Incazelo ngenyoka iNyandezulu🖋️👇🏿
Nina bakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini🙌🏿
Yini iNyandezulu?
INyandezulu yinyoka encane ngesidumbu, inombala uluhlaza ,inamabadlana amnyama entanyeni. Yiyo lena eniyibona esithombeni. NgesiLungu kuthiwa ‘iSpotted Bush Snake’ .Le nyoka akuyona iNdlondlo noma uDloko nina beSilo . INyandezulu inyoka engenabo ubuthi,noma ilume umuntu akafi. Le nyoka ikhonze ukuvakashela abantu emakhaya, ifike izisonge othangweni, noma ingene ngaphakathi impela endlini ,ihlale ezintingweni. Le nyoka ibukeka ihlaniphile kakhulu, ihlezi igijimisa amehlo. Ayiwasusi kakhulu kulona oyibone kuqala, iwagijimisa ilokhu ibheka ngakuye. Abantu abansundu bakholelwa ekutheni le nyoka iyinyoka yedlozi. Bakholelwa futhi ekutheni uma ike yabonakala ekhaya kusuke ukungaBantu abadala abasuke bevakashile. Ngakho-ke kudingeka ukuba uSokhaya ababembe iSiphongwana ahlabele aBaninimuzi ,aphise noKhanjana lotshwala- abonge ukuvakasha kwabo ekhaya . Abantu abangasekho (amaDlozi) babizwa ngeziNyandezulu nje kususelwa kuyo le nyoka . Kukholelwa futhi ekutheni lona osuke eyibone kuqala le nyoka,nguyena kanye esuke ize kuye. Ngakho-ke imbuzi ehlatshelwa le nyoka kanye notshwala obuphiswayo buqondaniswa naye lona osuke eyibone kuqala,nesiphandla saleyo mbuzi sifakwa esihlakaleni sakhe. Le nyoka iNyandezulu ayimulibali umuntu oyibone kuqala. Ngisho noma isihlaselwa ,sekugcwele abantu endlini amehlo ayo iyolokhu iwathe njo kuye. Nanxa isibaleka ibalekela ngakuyena. Phela kuyenzeka ukuthi abantu bayishaye ngenxa yokwentula ulwazi . Kodwa ngokomthetho akufanele le nyoka ibulawe. Iyayekwa nje izihlalele ezintingweni noma othangweni iyoze ihambe ngesikhathi sayo. Uma ulalela ukubizeka kwegama layo ungaze ufunge uthi kushiwo uholokoqo lwenyoka,kanti kushiwo inyoka engatheni, engenawo futhi noshevu . INyandezulu iyavela ezibongweni zeNkosi uZwide ka Langa yabakwaNdwandwe uma kuthiwa ” Emithini ufana namuphi na? Ufana noMnyamathi. Ezinyokeni ufana nayiphi na? Ufana neNyandezulu.”
Ibuye ivele futhi nasezibongweni zenkosi uMzilikazi ka Mashobana yaBathwakazi uma kuthiwa ” UMachoph’amhlophe eNhlambamasoka uyadela ngonyalwa ziNyandezulu zamaMbulazi” . Lena inyoka ezilungele futhi engahlaseli muntu ,engenaso futhi nesihlungu. Ake ngime lapho nina bakaNombanga kubuya wawoPhalo.
Thola ulwazi ngamakhambi nangokwelapha kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺
#Khumu!

ngyabonga kakhulu kakhulu lenyoka ngyayazi ngyaye ngiyaye ngibone kodwa anginalwazi olugcwele ngayo kodwa bengihlonipha ngolwazi lwam oluncane.cha sbonge kakhulu ngokuthekela ulwazi olumnandi ngaleslwane.
Hau yazi lenyoka ibisembhedeni ilule ikhanda emvakwam ngihleli okusho ukuthi ngalala nayo ngoba ngaybona ngao10 ekseni ngavuka late vele kodwa ngibe ngihlala emqashwenikanjan
Mna ngathi kuthethwanam ndigqibokuyibona lenyoka monday
Min ngisanda kuyphupha nje ngoLwesthathu kulesonto.nd owangichazel wangitshel kanjalo wathi indlozi .syabonga kakhul ukusicobelela ngolwaz aii awudlali ngathi lokh okushoyo kuyikhon
Mapholoba
Yazi lenyoko ngisanda kuyibona kuthangi imaqondan nomunyango wendlu yami ngathi mangiphuma nje nayi ngenhla kwekhanda lami Ngavele ngayibuka ngabuz gogo ngamukhombisa wathi ayi inyoka yalayikhay Lena abantu abadala bazobon wen wathi kshuthi bayezwa kulokhu kulukhu kumenyezw wen bazokbon kwazise phela bese ngineminyaka engu4 ngingafiki ekhaya.
Ndiyabulela kakhulu ngenkcazelo yakho ngalenyoka IYINAMBEZULU ngokokwethu maXhosa. Ndiyibonile kakhulu wokuqala ihleli exhantini ngasekunene ebuhlanti xa ndandiyiyochama khona. Okwesibini ndiyibone emfanteni amazinki , okwesithathu iphume phakathi kwezitena ezifumbe phambi kwendlu. Onke lamathuba mabini okugqibela ndiyibulele ndayitshisa ngongazinto phofu ngayo.kodwa dither ndakufunda ngayo apha kwi- ndabujo Yakho ndazisola , ndayokuthetha emaxhantini ndihlambulula, ndixolisa ngesenzo sam sokungazi phofu. Camagu
Wena weSilo
Ngayibona ngo see 2016 angikhalanga kanje emini kwa bhaa emqashwen ngenza iwashing yhoo kodwa nkosi saphuma sahamba isi-aram sedlozi
Lenyoka ngiqeda ukuyibona manje la engiqashe khona ikhuphuka ngesiqu sesihlahla la engiqashe khona