Incazelo ngeNtindili🖋️👇🏾

Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi🙌🏾

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade . Leli tshe elinsundu enilibona esithombeni kuthwa iNtindili ngesiZulu. NgesiNgisi kuthiwa iSea Bean (UDlubu lwasoLwandle) . Lena imbewu yesithelo thizeni sasoLwandle. Bayithola lena koDalagubha(Delogoa Bay , Mozambique) . Le mbewu iqinise okwetshe. NgesiZulu gama elithi i’Ntindili’ lisho umuntu oyiNtandane ,ongasenabani, ongasenazo nezihlobo. NgesiXhosa kuthiwa li’Lolo’ . Le mbewu iNtindili yenza imisebenzi eyisimanga . Kuningi ekwenzayo.  Ngizothinta nje okumbalwa kwalokho okwenziwa iNtindili. INtindili iyadayiswa emaKhemisi esiZulu. Uma usuyithengile , uyiphathisa okwezikhali zamaNtungwa ngoba kusuke sekufana nokuthi ingumzali wakho uzokugixabeza ngezipho ezinhle. Abanye baze bayiqambe negama lomunye woKhokho babo. Bayihashe nangezihasho zakhe. Okuhle ngeNtindili wukuthi uma ungasathandi ukuyisebenzisa uyayibikela ukuthi awusathandi ukuyisebenza , usuyayilahla-ke manje. Ayinawo umkhuba ngoba ayikhona ukuthwala. Uyagxoba ,uyilahle nje kungabindaba zalutho.   INtindili iyamvikela umuntu kokubi. Labo abayisebenzisayo bayiyiphatha uma bezoya ezindaweni ezibalulekile , ezifana nokuyofuna amaThenda, iMisebenzi, kanye nokunye. Basuke bekholelwa ekutheni yiyona iNtindili eyobavulela amasango. Bayayiphatha futhi nanxa bezothatha uhambo olude, bayibeka emotweni ngaphakathi. Imandla kakhulu iNtindili ngisho ezindaweni okuthiwa kuginqika izimoto , ziginqwa yimimoya yabantu abashona bangalandwa, ngeNtindili luba luhle uhambo ,akwenzeki lutho. Ngisho nasezindaweni okuthiwa kuzo kukhona iSipoki esihluphayo esiwisa izimoto, ngeNtindili ngeke uze usibone. Uma nje kukhona ophethe iNtindili kuleyo moto noma kuleyo Tekisi akukho lutho oluyobonakala. INtindili ibuye isetshenziswe izinsizwa ezingoPhunyukamephethe, izinsizwa ezihlezi zivika amaphoyisa ngenxa yamacala ezinawo. Nazo ziyibeka ezimotweni, zisuke zikholelwa ekutheni iNtindili iyozivikela kwaboMthetho. Abanye bayisebenzisa njengeSibunge seBhizinisi, bayibeka emaBhizinisini abo, idonse abantu. Indonse nemali. Iyafakwa futhi nasezindukwini ezimhlophe zokuphalazela ukwakha inhlanhla. Ayigaywa, ayigxotshwa, uyifaka injalo kule Nduku osuke uzophalaza ngayo. Noma amanzi osuke uzophalaza ngayo. Yakha enkulu inhlanhla le. Kuningi okwenziwa iNtindili. Abanye bathi iNtindili ayisetshenziswa yinoma ubani, isetshenziswa kuphela yizona iziNtindili okungabantu abangasenabani, asebashonelwa yibo bonke abakubo kanye nezihlobo. Baqhubeka bathi uma uyisebenzisa abazali besaphelele bayoshona bonke, kushone futhi nezihlobo onazo. Engingakusho wukuthi abeSilo kudingeka benze olukhulu ucwaningo ngeNtindili ngaphambi kokuba bayisebenzise.

#Khumu!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV 📺”uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi

Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe🙌🏾

INtindili

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo