Abaphaphi/Umhlonhlo/umhlondlo\ Euphorbia ingens

Abaphaphi/Umhlonhlo/umhlondlo\ Euphorbia ingens

 

Nina bakaGaga ngamanzi angawesi mlomo ! Amanzi wodwa asale ababaze ! UMlung”ungaphesheya komfula , omuny’enganeno kukaMpehlela noMaqhwakazi !

Nina abeSilo ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi . Ngethemba basaphila abeSilo kungumhlaka 13 kuNhlolanga , onyakeni ka 2023 . Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa wuMhlonhlo ngesiZulu , ubuye ubizwe ngaBaphaphi , noma ngoMhlondlo. NgesiLungu , lo muthi ubizwa ngokuthi i-Euphorbia ingens, okuyigama okubuye kubizwe ngalo uMdolofiya, uMdolofiya udume kakhulu ngelePrickly Pear . UMdolofiya uwela kuwo lo mndeni  woMhlonhlo\Abaphaphi. Kuyileso sizathu uMdolofiya ubuye ubizwe ngoMhlonhlo kwezinye izindawo. Le Nduku uMhlonhlo yopha ubisi , lolu bisi kwelashwa ngalo umzimba onoTwayi, izinsuma , izinduna njalo njalo.


ABaphaphi\uMhlonhlo bangena kakhulu kuMabutho athunywayo ikakhulukazi athunywa ukuyolanda izikweletu. Ngale Nduku umuntu usibuyisa ngokushesha isikweletu. Ngingasho nje ngithi wumuthi weZikhafulo, noma owaMabutho. Le Nduku iphinde ingene nakwezamaSoka, intombi ayidabuli ensizweni edle le mpande , uma iyithakwe kahle. AmaSoka  aphahlaza ngempande yawo, ayithaka kweziMhlophe oVumakubangoma omhlophe, uVelabahleke, uQhume, uMusa kanye neminye imithi emhlophe , yenhlanhla. Umuthi oyisiqomiso lona. Wumuthi ongasali nangephutha lapho kuthakwa iNduku yokuphephetha intombi lona , noma eyokubuyisa isithandwa . Kanti uyangena futhi nasemithini yokwakha isithunzi , uthakwa nemithi efana noMnyamathi kanye neminye imithi .  Engingakusho nje ngaBaphaphi wukuthi aBaphaphi abavamisile ukusala uma kuthakwa iZikhafulo , noma aMabutho

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’

#Khumu!

ABaphaphi\uMhlonhlo

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo