Incazelo ngomuthi iMoringa Tree🖋️👇🏾

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu,uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe🙌🏾

Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi.
Lesi sihlahla enisibona esithombeni kuthiwa iMoringa Tree. Asinalo igama lesiZulu. Lesi isihlahla esinconywa kakhulu ngoDokotela basemhlabeni jikelele. Basithwele ngeQoma, bathi yisona esihamba phambili ekudambiseni amandla esifo  sikaShukela phecelezi i-Diabetes ,ikakhulukazi lena ebizwa ngePre-Diabetes. Lona wumuthi owande lena kwelaseNdiya, nokuyilapho waqala khona. Uyatshalwa lomuthi, kepha uyazikhetha izindawo. Kwezinye izindawo uyakhula kahle , uthele nezithelo, kwezinye ufa usemncane. Lapha eNingizimu Afrika utholaka eLimpopo. Kusebenza amacembe kulomuthi. Bayawomisa, bagaye impuphu enombala oluhlaza ebizwa ngokuthi i-Moringa Powder. Le mpuphu iyatholakala nasezitolo ezinkulu. Le mpuphu isetshenziswa ukudambisa amandla esifo sikaShukela, inekeza amandla amaSotsha omzimba,phecelezi ‘it boost immune system.’ Idliwa nePhalishi elithambile , elingenawo ushukela. Noma ithelwe nje iNgilazini yamanzi, kugoqozwe, bese kuyaphuzwa. Noma ngithelwe eNgilazini yobisi, kuphuze lona okhathazwa isifo sikaShukela. Le mpuphu inhle kakhulu koBaba abangayitholi inzalo, abanenkinga yokuthamba kweNduku,noma ukuwa kwayo. Iqinisa iNduku, iyenze isebenze ngendlela eyejwayelekile. Iba mandla kakhulu uma ifakwa eNgilazini yobisi,iphuzwe nobisi.Esikhathini esiningi iNduku ithanjiswa inkinga yesifo sikaShukela, kwesinye isikhathi kuba wubuKhunkuli. Amacembe eMoringa Tree ayangena embizeni yoMvusankunzi. Aqhathwa noDlutshani, uMdubu ,izingxabu zeSende lenja kanye neminye imithi. Amacembe asemanzi awumuthi omuhle wemikhuhlane enhlobonhlobo ikakhulukazi ezwelisa amakhaza, noma ehamba nenyongo. Ayabiliswa, ebese ephuzwa njengeSiphungo esishisayo yilowo osuke ephethwe wuMkhuhlane ,phecelezi Flue. Ayagquma nokugquma . Isithelo seMoringa Tree esesivuthiwe siye sonyise ,bese sithakwa ePhilisini lokudambisa isifo sikaShukela, sithakwa oSosanyensi. Lelo Philisi liba nombala onsundu phecelezi brown. Kulo muthi kusebenza kakhulu wona amacembe,angikaze ngizwe lutho ngezingxabu nexolo.
#Khumu!
Thola ulwazi uthe xaxa ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’📺

Niphile nje nina bakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini🙌🏾


IMoringa Tree

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo