Umlando ngoPhalane ka Mdinwa Mkhwanazi

UBuhlebuyeza Mkhwanazi , umdlali weBhola::

Nina beSilo sakithi oSuthu uSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! #ISilo uDinuzulu leso iSilo sakithi oSuthu.Ngethemba basaphila abeSilo. Nina beSilo ake sibheke umlando weQhawe lakwaMkhwanazi uPhalane ka Mdinwa .

UPhalane ka Mdinwa:

UPhalane ka Mdiwa ka Dlabantu wayebuthelwe eButhweni uThulwane alalibuye laziwe ngokuthi lingaMamboza . Lelo Butho  kwabe kuyiButho alalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande , noMntwana uCetshwayo wabe ekulelo Butho . Njengoba uPhalane wayebuthelwe kuThulwane nje lokhu kusho ukuthi wayezalwe phakathi kweminyaka u1833, 1834 kanye no1835 ngoba phela aMamboza ayezalwe ngaleyo minyaka, abuthwa ngowe 1854 ebuthwa yiSilo uMpande ka Senzangakhona. NeNkosi uSomkhele Mkhwanazi nayo yabe ibuthelwe kuMamboza. ….**Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo uPhalane wayakhe umuzi wakhe ngaseFelixton , eNingizimu yeDolobha laseMpangeni. Lowo muzi wawubizwa ngokuthi kuseNtshiweni. ****UPhalane wabamba elikhulu iqhaza ezimpini ezimbili ezaphakwa yiSilo uMpande , okuyiMpi yasoBhalule (Oliphant River ) eyayiphakelwe inkosi uSikwata ka Thulare yabaPedi , kanye neMpi yaseLubuya (ngakwaHlathikhulu)  eyayiphakelwe iNgwenyama uMswati wesibili. ***UPhalane wabuye wabamba elikhulu iqhaza eNyezane kanye naseGingindlovu ngenkathi kulwa uZulu namaNgisi .Impi ka Zulu yayiholwa yinkosi uSomopho la Zikhala Mthembu. Lezi ziMpi zalwa ngawo umhlaka 22 Masingana 1879, okuwusuku okwalwa ngalo iMpi yaseSandlwana…**UPhalane washona ngowe 1900 washiya amadodana akhe esingabala kuwo uThumbela , uQantayi , uMagenu , uNgogwana kanye nabanye ..


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola ulwazi ngamakhambi eSintu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo