebenzi wayo ukulungisa isimo.Iyangena nasezintelezini ezichela iziNduku zolungcweka,ithena amandla eMbangi.Le nduku iyangena nakwezamaSoka,yehlisa ulaka entombini enolaka.AmaSoka ayathaka kwezokuphalaza,kwezokugquma,kanye nezikugeza.

Khumu!

Niphile nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Thola olunye ulwazi ngempande kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo