Incazelo ngaBangqongqozi(Araucaria heterophylla)

ABangqongqozi.

Incazelo ngaBangqongqozi(Araucaria heterophylla)

Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi,ngeyawo Dambuza ka Ntombela.UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNdlu ensundu kuwo wonke amagumbi omhlaba zizne kuMbasa{Ephreli}onyakeni ka 2025.Ngethemba bayaphila abeZulu eliphezulu,cha thina sisaphila eMantungweni.Nina beMbube lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngokuthi aBangqongqozi ngesiZulu. NgesiLungu ubizwa ngeAraucaria heterophylla.INkunzimalanga yeSikhafulo lena okusetshenziswa ixolo lawo.Uqhathwa kakhulu nomngane wawo uMwelela,lezi ziNduku zingabahlobo abakhulu abangehlukani,abahlezi behamba ndawonye.Baye bathakwe nokho nezinye iziNduku.Njengoba negama lizisho nje,aBangqongqozi bayiSikhafulo esinzima esivula kuvaliwe.Bayangena eZikhafulweni zamaSoka.Bangena ngenkani enhliziyweni yentombi.Bangqongqozi bayangena eZikhafulweni zokubuyisa isithandwa,basidonsa sikude. Bayangena kwezokuyofuna umsebenzi bangena nezicabha kuleyo ndawo,isango le Nkampani yeNkosana yoMlungu balivula ngenkani. ABangqongqozi bayangena eMabuthweni athunywa ukuyolanda.Bathakwa kakhulu noMwelela kwePhesheya,iSibhaha,iZwangomoya{INqe}kanye nezinye.ABangqongqozi bayangena nakwezokuphindisa,bathakwa kakhulu neMpindamshaye kanye nezinye iziNduku.ABangqongqozi bayangena naseZibungeni zeBhizinisi,kanye nakwezenhlanhla,bahle kahulu uma uthole ixolo elinenhlaka.Kanti naBakhunkuli nabo babuye bagange ngabo aBangqongqozi,bayabathaka emithini yokwakha uMantindane, kanye neZizwe.

Khumu.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo