Umlando ngoNdunankulu uNdlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela)

UBonginkosi Ntuli, ongasekho .Wabe engumdlali weBhola.

Umlando ngoNdunankulu uNdlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela)

U-Ndlela ka Sompisi Ntuli wabe eyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane, wayebuthelwe eButhweni leNtontela ebuthwa yiNkosi uSenzangakhona ka Jama.Uyise ka Ndlela uSompisi wabe eyiNsila yeNkosi uSenzangakhona,wayenekhono lokuganzinga izinkobe, ngalokho-ke wagcina edume ngelikaNkobe.Udadewabo kaNdlela ogama lakhe kwakunguBhibhi wagana iNkosi uSenzangakhona,kwazalwa uMntwana uSigujana. Ngesikhathi iLembe lithatha isihlalo soBukhosi bakwaZulu iningi lamabutho ayekade engakaYise lawahlakaza,lawafaka eButhweni leZimpohlo.INtontela yona ayizange ihlakazwe,yaqhubeka kwaze kwaba yisikhathi sokubusa kweSilo uDingane.Ibutho leNtontela lalithe ukuba lidala ngokweminyaka eSilweni uShaka, kwazise lalibuthwe ngesikhathi iLembe lisakhula laphaya oYengweni kwaMthethwa.UNdlela wagqama kakhulu ngeMpi uZulu ayilwa namaNdwandwe ayebuswa yiNkosi uZwide ka Langa.Lempi yalwa ngowe 1821,yalwa izikhawu ezintathu.Esokuqala saba laphaya eGqumeni lakwaGqokli,esesibili saba ngasemfuleni uMhlathuze, esesithathu saba laphaya ehlathini laseNkandla nokuyilapho uZulu adlela khona umhlanganiso ngokuphelele.Esikhawini sesibili nokuyisakhawu saseMhlathuze uNdlela waba ngenye yezinkubela ezazilimale kanzima kangangokuthi ozakwabo baze bamshiya enkundleni yempi bethi ufile .kanti lutho wayesaphila.Bafika esigodlweni seLembe kwaBulawayo babikela iLembe ukuthi u-Ndlela wayeshonele khona eMhlathuze.Kuthiwa laphatheka kabi kakhulu iLembe ngoba lalimkhonze kakhulu u-Ndlela ngenxa yobuqhawe bakhe .Lase likhipha umyalelo owawuthi makalandwe azofihlwa kahle ngesizotha.Kuyilapho-ke okwatholakala khona ukuthi wayangafile uNdlela,wayesaphila .Wathalwa-ke umfoka Sompisi kwayiwa naye kwaBulawayo ngaseNdlayangubo eShowe. Izinyanga zeSilo u-Shaka zamenzela umhlabelo, wathungwa amanxeba , wancindiswa , wachathwa , wagcina eluleme waphila qingqo , waqhubeka nokulwa izimpi.Yileso sehlakalo saseMhlathuze esatholisa u-Ndlela izihasho ezithi ‘UnguManxaba angamanxuluma ! Unolusingana olungakanani ? Olungathunga uNdlela amanxeba na?”.Ngesikhathi seSilo u-Dingane u-Ndlela wakhushulelwa ekubeni nguNdunankulu wezwe {Prime Minister}.isekela lakhe kwakungu-Nzobo ka Sobadli Ntombela owayebuye aziwe ngelikaDambuza.UNdlela nesekela lakhe u-Nzobo baba ngezinye zezikhulu zeSilo u-Dingane ezathatha isinqumo sokuthi kubulawe aMabhunu ayebhadanywe ngoGqayinyanga ezama ukukaka isigodlo saseMgungundlovu ebusuku. Kulawo Mabhunu kwakukhona noPiet Retief okwaqanjwa ngaye idolobha laseMkhondo . Lawo maBhunu abulawelwa entatsheneni i-Matiwane. U-Ndlela nesekela lakhe u-Nzobo yibona abahola uZulu ngenkathi ulwa naMabhunu eNcome mhla zingama 16 Zibandlela 1838 . Kwathi ngowe 1839 kwaqubuka ingxabano phakathi kweSilo u-Dingane noMntwana u-Mpande , nokwaholela ekutheni uMntwana u-Mpande agcine ewelele khona eMabhunwini ka Andries Pretorious.Lokho kwalendelwa yiMpi yaseMaqondo eyalwa ngowe 1840 mhla zingama 29 Masingana.Lempi yabe iphakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande owayelekelelwa ngaMabhunu ayesaqhuba igqubu lawo . Nakhona eMaqonqo impi yeSilo uDingane yaholwa yibona oNdlela noDambuza,eyoMntwana u-Mpande yona yaholwa u-Nongalaza ka Nondela Mnyandu.UMntwana uMpande wanqoba eMaqondo ,wabuthatha kanjalo uBukhosi bakwaZulu .U-Ndlela wafa ebulawa yiSilo uDingane ngemuva kokwehlulwa kukaZulu eMaqonqo,sambulala ngoba simusole ngokugodla amabutho ngenkathi kuliwa eMaqonqo.UDambuza yena wafa ebulawa ngaMabhunu ngemuva kwempi yaseMaqonqo. Ukwehlulwa kweSilo uDingane eMaqonqo kwawajabulisa kakhulu aMabhunu kangangokuthi aze abiza isigodlo sawo sase Pietermartizburg ngoMgungundlovu,athi yiwona Mgungundlovu wangempela,ebhinqa iSilo uDingane. IPietermaritzburg amaBhunu ayeyiqambe ngabaholi bawo oPiet Ritief no Gerrit Maritz abasebeshonile ngaleso sikhathi .

Imithombo yolwazi

-Olden Times in Natal and Zululand ,{Incwadi eyalotshwa ngu-A.T Bryant

-James Stuart Archives Volume 1, {Incwadi eyalotshwa ngu-James Stuart}

-Izizwe zaMakhosi akwaZulu-Umqulu 3, {Incwadi eyalotshwa ngu-Solwazi Jabulani Maphalala}

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo