Nina abakaMashikizela ashiye impi yakhe uMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo! USiziba sinzonzo sinzonzobele siminzise umuntu esathi uyageza washona waze washona nangeSicoco sakhe! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Cha, thina sisaphila eMantungweni.
AMabelejongosi:
Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa ngaMabelejongosi igama lawo .Le Nduku isebenza ezindaweni eziningi , singabala kushone ilanga. Lena yiNduku yokwakha ugazi , yokwakha ukuthandeka . Isetshenziswa kakhulu izinsizwa ezingamaSoka. Ziyaphalaza ngayo , ziyithaka emithini yazo eMhlophe yoBusoka , imithi esingabala kuyo uVumakubangoma omhlophe , INhlanhlemhlophe, uVelabahleke, uMusa , uFoshela kanye neminye imithi yoBusoka. Izinsizwa zibuye zigqume ngayo , zibuye zigeze futhi ngayo , ziyithaka neminye imithi . Kanti nezintokazi nazo ziyayisebenzisa le Nduku , ziyisebenzisela ukuthandeka kumaSoka noma kuBayeni bazo . Izintokazi ziyayithaka naseSibambelelweni , ziyiqhatha kakhulu neSinama , iNcamashela kanye nezinye iziNduku zakhe iSibambelelo . AMabelejongosi ayangena nakwezokukhushulelwa isikhundla , kanye nakwezokufesa umsebenzi. Kule Nduku kusebenza izimpande nina beSilo , ziyangena nasemithini yenzalo , zenza umuntu wesifazane asheshe amukele , amumathe kalula. Ziwumuthi omuhle wemizwa ovula yonke imithambo yemizwa , zishisa izilonda naseSinyeni. Izimpande zaMabelejongosi ziyangena nasemithini ephalazela ukubuyisa iDlozi uma lintshontshwe uGobela. Ziyangena futhi nasezimbizeni eziphuzwa abantu abakhathazwa isifo sokuwa. Ziyangena futhi nasemithini edliwa umuntu osanda kuchithekelwa yisisu. Ziyakwazi ukulungisa inkinga yokuphushunyelwa , zisuke zithakwe nexolo lePhuphuma kanye neminye imithi. Zinhle kakhulu nasekudambiseni izinkinga zezihlungu zeFindo kwabesiMame . AMabelejongosi asemndeni owodwa noNdwendweni , iNcamashela , iLabatheka , iNkomfe kanye neminye imithi
Khumu!!
Ake ngime lapho nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande::::;
