Incazelo ngoSelepe obomvu

 

USelepe obomvu.

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni , ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba , yiwona oyongilamulela! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaPhethelweni! Nina beSilo nawo-ke uSelepe obomvu inkunzimakanga yeNtelezi engena ezintelezi zokuchupha ikhaya. Lapho kukhona uSelepe obomvu akukho Mthakathi ongenayo . Le Nduku iyabahlukumeza abakhunkuli ibashise babaleke baphinde emuva bengenzanga lutho . Uma kwenzekile wangena uMthakathi ekhaya elicushwe ngoSelepe ngeke akwazi ukuphuma , noma kanjani niyovuka nimubona ediyazela ngeSudu yeSele egcekeni engasiyiboni neNtuba angene ngayo . Le Nduku iyamila naseGcekeni nje ivele izimilele engatshaliwe , ibe wuKhula. Usuke unenhlanhla kakhulu umuzi omilelwe uSelepe obomvu egcekeni. USelepe obomvu muhle nakwezamacala , umuntu uyawudla umhlanganiso emini izwe libuka , ayehlule iMantshi ingaliboni elidlalayo. USelepe uyangena naseNdukwini yokucupha iThuna . INduku eyingozi kakhulu lena okungadlalelwa kuyo , lubuya nodaka. USelepe uyangena kwezokuchela ikhaya . Uyangena futhi nakwezokuphindisa . Uye ube muhle kakhulu uma uwushise kusihlwa , uwushise uwuthake namafutha eGalukuni. Akukho mkhunkuli uyongena. Imvelaphi yale Nduku ilena eLesotho . Isetshenziswa kakhulu ngabeSuthu , bayithaka kakhulu noMayisaka obomvu.

. Thola olunye ulwazi ngempande kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” .Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!


USelepe obomvu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo