Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo⬇️

UMngoye Ka Dingiswayo
01 Dec 2022⬇️

Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo.

UMngoye wabe engenye yamadoda eSilo saBathethwa, iSilo uDingiswayo ka Jobe ka
Khayi . Ngokomlando obhalwe phansi ,ezincwadini zoStuart , Bryant nabanye
kuthiwa iSilo uDingiswayo sakhothama ngo1818,ngesandla senkosi uZwide ka
Langa,yaMandwandwe. Kuthiwa sakhothama singayikhombanga indodana eyabe
izothabatha isikhundla sayo,uma sona sesikhotheme . Kwasuka isidididi
kwelaBathethwa emuva kokukhothama kweSilo uDingiswayo, uMondisa ka Jobe
wazibeka njengenkosi yaBathethwa . Esezibekile kuthiwa waqala ukusoconga
izikhulu zakwaMthethwa ezabe zingahambisani nokuzibeka kwakhe . Kuthiwa
wabulala eziningi impela izikhulu. Kepha naye wagcina eshonile , ebulawa yimpi
yeSilo uShaka . Kuleso sidididi ,noma ngithi kulezo zinxushunxushu kuthiwa
kwaba khona aBathethwa abalifulathelayo elaBathethwa . Kubalwa nenkosana yeSilo
uDingiswayo,uSomveli okuthiwa waphikelela kwaSoshangane,kwaGasa ,eMuzambikwe.
USomveli wazala uSitimela , owagcina ephindele kwaMthethwa ,wayozama ukuthatha
ubukhosi kepha kwahlanga zemuka nomoya . Isizathu esabangela ukuthi abanye
baBathethwa bathi nyomu kwelaBathethwa kwaba wukuthi emuva kokubulawa
kukaMondisa ebulawa iLembe, iLembe labeka uMmbiya ka Shangana ,owabe
engafanelwe ubukhosi ,kwazise wabe engowaseKhohlo. UMngoye ka Dingiswayo yena
akafudukanga, waqhubeka ehlezi kwelakubo, waze wafuduka sekubusa iSilo uMpande.
Kuthiwa iSilo uMpande saba nokungaboni noKhuzwayo,enye yamadodana eSilo
uDingiswayo. UKhuzwayo wabe eyiNyosi, ibutho leZinyosi kuthiwa labuthwa iSilo
uShaka ngo1828, lezo izinsizwa ezazizalwe ngo1808. Leli butho lalisekhona
nangesikhathi sokubusa kweSilo uMpande . Bathi ukungaboni ngaso linye phakathi
kweSilo uMpande kwaphetha ngokuthi iSilo uMpande simgoduse uKhuzwayo😭😭.
Kwathi lapho esebulewe uKhuzwayo, uMngoye wangenwa yiTwetwe , wabe esebaleka
ewela uThukela ,wakha ngakwaDukuza ,ngasemfudlaneni iMbozamo . Kuthiwa wabuye
wathuthwa ,wayokwakha ngakwaMaphumulo, eZinsimba . Kulapho idlinza lakhe
belikhomba khona. UMngoye wazala uMatshwili. Kuyavela ukububaleka kukaMngoye
ezibongweni zakhe uma kuthiwa ” INhlangu yakith’uMaqolotha, eyashay’uMpande
ezalwa nguSenzangakhona”.

*UMngoye wayehashwa ngokuthi*⬇️

UDambuza mthabathe!
UMabala ngamazipho
USilinda madala akoPhuthini
UBhamuza-bhamu!

UQotho umba ngomkhonto
UDandazi ongakwezi
UManq’aphangel’oswini
UGunqugunqu,
IThol’elehle ngamandla kuMpikisana
Liyobulal’izitsha koFamandla

USinqundu singakwena kweziNsimba
Khona kwena kungafakwa lunyawo
Imbazan’ethandel’izindlu zabefundisi
Inhlangu yakith’uMaqolotha
Eyashiy’uMzimba ezalwa nguGobo
Yamshiy’uMpande ezalwa nguSenzangakhona

UMbabala kayichacaz’ematsheni
Ngoba yesab’izinzipho ukuqobeka
Oth’esadl’ezinye ,wadl’ezinye
Ngokudl’ezikaSogwayambiwa ka Mdinwa
Wadl’ezikaFamanda ezalwa nguMsweli emaNgadini

Wadl’ezikaSomfula ezalwa nguGada ebaThenjini
Wadl’ezikaMfocozwa ezalwa nguMsweli khona emaNgadini
Wadl’ezikaMbakuyana ,ezalwa nguSihhiya kwaMsweli
UNkomo zamadoda zinenkelenkele
Odl’ezikaMsolwa ka Govuzana ebaThenjini

Wadl’ezikaMsingizane ka Mnyakazi eMdletsheni
Wadl’ezikaNtabatha ezalwa kwaNgiba
Wadl’ezikaMbongwana ezalwa khona kwaNgiba

*Inkosi kayiqedwa, ilibinda*

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺
,uyothola nolwazi ngamakhambi.

#Khumu!

UNqqongqoshe uNathi Mthethwa

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo