UMkhokha (Abrus precatorious)

 

Nina abakaGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe  lijiyeze abasini bengoma!  Ngiyababingelela abeSilo kungumhla weshumi kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMkhokha igama lawo. Akuwona uMsinsi lona nina beQhawe. Izinhlamvu zawo zithi azifane nezawo uMsinsi kodwa akuwona. Lo muthi ubizwa ngeAbrus precatorious ngeBotanical name . NgesiNgisi ubizwa ngeBead vine, noma Coral bead plant, noma Coral bean, noma Crabs eye, noma Licorice vine, noma Love bean, noma Lucky bean (njengawo uMsinsi), noma Prayer beads, noma Prayer bean, noma Precatory , noma Red bead vine, noma Rosary bean, noma Rosary pea, noma Weather plant, noma Weather vine . Unamagama amaningi esiNgisi. NgesiNdebele ubizwa ngoMabophe. NgesiTsonga kuthiwa iNsimani.

Wenzani uMkhokha?

Nina beSilo uMkhokha muhle kakhulu kwezokudonsa . Izimpande zawo ziyangena eNdukwini emhlophe ephalazela inhlanhla. INduku esuke ibophele imithi efana noBhubhubhu, uVumakubangoma omhlophe, INhlanhlemhlophe , uMtholo kanye nezinye iziNduku. Kanti futhi izimpande zihlela kahle isisu somuntu osuke ephalaze ngazo . Uma ubekade ehuda kuphela konke ukuhuda . Izimpande zoMkhokha ziyangena emithini egezela iphinde igqumele inhlanhla , zinhle kakhulu ekugembuleni kuMakhasino. Izimpande zoMkhokha ziyangena nakweyamacala , zigeza ziphinde zigqume umuntu ozoyobonana neMantshi. Zisuke zithakwe neminye imithi. Kanti nazo lezinhlamvu nazo ziyadonsa . Ziyangena kwezokudonsa imali nenhlanhla. Abanye baze bazishutheke kuWalethi , bazishuthekele ukubiza imali. Izimpande zoMkhokha ziyangena emithini egeza ikhaya noma umuzi  oxakwe uMkhokha okushona kwabantu ngendlela engacacile. Ake ngime lapho nina beSilo baphile abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo . UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo. Ukhona omunye umuthi esengiwukhohliwe igama lawo, nawo unezinhlamvu ezithi azifane nezoMkhokha. Kodwa ongewona uMsinsi.


Khumu!!

UMkhokha

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo