Incazelo ngeNgungumbane(Cape Porcupine)

INgungumbane

Incazelo ngeNgungumbane(Cape Porcupine)

Nina abakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethemba basaphila abeNdlovu enamandla.Cha,thina sisaphila eMantungweni.

INgungumbane 

Nina beMbube eshoba liyisilikithi lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiNgungumbane ngesiZulu.NgesiLungu kuthiwa yiCape Porcupine.IziNgungumbane ziyizinhlobo eziningi, kukhona o-Indian Porcupine,kukhona iBrazilan Porcupine,Sanda Porcupine njalo njalo . INgungumbane yalapha ekhaya eNingizimu Afrika kanye nakuyo yonke iAfrika eseMazansi kuthiwa yiCape Porcupine.INgungumbane iziphilisa ngokudla izimpande zemithi eyizinhlobonhlobo,impande eyithanda kakhulu yimpande yomuthi obizwa ngoMpunyu ngesiZulu, okuwumuthi obuye ubizwe ngoPhunyukabemphethe.Kuyileso sizathu uMpunyu ubizwa ngokuthi yiPorcupine root ngesiLungu. INgungumbane ibuye idle nezinambuzane,ezizingela emini nasebusuku.IziNgumbane zivamise ukuhamba ngazimbili,kanti nasekuzaleni izala amachwane amabili njengeJuba.Izala elesilisa nelisifazane,njengalo iJuba.INgungumbane iyisilwane esihlonishwa ngamaHlubi azibiza ngokuthi angawakwaNkala,nezingane zakhona kwaNkala zazishunqiselwa ngayo iNgungumbane endulo.INgungumbane izivikela ngezinungu zayo uma ihlaselwa yizitha,uma ihlaselwa yizilwane ezifana neziNgwe,amaKhanka,iziNgulule,amaBhubesi kanye nezinye izilwane ezidla ezinye izilwane.Iyazinyusa izinungu zayo lapho ihlaselwa okwenza kube lukhuni esitheni ukuba siyilume,noma ngithi siyihlasele.Isitha sigcina sidubile sahamba.Izinja ziyibulala ngokwelekelwa ngamaPhisi,uma zizodwa ngeke ziyenze lutho iNgungumbane.

INgungumbane kwezaMakhathakhatha

Njengoba iNgungumbane idla ingxube yezimpande,abelaphi bendabuko bakholelwa ekutheni uma bechome unungu lweNgungumbane ophahleni lweNdumba yabo bayoba bukhali,belaphe zonke izifo.Bakholelwa ekutheni wonke umuntu oyongena kuleyo Ndumba uyophuma ephile qingqo.Abanye baze bahlobe nangazo izinungu zeNgungumbane,bazihlome ekhanda,abanye baze bakhe ngazo uMqhele.Amathumbu eNgungumbane angena ezinsizini zamalumbo.Ikhanda le Ngungumbane lingena emithini okushunqiselwa ngayo ingane enenkinga yokushonelwa wukhakhayi phakathi.Ikhanda libuye lingene emithini yoPhunyuka,imithi okushunqiselwa ngayo izinsizwa ezihlezi zivika ezikaDalawana.Unungu lweNgungumbane batshopa ngalo izinyawo ezidumbile,luyasebenza impela,ziyabohla izinyawo uma uzitshope ngonungu lweNgungumbane.Inhliziyo yeNgungumbane iyangena emithini yeSibambelelo.Ake ngime lapho nina bakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhex”imilomo.UMpondo zamila enjeni engabe enkome zesabani?

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha:

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo