Incazelo ngeNtindili(Sea bean)

INtindili.

Incazelo ngeNtindili(Sea bean)

Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi.IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumbeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde,kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela.ISilo uCetshwayo leso.Ngethemba basaphila abeSilo.

INtindili

Leli tshe elinsundu enilibona esithombeni libizwa ngokuthi yiNtindili ngesiZulu.NgesiNgisi kuthiwa iSea Bean.Lena imbewu yesithelo thizeni sasoLwandle.Abantu bayithola oLwandle ikakhulukazi eDalagubha(Delogoa Bay,Mozambique).Le mbewu iqinise okwetshe.NgesiZulu gama elithi i’Ntindili’ lisho umuntu oyiNtandane,ongasenabani,ongasenazo nezihlobo.Lowo muntu ngesiXhosa  ubizwa ngokuthi liLolo.Le mbewu iNtindili yenza imisebenzi eyisimanga.Kuningi ekwenzayo.Ngizothinta nje okumbalwa kwalokho okwenziwa iNtindili.INtindili iyadayiswa emaKhemisi esiZulu.Uma usuyithengile,uyiphathisa okwezikhali zamaNtungwa ngoba kusuke sekufana nokuthi ingumzali wakho uzokugixabeza ngezipho ezinhle.Abanye baze bayiqambe negama lomunye woKhokho babo.Bayihashe nangezihasho zakhe.Okuhle ngeNtindili wukuthi uma ungasathandi ukuyisebenzisa uyayibikela ukuthi awusathandi ukuyisebenza, usuyayilahla-ke manje.INtindili kayinawo umkhuba ngoba ayisona isithwalo.INtindili iyamvikela umuntu kokubi.Labo abayisebenzisayo bayayiphatha uma bezoya ezindaweni ezibalulekile,ezifana nokuyofuna amaThenda,imisebenzi,kanye nokunye.Basuke bekholelwa ekutheni yiyona iNtindili eyobavulela amasango.Bayayiphatha futhi nanxa bezothatha uhambo olude, bayibeka emotweni ngaphakathi.Imandla kakhulu iNtindili ngisho ezindaweni okuthiwa kuginqika izimoto,ziginqwa yimimoya yabantu abashona bangabe besalandwa, ngeNtindili luba luhle uhambo,akwenzeki lutho.Ngisho nasezindaweni okuthiwa kuzo kukhona isipoki esihluphayo esiwisa izimoto,ngeNtindili ngeke uze usibone.Uma nje kukhona ophethe iNtindili kuleyo moto noma kulelo Tekisi akukho lutho oluyobonakala.INtindili ibuye isetshenziswe izinsizwa ezingoPhunyukamephethe, izinsizwa ezihlezi zivika amaphoyisa ngenxa yamacala ezinawo.Nazo ziyibeka ezimotweni, zisuke zikholelwa ekutheni iNtindili iyozivikela kwabomthetho.Abanye bayisebenzisa njengeSibunge seBhizinisi,bayibeka emaBhizinisini abo ukuze idonse abantu.Indonse nemali. Iyafakwa futhi nasezindukwini ezimhlophe zokuphalazela ukwakha inhlanhla.Ayigaywa,ayigxotshwa,uyifaka injalo kule Nduku osuke uzophalaza ngayo.Noma amanzi osuke uzophalaza ngayo.Yakha enkulu inhlanhla le.Kuningi okwenziwa iNtindili.INtindili kubuye kuhlotshwe ngayo igaxwe entanyeni njengoMgexo ukuze ilethe inhlanhla kulowo osuke ehlobe ngayo.Abanye bathi iNtindili ayisetshenziswa yinoma ubani,isetshenziswa kuphela yizona iziNtindili okungabantu abangasenabani, asebashonelwa yibo bonke abakubo kanye nezihlobo.Baqhubeka bathi uma uyisebenzisa abazali besaphelele bayoshona bonke,kushone futhi nezihlobo onazo.Mayelana nalolo lwazi angeke ngiphawule kakhulu kodwa engingakusho wukuthi baningi abantu abasenabo abazali esiye sibabone beyisebenzisa iNtindili.

Khumu

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo