Shembe

Umlando ngesibongo sakwaShembe

 

Abantu bakwaShembe baphuma kuMantungwa akwaDonsa , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u-Mayekisa owazala inkosi u-SHEMBE [u-Mqaliwendlela ].

Ngesikhathi senkosi uSenzanzangakhona umuntu owayegqame kakhulu kulesi sizwe sakwaShembe kwakunguMzazela kaSokhabuzela , owabe eyisangoma esasibuye sibe yinyanga sazi ukuhlanganisa amakhambi. U-Mzazela lona wayakhe ngaphesheya komfula iSikhwebezi , umuzi wakhe kwakuseNontandabathakathi . Kuthiwa wayewazi impela amakhathakhatha kangangokuthi wayeze asindise nalabo abalahlwe amacala , sekufanele babulawe .Kwakuthi ngisho umuntu owayenukwe ubuthakathi eselahlwe yicala sekufanele abulawe , u-Mzazela wayemncengela enkosini uSenzangakhona ayicele ukuba imxolele lowo muntu . Kuzothi -ke uma esexolele lowo muntu u-Mzazela abe esemthatha amqashe abe ngomunye wabazomba imithi yakhe . Kuyileso sizathu-ke umuzi wakhe wagcina waziwa ngokuthi kuseNontantandabathakathi . Kwahamba-kwahamba u-Mzazela waboniswa ebonizwa yizwi ukuthi  kudingeka efudukile kwaZulu ngoba endlini yakhe kuzozalwa isithunywa senkosi esiyohlanganisa abantu abansundu. Kuthiwa labuye laqhubeka izwi lathi makabaleke impela ngoba kwaZulu kuzoba khona inkosi ezoshakazisa izizwe .[Lalisho iSilo u-Shaka] .Ngempela-ke u-Mzazela akabange esachitha sikhathi, wabe esebaleka elibhekisa eNtabazwe lapho afika akha khona enye futhi iNontandabathakathi .Wafika wakhelana nesizwe saseMahlutshini  ngaphansi kwenkosi uLangalibalele wagcina esenguNdunankulu wayo .

U-Mzazela wazala inkosana yakhe u-Nhliziyo eyazala u-Mayekisa owaganwa yintombi yaseMahlutshini u-Sitheya indodakazi kaMalindi kaMthimkhulu owabe engesinye sezikhulu zakhona eMahlutshini. Lo Sitheya wabe eyindodakazi yakhona eMahlutshini futhi engowesifazane ohlanzekile onesimilo , engayazi sidalo indoda . USitheya lona kuyavela ukuthi uMvelinqangi wayemvakashela amtshele ukuthi angazingcolisi ngoba okhalweni lwakhe kuyovela inceku eyosindisa abantu abansundu futhi leyo nceku iyoba namandla amakhulu . Kodwa uSitheya wayengakunaki lokho ngoba wayengazi ukuthi lelozwi elikhuluma naye lichazani .Kuningi inkosi eyayimtshela khona emaphusheni noma ebhekile nje .Eseganile uSitheya wabe esekhulelwa kodwa abantwana bakhe bavele bafe . Phela kwakusasebenza wona umoya kaMdali ngoba efuna uShembe owayengakazalwa abe ngomdala esiswini sikaSitheya . Kuthe esekhulelwe futhi labuye lafika futhi lelo zwi lamazisa ukuthi uzozala inceku eyohlenga isizwe esimnyama ekubhujisweni .Ngempela ngowe-1886 wazalwa umntwana ,uyise uMayekisa wametha igama wathi nguMdliwamafa ezwe,elinye wathi nguMloyisa ,owakhothama ngonyaka we-1935.Umkhulu wakhe kwabe kunguNhliziyo ,wametha igama wathi nguShembe nokwenza lagcina sekuyisibongo .Namhlanje lamaNtungwa aziwa ngakho ukuthi ngawakwaShembe . Banda -ke abantu bakwaShembe bayatholakala koNanda ,Ndwendwe ,nakwezinye izindawo .UShembe wazala kakhulu ngoba waba nabantwana abayi-15 kodwa kwaphila abayisihlanu .UShembe waqopha umlando ngokuqalisa ibandla elikhonza ngokulandela amasiko esintu futhi libe lingayekile ukulandela imithetho yencwadi engcwele. Leli bandla eselidume umhlaba wonke aliqamba ngowe-1910 laziwa ngokuthi Nazareth Baptist Church .UShembe kunkosikazi wakhe wokuqala wazala uStanela ,uZondi [indodakazi] owagana iSilo sakwaDlamahlahla uMaphumzana[uSolomon]. UStanela yena akamlandelanga enkolweni njengabafowabo .Yena waziphilela impilo yesintu .Ezinye izibongo eziphuma khona kwaShembe ngesakwaDonsa ,Nhlanzi nezinye .

Ukwelamana kwabakwaShembe :-

-USokhabuzela wazala uMzazela
-UMzazela wazala uNhliziyo
-UNhliziyo wazala uMayekisa
-UMayekisa wazala uMdliwamafa ezwe[uShembe]
-UMdliwamafa ezwe wazala uStanela , uZondi [intombi] iNkosi uJohhanes Galile [ILanga lamalanga] [1904-1976]
INkosi uAmos Khula [Inyanga yezulu] [1906-1995] noMfundisi uNhlangakazi
INdlu yaseKuphakameni :-
-Inkosi uJohhanes Galile yazala inkosi uLonda
-Inkosi uLonda yazala inkosi uVukile [iNcoyincoyi] okuyiyona esesihlalweni ukuhola ibandla
Indlu yaseBuhleni :-
-Inkosi uAmos Khula [Inyanga yezulu] yazala inkosi uVimbeni [Uthingo lwenkosazana] osekhotheme
-Yena wazala inkosi uMduduzi [uNyazi lwezulu] okuyiyona esesihlalweni ukuhola ibandla

Izithakazelo zakwaShembe :

Mntungwa
Mzazela
Nhlanzi kaPhoswa
Donsa
Mashiyamahle anjengoboya benkonyane

Izibongo zeNkosi yaseKuphakameni iNkosi  u-Isiah Mudliwamafa Shembe (UMqaliwendlela)

Ithole lakithi kwaNontandabathakathi
Lafohla imvalo ebivale emasangweni
AkwaNontandabathakathi
Ngoba lalaziwa izwi lombizayo
Uyagobhoza njengamanzi oThukela
Akanakuvinjelwa.

Undaba zasuka kwaNontandabathakathi
Zajula zaya kweliphezulu
Zathi ma zikweliphezulu
Zabanemvunge,zavunguzela
Zawa eMthandeni emzini wenkosi kwaMaphumulo
Kwaxokozela amadoda amangala
Amangala kuMaxhayi umntanmlungu
Usayitsheni wahloma
Kwahlangana amehlo wavuma
Wathi ndaba zimnandi zeseKuphakameni

Undaba zavela obala
Zavela emehlweni amadoda
Zabuzwa izazi kwelaseNanda
UJan-Dube umfo wakwaNgcobo
Lavuma iThestamente
Lavuma iBhayibheli wadana

Umnyovu waveva,Unomisa izintaba,
EMaphephetheni,
Usomela othini njengethente
UMondliwa kakhuluphali
Ngoba ondele izwe lobomi
UNomlethi kanoMadinana
Zonke izizwe zithi mlethe

*Usidlangudlangu,Udobongwana,

Inkomo izakwaphuka uphondo
KwezikaNyathikazi,
Inkunzi yakithi eKuphakameni
Iliphondo lunye
Ihlaba ezinye emaswebeni
Umlamula nkunzi
Ngabe uziyeke zabulalana

Unoqandela
Uyazi ngokwakhe,
Uqili labanjwa
Beligunge ukhololo
Emisilingeni eKuphakameni
Umbabazi waba ngundilevu

Usihlahla sothathwe
Sibambe uMaBhungane
Ngezansi komuzi eKuphakameni
Nanamuhla sisambambile
Ugebhu mbana phansi
KwelaseMzumbe
Kwavela amanzi
Amadoda athola isimanga
Indaba ungayizwa ngotokoloshe
KwelaseXopho ,eMzimkhulu
Isitimela sema obala
Lapho ngemunga kungemtholo.

Umabheka kafikanga
Ubuye wabambeka
Ubebhekwe ngabaningi
Isambane esimba umgodi singawulali
Usalulalwe ngabantwana
Uthenge amagquma
Wathenga izintaba
Wathi salani bantabami nidumise
Ngonilandela abanye
NakwaMzilikazi kaMashobana ngofika

Ubatshazwe uVelemu
KwelaseMhlahlane
Umfana kaMpatsha
Wathi mtaka Nhliziyo senginovalo
Umzimba uyathuthumela
Intendele ibindwe emlonyeni

Wabatshazwa amakhosi
Akithi kwaNyuswa
USwayimane kaZiphuku
Wathi nalu uswazi
Oluncokazi olukaThixo
Wabatshazwa uHamu kaHovoza
Wathi ugaqa libomvu nangaseKuphakameni

Ingidingidane ebebeyigidisa
Umgidi ogide lashona ilanga
Usikhwama senyenga asikhethi
Umafunda nezibi akabakhethi
Uyobakhetha phambili

*Uhlamuka siwele

Siye kwelakithi kwaZulu
Umhlamuka ngevangeli
Ivangeli elashunyayezwa
Ngabamhlophe nabansundu
Bathi alihambe
Liye ekupheleni komhlaba
Lithe libuya laseliphethe
Amalangabi omlilo
Lashisa amagquma nezintaba
Lathunga iziholo ,lazibhinca amabheshu
Baliphika bathi akulona leli vangeli
Esalishumayelayo

Umlilo ovuthe eNdulinde
Bawucima
Ukhwezelwe uShandu kwabaseNdulinde
UShandu bamsongela
Bathi Shandu wakhwezela isikhuni somlilo?
UZombeyana umntanomlungu
Ubethi uyawucima wawubangela phambili

UNompanda bemguqula
Impisi engenamngani
Idla akade beyihlekisa
Yadla akade beyiphulula
Ukhakhayi lwezinkomo
Zakithi eMkhayideni
Ulanga phuma sikothe
Nabalothayo liyabahangula
Ombongi zethe ziyabongela
Ngaphambi kwamasango aseKuphakameni
Kwatatazela uBukhosini
Wakwabanezilevu
Wathi July mfana kaNgema
Wangena emangeni wavuma

Ubehlasela ngevangeli
KoMtubatuba
Bagijima baya eNkantolo
KwaNongoma .
Bathi nangu umtaka Nhliziyo
Uhlasela ngevangeli
Kodwa akabizwanga muntu
Kube ndaba ziphuma ethendeni

Ubendlondlo enganasibiba kwabakayise
Inesibiba kwabezizwe
UbenguBhombela
Isitimela samaMpondo

#INkosi kayiqedwa! Ilibinda!

Izibongo zeNkosi yaseKuphakameni iNkosi u- J G Shembe (ILangalezulu)

Uphuhla phansi
Njengekhowa
Ophuhle emasangweni
Omuzi waseKuphakameni
Ugubh njengamamba
Bethuka
Unkani zababili bayeza
UJan -Dube umfowakwaNgcobo
NoShepstone umtanomlungu
Bathi uma befika
Bathi alihambe leli vangeli
Liye ekupheleni komhlaba
Lakhe izikole lakhe amakholishi

Usilwa ngomnyama bekuzakusa
Usihlangu gudlana nezabafundisi
Imvungamvunga
Ebivungama esiNothi
Kuye kwazamazama  inhlalisuthi yahlina

Uniniva umfowakwaNgcobo
Obekade eyihlomisa
Usejame ngebhawodi emqokolwini

Umahlombe ayingungu
Ngokungungubala
Obambe izintaba ezimbili
INanda neNgqwaqube

Usihlahla somdlebe asihlalwa nyoni
Sihlalwa zonyoni zezulu kuphela
Umbambo zangiminya
Ukuba azingiminyanga
Ngabe ngingoNhliziyo noMayekisa

Inkosi yensizwq iwele
NgelakoGwabhaza
Izulu laphenduka.
Kuye kwazamazama abakwaShangase
Babikela abaseThafamasi
Bathi kukhulu namuhla kuyeza
Okwanamuhla kwendlula okwasendulo

Usihlahla somqokolo
Simile ngaphakathi eKuphakameni
Uma uke wasithinta sizokuhilela
Sihambe uGobile umfoka Msikatshana
Wamema bonke abaseNdiya
Babanga enkantolo eMdloti
UMaBhungane wafika wazungeza inkantolo
Wavungazela wathi angazi
Mfoka Msikatshane
Uthinte esomqokolo
Mina esothathwe sisangibambile

Unyoka zehla emthini
Zakhwela ngemilenze
Yamadoda akwaSokhulu
Ushone ngesikhala sezintaba ezimbili
KwelasOngoye
UMfasimane noHuhuhu
Izulu laphendula
Wabatshazwa uJoseph
Obezalwa uMajozi

#INkosi ayiqedwa!

Izibongo zeNkosi yaseKuphakameni iNkosi u-AK Shembe (INyangayezulu)

Ithole lakithi eKuphakameni
Umphikeleli ophikelele
Amadoda aphekula
Abesebize izinyanga eKuphakamen
Umphikeleli ophikelele
Abafazi bamaphekula
Sebephendukezele izidwaba
Bazibhekisa emuva
Ngoba bethi balokotha
Inyanga yezulu
Kanti bayazilokotha

Izulu elidume phansi
Kanti amazulu aduma phezulu
Igwalagwala elimajubane amabili
Elokuya nelokubuya
Ungalo zinde
Azilingani nezamaphekula

Usagila somsinsi
Esishaye izikhova ezimbili
Sishaye eaendoda nesomfazi
Ngoba sishaye uKeneth nomkakhe
Basukuma  babhuduzela
Phambi kwamajaji
Umgabadeli
Omemeze iNingizimu neNyakatho
Ngoba umemeze iNingizimu yavuma
Wamemeza iNyakatho yavuma
Wamemeza iMpumalanga yavuma
Wamemeza iNtshonalanga yasabela

Inkunzi yakithi
Egwaza iguqile
Ngoba idumaze izinyanga zamaphekula
Zabuya sezijabhile
Zibuya eMgungundlovu
Sezilengise amadlebe
Kuhle kwamankankane
Elengise amaphiko
Engatholanga lutho

UNodumehlezi
Engamuzwa ngisemncane
Namuhla ngikhulile
Ngimbona ngamehlo
Inkondlo bayivumile
Ngoba ivunywe ngaphezulu
Yavunywa ngoMzazela noNhliziyo

Umthente ohlabe usumdala
Kanti yonke imithente
Ihlaba isamila

#Inkosi ayiqedwa

**Izibongo zoNyazi lwezulu**

[Inkosi uMduduzi Shembe]

Umlilo oshe ubuha nguhangu!
Igagu le cilongo
Oli bethe esangweni kwaMasikana.
Sagas’ umqhuqhumbel
Izindaba ngazizwa ngexhegu umasal’ emzileni,
Izindaba ngazizwa ngesalukazi umasal’ emanxiweni!
Insika yeZulu evunywe abaphansi naba phezulu!
Ugwej’ obomvu njenge ntolwane!
Umphezul’ odlule kwavuma abacuphi besilwemb’ eVokwe!
Umqokolo ohlaba ifumuka nesi tshodo!
Ilumbo eladla abaloyi!
Ugala gala wase Phayindane!
Isigejane saphenduka imihathayiya!
Umnsinsi woku zimilela wo Thingo!
Imamba ihlokoloz’ emgodini wabase Thembezinhle, Langalimbe iyaku khwela ngeyingalo zamadoda!
Ihluz’ elikhon ukuvova neno amahluzi evova kuleli elingamntsha wendoda!
Inyosi eqhoqhobal’ ivangeli!
Nyazilwezulu! Sihlangu simlaza sokunqoba!
Esita kulwe isandla sokunene!
Insingizi ethe isuka yajubalala!
Itshe eligaya ngomunye umhlathi!
Nyazi olubopha amadoda!
Sihlangu samakholwa!
Umthente ka Bhombela ohlab’ usamila!
Uyingcweeeeeeele!”
Nkosi Yama Khosi Amen

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo